Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 31 k. 190-k. 193 isig. 2
  • Ukuhlonipha Abanye

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuhlonipha Abanye
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Imifanekiso Esekelwe Ezimweni Ezijwayelekile
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukusebenzisa Izinsiza-kufundisa Ngempumelelo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ngingabenza Kanjani Abanye Bangihloniphe?
    I-Phaphama!—1992
  • Ingabe Uyahola Ekuboniseni Udumo?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 31 k. 190-k. 193 isig. 2

ISIFUNDO 31

Ukuhlonipha Abanye

Yini okudingeka uyenze?

Cabangela abanye, ubanike udumo.

Kungani Kubalulekile?

Ukuhlonipha kuyimfuneko yobuKristu evula amathuba okuba abanye bakwamukele kalula obabonisa kona eBhayibhelini.

IMIBHALO isitshela ukuba ‘sidumise abantu bazo zonke izinhlobo,’ futhi ‘singakhulumi kabi nganoma ubani.’ (1 Pet. 2:17; Thithu 3:2) Ngempela, bonke abantu esihlangana nabo ‘bába khona “ngomfanekiso kaNkulunkulu.”’ (Jak. 3:9) UKristu wabafela bonke. (Joh. 3:16) Futhi bonke bayakufanelekela ukuzwa izindaba ezinhle ukuze benze ngokuvumelana nazo futhi basindiswe. (2 Pet. 3:9) Abanye abantu banezimfanelo noma igunya elidinga ukuhlonishwa ngokukhethekile.

Kungani abanye abantu bengazama ukubeka izaba zokungayibonisi inhlonipho ekhuthazwa iBhayibheli? Isiko lendawo lingase lisho ukuthi ubani ofanelwe udumo kuye ngozalo, ibala, ubulili, impilo, ubudala, ukuceba noma isikhundla emphakathini. Ukonakala kwezikhulu zomphakathi okusakazekile kuyiqedile inhlonipho ngegunya. Kwezinye izindawo, abantu abanelisiwe nakancane izimo zabo ekuphileni, mhlawumbe basebenza amahora amaningi ukuze bathole izidingo zokuphila, futhi bazungezwe abantu abangahloniphi. Intsha icindezelwa ontanga ukuba ihlanganyele ekuvukeleni othisha engabathandi nezinye iziphathimandla. Eningi ithonywa izithombe zethelevishini eziveza izingane eziqinela abazali bazo futhi zibalawule. Kudinga umzamo ukuzigcina singashintshiwe yimibono yezwe enjalo ngabanye. Nokho, lapho sihlonipha abantu, kulula ukunikezelana nabo ngemibono.

Isingeniso Esinenhlonipho. Umuntu owenza umsebenzi wenkolo kulindeleke ukuba abonise inhlonipho ngokugqoka nangokwenza izinto ngendlela efanele. Lokho okubhekwa njengokuzilungisa okufanele kuyahlukahluka kuye ngendawo. Abanye bakubheka njengokwedelela ukukhuluma nomuntu ugqoke isigqoko noma ufake isandla ekhukhwini. Kwezinye izindawo, abantu bangase bazamukele lezi zinto. Cabangela imizwa yabantu bendawo ukuze ungabacasuli. Ukwenza kanjalo kuyokusiza ugweme izithiyo ezingakuphazamisa ekusakazeni izindaba ezinhle ngokuphumelelayo.

Kuyefana nasendleleni esibiza ngayo abanye, ikakhulukazi asebekhulile. Ngokuvamile, kubhekwa njengokweyisa ngezingane ukubiza abantu abadala ngamagama ngaphandle kwalapho zithole imvume yokwenza kanjalo. Kwezinye izindawo, abantu abadala nabo kulindeleke ukuba bagweme ukubiza abantu abangabazi ngamagama. Futhi, izilimi eziningi zisebenzisa isiqalo sobuningi esithi “ni-” noma igama elithile elibonisa inhlonipho ngomuntu omdala noma osegunyeni.

Ukubonisa Ukuthi Uyamhlonipha Omunye. Emiphakathini emincane kulindeleke ukuba ubonise ukuthi uyambona umuntu ohlangana naye, kungaba lapho uzihambela emgwaqweni noma lapho ungena endlini. Lokhu kwenziwa ngokubingelela, ukumomotheka, ukunqekuzisa ikhanda, noma ngisho nokuphakamisa amashiya. Ukushaya sengathi awumboni omunye umuntu kubhekwa njengendelelo.

Nokho, abanye bangase bazizwe benganakiwe ngisho nalapho ubonisa ukuthi uyababona. Kanjani? Ngoba basuke bebona ukuthi awubaqapheli njengabantu ababalulekile. Akuyona into engavamile ngabantu ukuba bahlukaniswe ngesici esithile esisemzimbeni. Abantu abakhubazekile nabanezinkinga zempilo ngokuvamile bayashalazelwa. Nokho, iZwi likaNkulunkulu lisibonisa indlela yokuphatha abantu abanjalo ngothando nangenhlonipho. (Math. 8:2, 3) Ifa lesono sika-Adamu liyasithinta sonke ngandlela-thile. Ungazizwa uhlonishwa yini uma abanye njalo nje bekuchaza ngezici zakho? Kunalokho, ngeke yini wathanda ukuchazwa ngezimfanelo zakho eziningi ezinhle?

Inhlonipho ibuye ihlanganise nokuqaphela ubunhloko. Kwezinye izindawo kudingeka ukhulume nenhloko yekhaya ngaphambi kokufakaza kwabanye ekhaya. Yize sithunywe uJehova ukuba sishumayele futhi sifundise, siyaqaphela ukuthi abazali yibona abagunyazwe uNkulunkulu ukuba baqeqeshe, bakhuze futhi baqondise abantwana babo. (Efe. 6:1-4) Ngakho, lapho ufika emzini othile, kuyafaneleka ukukhuluma nabazali kuqala ngaphambi kokuhilela izingane engxoxweni.

Okuhlangenwe nakho okutholakala ngokuhamba kweminyaka kumelwe kuhlonishwe. (Jobe 32:6, 7) Ukukuqaphela lokhu kwasiza iphayona eliselisha eSri Lanka elafika emzini wekhehla. Ikhehla laqale langalamukela, lithi: “Ingane engangawe ingangifundisa kanjani iBhayibheli?” Kodwa iphayona laphendula: “Empeleni, angizelanga ukuzokufundisa, kodwa ngizokuxoxela okuthile engikufundile kwase kungijabulisa kakhulu kangangoba ngifuna ukukuxoxela abanye.” Impendulo yephayona enenhlonipho yavusa isithakazelo saleli khehla. “Ngitshele-ke, yini le oyifundile?” libuza. Iphayona lathi: “Ngifunde indlela yokuphila phakade.” Leli khehla laqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Akubona bonke abantu abakhulile abayosho ukuthi bafisa ukuphathwa ngenhlonipho enjalo, kodwa bayoyazisa.

Nokho, kungenzeka ukuba uhloniphe kuze kweqe. Eziqhingini zasePacific nakwezinye izindawo, isiko lenhlonipho lokukhuleka lapho usangena emzini noma ufika emakhosini esizwe lingasiza oFakazi ukuba balalelwe bathole nethuba lokukhuluma namakhosi nabantu abaphethe. Nokho, ukubathopha ngokweqile akudingekile futhi akufanele. (IzAga 29:5) Ngokufanayo, ulimi lungase lube neziqu zokuhlonipha, kodwa inhlonipho yamaKristu ayidingi ukuba zisetshenziswe ngokweqile.

Ukukhuluma Ngenhlonipho. IBhayibheli lisinxusa ukuba sichaze isizathu sethemba lethu “ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.” (1 Pet. 3:15) Ngakho-ke, nakuba singase sikwazi ukuveza masinyane amaphutha embonweni womunye umuntu, kuwukuhlakanipha yini ukwenza lokho ngendlela ezomehlisa isithunzi? Ngeke yini kwaba ngcono ukulalela ngesineke, mhlawumbe sibuze ukuthi kungani ezizwa ngendlela azizwa ngayo, bese sicabangela imizwa yakhe njengoba sibonisana naye ngemiBhalo?

Inhlonipho enjengesiyibonisa lapho sikhuluma nomuntu oyedwa kufanele ibonakale nalapho sikhuluma neningi sisendaweni yesikhulumi. Isikhulumi esihlonipha izilaleli zaso ngeke sizigxeke ngokhahlo noma sizibonise isimo sengqondo sokuthi: “Beningakwenza lokhu ukube benithanda ngempela.” Ukukhuluma ngale ndlela kumane kubadumaze abanye. Yeka ukuthi kungcono kanjani ukubheka izilaleli njengenhlangano yabantu abathanda uJehova nabafuna ukumkhonza! Lapho silingisa uJesu, kumelwe sibonise ukuqonda lapho sisebenzelana nalabo okungenzeka babuthaka ngokomoya, abangenakho okuhlangenwe nakho noma abangasheshi ukusebenzisa iseluleko seBhayibheli.

Izilaleli ziyoyizwa inhlonipho isikhulumi esinayo ngazo uma sizihlanganisa naso njengomuntu okudingeka asebenzise iZwi likaNkulunkulu ngokugcwele. Ngakho, kuwukuhlakanipha ukugwema ukusebenzisa njalo isabizwana esithi “nina” lapho sichaza imibhalo. Ngokwesibonelo, phawula umehluko phakathi kwalo mbuzo: “Ingabe wenza konke ongakwenza?” kanye nomusho othi: “Ngamunye wethu wenza kahle uma ezibuza: ‘Ingabe ngenza konke engingakwenza?’” Yomibili le mibuzo ibuza into efanayo, kodwa owokuqala ubonisa ukuthi isikhulumi asizifaki sona esimweni esifana nesezilaleli zaso. Owesibili ukhuthaza umuntu ngamunye, kuhlanganise naso isikhulumi, ukuba ahlaziye izimo zakhe kanye nezisusa zakhe.

Gwema ukuphonsa amagama okuntela ngenjongo nje yokuhlekisa izilaleli. Lokhu kwehlisa isigijimi seBhayibheli. Yiqiniso, kumelwe siyijabulele inkonzo yethu kuNkulunkulu. Indaba esiyabelwe ingase ibe nezinto ezihlekisayo. Kodwa ukululaza izinto ezingathi sína uzenze zihlekise kukuveza njengomuntu ongenanhlonipho ngezilaleli nangoNkulunkulu.

Kwangathi indlela esenza ngayo izinto, isimo sethu, kanye nesikushoyo kungabonisa ngaso sonke isikhathi ukuthi sibheka abanye ngendlela uJehova asifundise ukuba sibabheke ngayo.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Qaphela indlela uJehova abheka ngayo abantu.

  • Hlonipha ubunhloko, ubudala, negunya.

  • Vumela abantu baveze imibono yabo.

  • Ziqonde izilaleli zakho.

ISIVIVINYO: Cabanga ngomuntu omdala kakhulu noma omncane kakhulu kunawe. Cabanga ukuthi ubungamngena kanjani, ukuthi ungathini ukuze uqale ingxoxo naye, nokuthi ungenzenjani ukuze ubonise inhlonipho yangempela ngaye nangemibono yakhe. Yenza njengoba uhlelile.

Izindlela engingabonisa ngazo inhlonipho eyengeziwe

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․․

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela