Ukwenza Uhlaka
LAPHO babelwe ukunikeza inkulumo, abaningi basebenza kanzima beyibhala yonke, kusukela esethulweni kuze kuyofika esiphethweni. Ngaphambi kokuba inkulumo iphele basuke sebebhale amaphepha amaningi. Lokhu kungathatha amahora amaningi.
Ingabe uzilungiselela kanjalo izinkulumo zakho? Ungathanda yini ukufunda indlela elula? Uma ungafunda indlela yokwenza uhlaka, ngeke kuphinde kudingeke ubhale phansi yonke into. Lokhu kuyokunika isikhathi esiningi sokuprakthiza ukubeka inkulumo yakho. Ngeke kube lula nje kuphela ukunikeza izinkulumo zakho kodwa kuyoba mnandi nokuzilalela futhi ziyozikhuthaza izilaleli zakho.
Yiqiniso, kuba nohlaka olunikezwayo lwezinkulumo zeningi ezibekwa ebandleni. Nokho, akunjalo ngezinye izinkulumo eziningi. Ungase unikezwe indaba ethile nje kuphela noma isihloko. Noma ungase ucelwe ukuba ukhulumele ukwaziswa okuthile okunyathelisiwe. Ngezinye izikhathi ungase unikezwe iziqondiso nje ezimbalwa. Kuzo zonke lezi zabelo, udinga ukuzakhela olwakho uhlaka.
Isampula elisekhasini 41 lizokunika umqondo wokuthi uhlaka olufushane lungenziwa kanjani. Phawula ukuthi iphuzu ngalinye elisemqoka liqala ohlangothini lwesobunxele futhi libhalwe ngosonhlamvukazi. Ngaphansi kwephuzu ngalinye eliyinhloko kunamaphuzu ahleliwe alisekelayo. Amaphuzu engeziwe ayosetshenziselwa ukuthuthukisa lawo maphuzu ahlelwe ngaphansi kwawo nathé ukuqhela ohlangothini lwesobunxele. Hlola lolu hlaka ngokucophelela. Phawula ukuthi amaphuzu amabili asemqoka ahlobana ngokuqondile nesihloko. Bheka futhi ukuthi amaphuzu angaphansi awawona nje umhlobiso. Kunalokho, ngalinye lawo lisekela iphuzu elisemqoka elingaphansi kwalo.
Lapho ulungiselela uhlaka, lungase lungafani nsé naleli sampula. Kodwa uma uziqonda izimiso ezihilelekile, ziyokusiza ekuhleleni indaba nasekulungiseleleni inkulumo enhle ngesikhathi esingeside kakhulu. Ungakwenza kanjani lokho?
Hlaziya, Khetha Futhi Uhlele
Udinga isihloko. Isihloko sakho akuyona nje indaba ebanzi engabekwa ngegama elilodwa. Siwumqondo ongumgogodla ofuna ukuwudlulisela kwabanye futhi sibonisa ukuthi ufuna ukuxoxa ngani ngempela. Uma isihloko sinikeziwe, hlaziyisisa ngalinye igama eliyinhloko. Uma uzoyithathela ekwazisweni okunyathelisiwe, funda lokho kwaziswa unesihloko engqondweni. Uma unikezwe indaba nje kuphela, kuyoba kuwe-ke ukukhetha isihloko. Nokho, ngaphambi kokwenza kanjalo, ungase ukuthole kuwusizo ukwenza ucwaningo oluthile. Ngokugcina ingqondo yakho ivulekile, uyothola amaphuzu engeziwe.
Njengoba uthatha lezi zinyathelo, zibuze: ‘Kungani lokhu kwaziswa kubalulekile ezilalelini zami? Uyini umgomo wami?’ Kumelwe kungabi nje ukuhlanganisa indaba noma ukuhlobisa inkulumo yakho, kodwa ukunikeza izilaleli zakho into ezozizuzisa. Uma usunawo umgomo, ubhale phansi. Hlale uzikhumbuza wona njengoba ulungiselela.
Ngemva kokuthola umgomo futhi ususikhethile isihloko esihambisanayo (noma usuhlaziyile ukuthi isihloko osabelwe siyavumelana yini nomgomo), ungacwaninga ugxile kuleso sihloko. Funa ukwaziswa okuyoba yinzuzo ngokuqondile ezilalelini zakho. Ungamane waneliswe amaphuzu ahlanganisa zonke izinto nje, kodwa funa amaphuzu ashaya emhloleni nawusizo ngempela. Linganisela ebuningini bokwaziswa okucwaningayo. Ezimweni eziningi, uyoba nokwaziswa okuningi okungaphezu kongakusebenzisa, ngakho kuyodingeka ukhethe.
