ISIFUNDO 44
Ukusebenzisa Imibuzo Ngempumelelo
NGENXA yokuthi imibuzo idinga impendulo—enikezwa ngomlomo noma umuntu aziphendulela yona engqondweni—isiza ekuhileleni izilaleli zakho. Imibuzo ingakusiza ukuba uqale izingxoxo futhi ujabulele ukwabelana nabanye amaphuzu athile. Njengesikhulumi nomfundisi, ungase usebenzise imibuzo ukuze uvuse isithakazelo, usize umuntu acabange ngendaba enixoxa ngayo, noma ugcizelele lokho okushoyo. Uma uyisebenzisa kahle imibuzo, uyokhuthaza abanye ukuba bacabange kunokuba balalele nje ingqondo ibe izula. Zibekele umgomo engqondweni, ubuze imibuzo ngendlela eyokusiza ukuba uwufinyelele.
Ukuze Ukhuthaze Ingxoxo. Lapho usenkonzweni yasensimini, qaphela amathuba avulekayo okwenza abantu baveze umuzwa wabo uma bethanda ukwenza kanjalo.
OFakazi abaningi baqala izingxoxo eziningi ezimnandi ngokumane nje babuze, “Wake wazibuza yini ukuthi . . . ?” Uma bekhetha umbuzo abantu abaningi abazibuza wona, nakanjani bayoba nesikhathi esimnandi enkonzweni yasensimini. Ngisho noma omunye umuntu ewuqabuka umbuzo wakho, ungase uvuse ilukuluku lokwazi. Ungaqala izindaba ezihlukahlukene ngemibuzo enjengokuthi “Ucabangani . . . ?,” “Uzizwa kanjani . . . ?,” nothi “Ingabe uyakholelwa ukuthi . . . ?”
Lapho umvangeli uFiliphu eya esikhulwini esingumTopiya esasifunda ngokuzwakalayo isiprofetho sika-Isaya, uFiliphu wamane wabuza: “Empeleni, ingabe uyakwazi [noma uyakuqonda] lokho okufundayo?” (IzE. 8:30) Lo mbuzo wavulela uFiliphu indlela yokuchaza amaqiniso ngoJesu Kristu. Ngokusebenzisa umbuzo ofanayo, abanye oFakazi namuhla bathole abantu abebekulambele ngempela ukuqonda iqiniso leBhayibheli.
Uma ubanika ithuba lokuveza imibono yabo, abantu abaningi bayothambekela kakhulu ekukulaleleni. Ngemva kokubuza umbuzo, lalelisisa. Yamukela impendulo yalowo muntu ngomusa kunokuba uyigxeke. Mncome ngobuqotho kodwa ungambhuqi. Ngemva kokuba umbhali ‘ephendule ngokukhalipha,’ uJesu wamncoma, wathi: “Awukude nombuso kaNkulunkulu.” (Marku 12:34) Ngisho noma ungaboni ngaso linye noxoxa naye, mbonge ngokuveza umuzwa wakhe. Lokho akushilo kungase kukuqaphelise isimo sengqondo okudingeka usicabangele lapho uxoxa naye ngeqiniso leBhayibheli.
Ukuze Uveze Amaphuzu Abalulekile. Lapho ukhuluma neqembu noma uxoxa nomuntu oyedwa, zama ukusebenzisa imibuzo eholela emaphuzwini abalulekile. Qikelela ukuthi imibuzo yakho ithinta izinto ezithakazelisa izilaleli zakho. Ungasebenzisa nemibuzo efuna izilaleli zicabange ngoba impendulo isuke icashile. Uma uthi ukuhlaba ikhefu kancane ngemva kokubuza umbuzo, cishe izilaleli zakho ziyokulalela ngesithakazelo esikhulu lokho okuyolandela.
Umprofethi uMika wake wasebenzisa imibuzo eminingana. Ngemva kokubuza ukuthi yini uNkulunkulu ayilindele kwabamkhonzayo, lo mprofethi wabuza eminye imibuzo emine, ngamunye uqukethe okuthile okungase kube impendulo. Yonke leyo mibuzo iyasiza yenze abafundi balungele impendulo ebonisa ukuqonda aphetha ngayo leyo ngxenye yengxoxo yakhe. (Mika 6:6-8) Ungakwenza yini lokho lapho ufundisa? Kuzame.
Ukuze Ubonisane Nabanye Ngendaba. Imibuzo ingasetshenziswa ukuze usize abanye bakwazi ukubona indlela ofinyelela ngayo iziphetho ngendaba. Ngesikhathi ekhipha isahlulelo esibi kuma-Israyeli, uJehova wakwenza lokhu, njengoba kuboniswe kuMalaki 1:2-10. Okokuqala wawatshela: “Nginithandile.” Awazange alwazise lolo thando, ngakho wabuza: “U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na?” UJehova wabe esekhuluma ngesimo esibi sika-Edomi esiwubufakazi bokuthi uNkulunkulu akazange asithande leso sizwe ngenxa yobubi baso. Wabe eselandelisa ngemifanekiso eyayihambisana nemibuzo ukuze agcizelele ukuhluleka kuka-Israyeli ukusabela ngendlela efanele othandweni lwakhe. Eminye yemibuzo ibekwe sengathi ibuzwa ngabapristi abangathembekile. Eminye yimibuzo uJehova ayibuza abapristi. Le ndaba ivusa imizwelo futhi ibambe isithakazelo sethu; amaphuzu anengqondo avezwa ayengenakuphikiswa; umyalezo ngeke ulibaleke.
Ezinye izikhulumi ziyisebenzisa ngendlela ephumelela ngokufanayo imibuzo. Yize kungase kungalindeleki zimpendulo ezishiwo ngomlomo, izingqondo zezilaleli ziyahileleka, njengokungathi ziyaxoxa nazo.
Lapho siqhuba izifundo zeBhayibheli, sisebenzisa indlela eyenza umfundi akhulume. Yebo, kunenzuzo enkulu uma umfundi engaphindi nje kuphela izimpendulo ezibhalwe phansi. Ngephimbo elinomusa, sebenzisa imibuzo eseceleni ukuze ubonisane nomfundi. Emaphuzwini ayisihluthulelo, mkhuthaze ukuba asekele izimpendulo zakhe ngeBhayibheli. Ungase ubuze futhi: “Lokhu esixoxa ngakho manje kuhlangana kanjani nephuzu esesilifundile? Kubaluleke ngani? Kufanele kukuthinte kanjani ukuphila kwethu?” Le ndlela iphumelela kakhulu kunokuba wena usho okucabangayo noma unikeze incazelo ewundendende. Ngokwenza kanjalo, usiza umfundi ukuba asebenzise ‘amandla akhe okucabanga’ ukuze akhulekele uNkulunkulu.—Roma 12:1.
Uma umfundi engaliqondi iphuzu elithile, yiba nesineke. Kungenzeka ukuthi uzama ukuqhathanisa okushoyo nalokho aseneminyaka eminingi ekukholelwa. Ukuyiqhamukela ngenye indlela indaba kungasiza. Kodwa ngezinye izikhathi kudingeka incazelo elula kakhulu. Yisebenzise njalo imiBhalo. Sebenzisa imifanekiso. Sebenzisa nemibuzo elula eyenza umuntu acabange ngobufakazi omnikeza bona.
Ukuze Umenze Aveze Imizwa. Lapho abantu bephendula imibuzo, abayivezi ngaso sonke isikhathi indlela abazizwa ngayo ngempela. Bangase bamane bakunikeze izimpendulo abacabanga ukuthi uyazifuna. Kudingeka ukuqonda. (IzAga 20:5) Njengoba uJesu enza, ungase ubuze: “Uyakukholelwa lokhu?”—Joh. 11:26.
Lapho iningi labafundi bakaJesu licasulwa yilokho ayekushilo futhi limshiya, uJesu wacela abaphostoli bakhe ukuba baveze indlela ababezizwa ngayo. Wabuza: “Anifuni ukuhamba nani, akunjalo?” UPetru wayiveza ngamazwi indlela ababezizwa ngayo, ethi: “Nkosi, ubani esiyoya kuye? Nguwe onamazwi okuphila okuphakade; futhi siye sakholwa futhi sesiyazi ukuthi ungoNgcwele kaNkulunkulu.” (Joh. 6:67-69) Ngesinye isikhathi uJesu wabuza abafundi bakhe: “Abantu bathi iNdodana yomuntu ingubani?” Walandelisa lo mbuzo ngomunye owawudinga baveze okwakusezinhliziyweni zabo. “Nokho, nina nithi ngingubani?” UPetru ephendula, wathi: “Wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu ophilayo.”—Math. 16:13-16.
Lapho uqhuba isifundo seBhayibheli, kungase kukusize ukuzisingatha ngale ndlela ezinye izinto. Ungase ubuze: “Ofunda nabo (noma osebenza nabo) bayibheka kanjani le ndaba?” Ngemva kwalokho ungase ubuze: “Wena uzizwa kanjani ngayo?” Lapho usuyazi imizwa yangempela yomuntu, wena njengomfundisi uba usizo olukhulu kuye.
Ukuze Ugcizelele. Imibuzo ingasetshenziselwa nokugcizelela iphuzu elithile. Umphostoli uPawulu wakwenza lokhu, njengoba kulotshwe kweyabaseRoma 8:31, 32: “Uma uNkulunkulu engakithi, ubani oyomelana nathi? Yena ongazange agodle ngisho neNdodana yakhe siqu kodwa wayinikela ngenxa yethu sonke, kungani engeke futhi asinike kanye nayo ngomusa zonke ezinye izinto?” Phawula ukuthi umbuzo ngamunye uchaza umshwana owandulelayo.
Ngemva kokuloba isahlulelo sikaJehova esasibhekiswe enkosini yaseBabiloni, umprofethi u-Isaya wakhuluma ngokuqiniseka okukhulu lapho ethi: “UJehova Sebawoti unqumile; ngubani ongakuchitha na? Isandla sakhe singeseluliweyo; ngubani ongasibuyisa na?” (Isaya 14:27) Uma uyibhekisisa le mibuzo, ibonisa ukuthi loku okukhulunywa ngako akusoze kwaphikwa. Akukho mpendulo elindelekile.
Ukuze Uveze Obala Ukucabanga Okuyiphutha. Imibuzo ecatshangwe kahle ingamathuluzi anamandla okuveza obala ukucabanga okuyiphutha. Ngaphambi kokuphulukisa umlisa othile, uJesu wabuza abaFarisi nezinye izazi zoMthetho: “Ingabe kungokomthetho ukwelapha ngesabatha noma cha?” Ngemva kokumphulukisa, walandelisa ngomunye umbuzo: “Ubani kini ongathi uma indodana noma inkomo yakhe iwele emgodini, angayikhiphi masinyane ngosuku lwesabatha‚ na?” (Luka 14:1-6) Akukho mpendulo eyayilindelekile, futhi nabo abaphendulanga. Le mibuzo yakuveza obala ukucabanga kwabo okuyiphutha.
Ngezinye izikhathi ngisho namaKristu eqiniso angase awele ekucabangeni ngendlela eyiphutha. EKorinte lekhulu lokuqala abanye babemangalela abafowabo ezinkantolo ukuze kusombululwe izinkinga okwakufanele ngabe bazisombulule bona ngokwabo. Umphostoli uPawulu walusingatha kanjani lolu daba? Wabuza uhide lwemibuzo eqondile ukuze alungise ukucabanga kwabo.—1 Kor. 6:1-8.
Uma uprakthiza, ungafunda ukuyisebenzisa ngendlela ephumelelayo imibuzo. Kodwa khumbula ukubonisa inhlonipho, ikakhulukazi uma ukhuluma nabantu asebekhulile, abantu ongabazi neziphathimandla. Sebenzisa imibuzo ukuze wethule iqiniso leBhayibheli ngendlela ekhangayo.