ISIFUNDO 17
Ukusetshenziswa Kombhobho
ABAFOWETHU nodadewethu abangamaKristu bachitha isikhathi esiningi namandla beya emihlanganweni yobuKristu. Ukuze bazuze kulokho okushiwoyo, kumelwe bakwazi ukukuzwa kahle.
Ezinsukwini zika-Israyeli wasendulo, yayingekho imishini yokukhulisa izwi. Lapho uMose ekhuluma nesizwe sakwa-Israyeli emaThafeni akwaMowabi ngaphambi kokuba singene eZweni Lesithembiso, bezwa kanjani bonke ababelalele, ababebalelwa ezigidini? Cishe uMose wasebenzisa abantu ababemi ezindaweni ezithile ezifanelekayo kulo lonke ikamu ukuba baphinde ayekusho. (Dut. 1:1; 31:1) Ngemva nje kokuba u-Israyeli eqale ukunqoba izwe elisentshonalanga yeJordani, uJoshuwa waqoqela isizwe phambi kweNtaba iGerizimu ne-Ebali, ngokusobala kunamaLevi esigodini esasihlukanisa lezi zintaba. Belapho, bonke abantu bezwa futhi basabela ezibusisweni zaphezulu naseziqalekisweni ababetshelwa zona. (Josh. 8:33-35) Kungenzeka ukuthi nakulesi senzakalo kwasetshenziswa abantu ukuba baphinde okwakushiwo, kodwa akungabazeki ukuthi ukuma kwendawo okuhle kakhulu okukhulisa imisindo ngokwemvelo kwasiza kakhulu.
Cishe eminyakeni engu-1 500 kamuva lapho ‘isixuku esikhulu kakhulu sibuthana’ oLwandle LwaseGalile sizolalela uJesu, wakhwela esikebheni, wasiqhelisa ogwini, wahlala phansi ukuze akhulume nesixuku. (Marku 4:1, 2) Kungani uJesu akhuluma esesikebheni? Ngokusobala kungoba izwi lomuntu lizwakala ngokucace ngokumangalisayo phezu kwamanzi angagubhazeli.
Kuze kube sekuqaleni kwekhulu lama-20, ubukhulu nokuzwakala ngokucacile kwezwi lesikhulumi ngokuvamile kwakunquma ukuthi bangaki kwabalalele ababengase bakuzwe okushiwoyo. Nokho, kusukela ngawo-1920, izinceku zikaJehova zakwazi ukusebenzisa imishini kagesi yokukhulisa izwi emihlanganweni yazo emikhulu.
Imishini Yokukhulisa Izwi. Imishini enjalo ingalikhulisa kakhulu izwi lesikhulumi, ngesikhathi esifanayo igcine izwi lizwakala kahle. Isikhulumi akudingeki ukuba sikhandle imisipha yaso yokukhuluma. Izilaleli akudingeki zizame kanzima ukuzwa ukuthi kuthiwani. Kunalokho, zingakwazi ukulalelisisa isigijimi.
Kuye kwenziwa okuningi ukuze kuqikelelwe ukuthi kunemishini ekahle yokukhulisa izwi emihlanganweni yesigodi neyesifunda yoFakazi BakaJehova. Ngaphezu kwalokho, emaHholo OMbuso amaningi kusetshenziswa imishini yokukhulisa izwi ukuze ikhulise amazwi alabo abanikeza izinkulumo, abaqhuba imihlangano noma abafunda besendaweni yesikhulumi. Amanye amabandla ananemibhobho esetshenziswa yizilaleli lapho ziphendula phakathi nemihlangano. Uma ibandla okulo linayo le mishini, funda ukuyisebenzisa kahle.
Iziqondiso Eziyisisekelo. Ukuze usebenzise imishini ngendlela efanele, khumbula la maphuzu njalo: (1) Umbhobho kumelwe okungenani uqhele ngamasentimitha ayishumi kuya kwangu-15 emlonyeni wakho. Uma umbhobho usondele kakhulu, okushoyo akuzwakali kahle. Uma uqhele kakhulu, izwi lakho ngeke lizwakale. (2) Umbhobho kumelwe ube phambi kwakho, hhayi eceleni. Uma uphendulela ikhanda lakho ngakwesokudla noma ngakwesobunxele, khuluma kuphela lapho ubuso bakho buqondene nombhobho. (3) Yithi ukuphakamisa izwi lakho futhi ufake umfutho owengeziwe kunalapho uzixoxela nje. Kodwa asikho isidingo sokumemeza. Umshini wokukhulisa izwi uyolenza lizwakale kalula nje izwi lakho ezilalelini ezikude. (4) Uma uzwa kuthi susa okuthile emphinjeni, noma uzwa kuthi khwehlela noma uthimule, qiniseka ukuthi uyaliqhelisa ikhanda lakho embhobhweni.
Lapho Unikeza Inkulumo. Lapho nje uma endaweni yesikhulumi, umzalwane uyoqondisa umbhobho. Njengoba ewuqondisa, yima ngendlela engokwemvelo, ubuso bakho bubheke izilaleli. Beka uhlaka lwakho etafuleni lesikhulumi, uqiniseke ukuthi umbhobho awukusithi.
Lapho uqala ukukhuluma, lalela indlela izwi lakho elizwakala ngayo njengoba liphuma embhobhweni. Ingabe izwi lakho liphezulu kakhulu, noma ingabe amanye amagama anemisindo ehlabayo? Kungase kudingeke uthi ukuhlehla ngamasentimitha amabili nengxenye kuya kwamahlanu. Lapho ujeqeza uhlaka, khumbula ukuthi kumelwe ukhulume futhi ufunde kuphela uma ubuso bakho buqondene nombhobho noma buthé ukuba ngaphezudlwana kwawo, kodwa hhayi uma bungezansi kwawo.
Lapho Ufunda Endaweni Yesikhulumi. Kungcono kakhulu ukulibambela phezulu iBhayibheli noma enye incwadi ukuze ubuso bakho bubheke izilaleli. Njengoba umbhobho cishe uyobe uqondene nawe, kungase kudingeke ukubambele eceleni kancane lokho okufundayo. Lokhu kusho ukuthi ikhanda lakho kumelwe libe seceleni kancane kombhobho. Khona-ke lapho ufunda, izwi lakho liyoqonda ngqó embhobhweni.
Abazalwane abaningi abafunda eSifundweni Se-Nqabayokulinda bayama bese bekhuluma beqondene nombhobho. Ukuma kubenza bakwazi ukuphefumula ngokukhululekile futhi bafunde ngokuzwakala ngokwengeziwe. Khumbula ukuthi ukufunda izigaba kuyingxenye ebalulekile yomhlangano. Inzuzo etholwa izilaleli ixhomeke kakhulu ekuzweni lokho okufundwayo.
Lapho Uphendula Emhlanganweni. Uma izilaleli ziphendula ngemibhobho ebandleni lakini, khumbula ukuthi kusenesidingo sokukhuluma ngokucacile nangezwi elithé ukuphakama. Lapho uphendula, zama ukuyiphatha ngesandla incwadi efundwayo noma iBhayibheli. Lokhu kuyokwenza ukwazi ukubona okubhaliwe ube ukhuluma embhobhweni ngesikhathi esifanayo.
Kwamanye amabandla abazalwane babelwa ukuba bayise imibhobho kulabo abakhonjelwe ukuba baphendule. Uma kunjalo ebandleni lakini, lapho ukhonjwa, qhubeka uphakamise isandla ukuze umzalwane ophethe umbhobho abone ukuthi uhleliphi ukuze eze kuwe ngokushesha. Uma umbhobho kuwuhlobo olubanjwa ngesandla, zimisele ukuwuthatha. Linda kuze kube yilapho umbhobho usumi kahle bese uyaphendula. Lapho uqeda ukuphendula, buyisela umbhobho kumzalwane ngokushesha.
Lapho Usembonisweni. Ukusebenzisa umbhobho ngesikhathi somboniso kudinga ucabange kusengaphambili. Uma umbhobho ukwazi ukuzimela, wena uyokwazi ukusebenzisa izandla ngokukhululekile ekubambeni iBhayibheli nohlaka. Uma usebenzisa umbhobho obanjwa ngesandla, ungaba nenkululeko enkudlwana yokushukumisa umzimba, kodwa kungase kudingeke uhlele ukuba umsizi wakho akubambele wona. Ngaleyo ndlela, izandla zakho ziyokhululeka ukubamba iBhayibheli. Wena nomninikhaya kumelwe nikuprakthize lokhu ukuze umsizi wakho azi ukuthi kufanele awubambe kanjani. Khumbula futhi ukuthi lapho usendaweni yesikhulumi akufanele ufulathele izilaleli, ikakhulukazi lapho ukhuluma.
Emibonisweni yoMhlangano Wenkonzo bangase babe baningi abahlanganyela kuyo, futhi bangase bahambahambe endaweni yesikhulumi. Khona-ke, kungase kudingeke imibhobho eminingana. Kumelwe ibekwe kusenesikhathi noma inikwe abanemiboniso lapho beya endaweni yesikhulumi. Kudinga ukuhlela kusengaphambili ukuze kuqinisekwe ukuthi imibhobho isendaweni efanele ngesikhathi esifanele. Ukuprakthiza imiboniso kusengaphambili kuvula ithuba lokufundisa abazobe beyenza indlela yokusebenzisa imibhobho ngokufanele. Uma ningeke nikwazi ukuprakthizela endaweni yesikhulumi, kungase kube ukuhlakanipha ngalabo abayokuba sembonisweni ukuba babambe okuthile okulingana nombhobho ukuze baprakthize ukuwubamba ngendlela efanele. Ngemva komboniso, kumelwe bayibeke ngokucophelela imibhobho ebanjwa ngesandla, baqaphele ukuba bangakhutshwa yizintambo zeminye imibhobho njengoba besuka endaweni yesikhulumi.
Ukunaka indlela esisebenzisa ngayo imibhobho kuhlobene ngokuqondile nenjongo eyinhloko yemihlangano yethu, ewukuzuzisana ngokuxoxa ngeZwi likaNkulunkulu. (Heb. 10:24, 25) Ngokufunda ukusebenzisa imibhobho ngokuphumelelayo, singasiza ekufezeni le njongo ebalulekile.