Thola amaphuzu asemqoka okudingeka uxoxe ngawo ukuze uthuthukise isihloko sakho futhi ufinyelele umgomo wakho. Ayoba umgogodla wenkulumo, yiwona ayokwakha uhlaka lwakho. Kumelwe abe mangaki amaphuzu asemqoka? Mhlawumbe amabili anele uma kuyingxoxo emfushane, kanti ngokuvamile amahlanu anele uma kuyinkulumo yehora lonke. Lapho amaphuzu asemqoka embalwa, kuyoba lula ngezilaleli zakho ukuba ziwakhumbule.
Uma nje usunesihloko namaphuzu asemqoka engqondweni, hlela ukwaziswa okucwaningile. Nquma ukuthi yikuphi okuhlobana ngokuqondile namaphuzu akho ayinhloko. Khetha imininingwane eyokwenza inkulumo yakho ibe ngevamile. Lapho ukhetha imibhalo ezosekela amaphuzu asemqoka, phawula imiqondo eyokusiza ukuba uyichaze kahle leyo mibhalo. Faka iphuzu elisekelayo ngaphansi kwephuzu elisemqoka elifanelana nalo. Uma ukwaziswa okuthile kungahlobani nanoma yimaphi amaphuzu akho ayinhloko, ungakusebenzisi—kungakhathaliseki ukuthi kuthakazelisa kangakanani—noma kufake efayelini ukuze ubuye ukusebenzise ngesinye isikhathi. Gcina kuphela ukwaziswa kwekhethelo. Uma uzama ukuhlanganisa okuningi kakhulu, kuyodingeka ukhulume usheshise futhi inkulumo yakho ngeke ibe nesisindo. Kungcono ukudlulisela amaphuzu ambalwa awusizo ngempela ezilalelini nokukwenza kahle lokho. Ungasidli isikhathi.
Kuleli qophelo, noma ngaphambi kwalo, hlela indaba yakho ngokulandelana okunengqondo. UmVangeli uLuka wakwenza lokhu. Lapho eseqoqe amaqiniso amaningi ahlobana nendaba yakhe, wawabeka “ngokuhleleka okunengqondo.” (Luka 1:3) Ungase uhlele indaba yakho ngokulandelana kwezehlakalo noma ngokwezihloko, mhlawumbe ngokwembangela nomphumela noma ngokwenkinga nesisombululo, kuye ngokuthi yikuphi okuphumelela kangcono ukuze ufinyelele umgomo wakho. Akumelwe usuke kwelinye iphuzu uye kwelinye sengathi uyabaleka. Izilaleli zakho kufanele uzisuse kwelinye iphuzu ziye kwelinye ngendlela eshelelayo, kungabi namagebe angaxhumeki. Ubufakazi obunikezwayo kumelwe buholele izilaleli eziphethweni ezinengqondo. Njengoba uhlela amaphuzu akho, cabanga ukuthi lokho oyokusho kuyozwakala kanjani ezilalelini zakho. Ingabe ziyovele ziyilandele ngokushesha indlela owethula ngayo amaphuzu? Ingabe ziyoshukumiseleka ukuba zenze lokho ezikuzwayo, ngokuvumelana nomgomo onawo engqondweni?
Ngemva kwalokho, lungiselela isethulo esivusa isithakazelo endabeni yakho futhi esibonisa izilaleli zakho ukuthi lokho ozoxoxa ngakho kuyinzuzo ngempela kuzo. Kungasiza ukubhala phansi imisho embalwa yokuqala. Okokugcina, hlela isiphetho esishukumisayo esihambisana nomgomo wakho.
Uma ulungiselela uhlaka kusenesikhathi, uyoba nesikhathi sokululolonga kahle ngaphambi kokubeka inkulumo. Ungase ubone isidingo sokusekela imiqondo ethile ngezibalo ezimbalwa, umfanekiso noma okuhlangenwe nako. Ukusebenzisa isenzakalo samuva noma indaba ethakazelisayo yasendaweni kungasiza izilaleli zakho ukuba zikubone kalula ukubaluleka kwendaba. Njengoba ubukeza inkulumo yakho, ungase uqaphele ukuthi le ndaba usengayifanelanisa ngokwengeziwe nezilaleli zakho. Inqubo yokuhlaziya nokuhlunga ibalulekile ekuhleleni ukwaziswa okuhle kube yinkulumo ephumelelayo.
Ezinye izikhulumi zingase zidinge indaba eningi kakhulu kunezinye. Kodwa uma indaba yakho uyihlela ngaphansi kwamaphuzu asemqoka ambalwa nje, ususe okungawasekeli ngempela, ubeke amaphuzu akho ngokulandelana okunengqondo, uyothola ukuthi ngokuhamba kwesikhathi, ngeke kusadingeka ubhale yonke into phansi. Yeka ukuthi lokho kungasonga kanjani isikhathi! Kanti nezinga lezinkulumo zakho liyothuthuka. Kuyoba sobala ukuthi uyazuza ngempela emfundweni yeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini.