Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lr isahl. 20 kk. 107-111
  • Ingabe Njalo Nje Ufuna Ukuba Phambili?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Njalo Nje Ufuna Ukuba Phambili?
  • Funda KuMfundisi Omkhulu
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Babebizwa Ngokuthi “AmaDodana Okuduma”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ukubungazwa UmFarisi Ovelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ukubungazwa UmFarisi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ubani UNkulunkulu Ammemela Esidlweni?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
Funda KuMfundisi Omkhulu
lr isahl. 20 kk. 107-111

ISAHLUKO 20

Ingabe Njalo Nje Ufuna Ukuba Phambili?

UKHONA umuntu omaziyo ohlale efuna ukuba phambili njalo nje?— Angase adudule omunye ukuze yena abe phambili emgqeni. Uke ukubone lokho?— UMfundisi Omkhulu wabona ngisho nabantu abadala bezama ukuthola izindawo eziphambili noma eziphakeme kunezinye. Futhi akakuthandanga lokho. Ake sizwe ukuthi kwenzekani.

Umfana uphusha omunye umfana kulayini ukuze abe phambili

Uke ubabone abantu bezama ukuba phambili?

IBhayibheli lisitshela ukuthi uJesu wamenywa edilini emzini womFarisi, owayengumholi wenkolo ophambili. Lapho uJesu esefikile, wabuka ezinye izimenywa zingena zikhetha izindawo ezingcono kunezinye. Wabe esexoxela izimenywa indaba ethile. Ungathanda ngikuxoxele yona?—

UJesu wathi: ‘Uma umuntu ekumemela edilini lomshado, ungakhethi indawo engcono kunezinye noma ephambili.’ Uyazi ukuthi kungani uJesu asho kanjalo?— Wachaza ukuthi kungenzeka ukuthi kunomuntu obaluleke kakhulu kunawe omenyiwe. Bese kufika umuntu owenze idili, njengoba ubona lapha esithombeni, abese ethi: ‘Dedela lo muntu kule ndawo, hamba uyohlala laphaya.’ Siyozizwa kanjani leso simenywa?— Siyoba namahloni ngoba zonke ezinye izimenywa ziyosibuka sesisuka siya endaweni ephansi.

UJesu wayebonisa ukuthi akulungile ukufuna indawo ephambili. Ngakho wathi: ‘Lapho umenywe edilini lomshado, hamba uhlale endaweni ephansi kunazo zonke. Umuntu okumemile angase eze kuwe athi, “Mngane, nyukela ngenhla.” Khona-ke uyoba nodumo phambi kwazo zonke ezinye izimenywa lapho uyohlala endaweni engcono.’—Luka 14:1, 7-11.

Indoda itshela ovakashile ukuba asuke esihlalweni esingcono ahleli kuso ukuze kuhlale omunye

UJesu wayefundisa siphi isifundo ngenkathi exoxa ngabantu abahlala ezihlalweni ezingcono kunezinye noma eziphambili?

Ulitholile yini iphuzu kule ndaba kaJesu?— Ake senze isibonelo sibone ukuthi ulitholile yini. Ake sithi ugibela ebhasini eligcwele nswi. Kufanele yini ugijimele ukuthola isihlalo umuntu omdala ebe emile?— UJesu angakuthanda lokho?—

Omunye umuntu angase athi uJesu akanandaba nokuthi senzani. Kodwa ingabe kunjalo ngempela?— Ngenkathi uJesu ekuleliya dili emzini womFarisi, wababuka abantu njengoba bekhetha izihlalo. Awucabangi yini ukuthi nanamuhla uyathanda ukubona izinto esizenzayo?— Njengoba manje esezulwini, usendaweni enhle ngempela yokusibuka.

Lapho umuntu ezama ukuba phambili, angadala izinkinga. Kuvame ukuba axabane nomunye bese abantu bayacasuka. Ngesinye isikhathi kuyenzeka lokhu lapho izingane zihamba ngebhasi. Zithi zingavulwa nje izicabha zebhasi, izingane zigulukudele zifuna ukungena kuqala. Zisuke zifuna izihlalo ezingcono kunezinye, eziseduze kwamafasitela. Bese kwenzekani?— Yebo, zingase zicasukelane.

Ukufuna ukuba phambili kungadala izinkinga eziningi. Kwadala inkinga ngisho nakubaphostoli bakaJesu. Njengoba safunda eSahlukweni 6 sale ncwadi, babephikisana ngokuthi ubani omkhulu kunabo bonke phakathi kwabo. Wenzenjani uJesu?— Wabakhuza. Kodwa baphinde baphikisana. Lalela ukuthi kwenzeka kanjani.

Abaphostoli kanye nabanye abantu bahamba noJesu okokugcina baya emzini waseJerusalema. UJesu ubebaxoxela ngoMbuso wakhe, ngakho uJakobe noJohane bebelokhu becabanga ngokubusa naye njengamakhosi. Sebemtshelile nomama wabo, uSalome, ngalokhu. (Mathewu 27:56; Marku 15:40) Njengoba behamba-ke beya eJerusalema, uSalome uya kuJesu, akhothame phambi kwakhe abese ecela okuthile.

“Ufunani?” kubuza uJesu. Uphendula athi angathanda ukuba uJesu ahlalise amadodana akhe eduze kwakhe eMbusweni, enye ihlale kwesokudla enye kwesobunxele. Lapho abanye abaphostoli abayishumi bezwa ngalokho uJakobe noJohane abaye bathi umama wabo akabacelele kona, ucabanga ukuthi bazizwa kanjani?—

USalome wenzela amadodana akhe, uJakobe noJohane isicelo esikhethekile kuJesu

USalome ucelani kuJesu, futhi kwenzekani ngemva kwalokho?

Babacasukela kakhulu oJakobe noJohane. UJesu ube esenikeza bonke abaphostoli bakhe iseluleko esihle. UJesu ubatshela ukuthi ababusi bezizwe bayakuthanda ukuba bakhulu futhi besatshwe. Bathanda ukuba nezikhundla eziphakeme balalelwe yibo bonke abantu. Kodwa uJesu utshela abalandeli bakhe ukuthi akufanele bona babe njalo. Kodwa uthi: “Noma ubani ofuna ukuba ngowokuqala phakathi kwenu kumelwe abe yinceku yenu.” Cabanga nje ngalokho!—Mathewu 20:20-28.

Uyazi ukuthi yenzani inceku?— Yenzela abanye abantu izinto, ayilindeli ukuba bona benzele yona. Ihlala endaweni ephansi, hhayi ephambili. Iziphatha njengomuntu ongelutho, hhayi njengomuntu obalulekile kunabanye. Futhi khumbula, uJesu wathi umuntu ofuna ukuba owokuqala kufanele abe yinceku yabanye.

Ucabanga ukuthi kusho ukuthini lokho kithi?— Inceku ibingaphikisana yini nenkosi yayo ngokuthi ubani ozohlala esihlalweni esiphambili? Noma iphikisane nayo ngokuthi ubani ozodla kuqala? Ingakwenza lokho?— UJesu wachaza ukuthi ngaso sonke isikhathi inceku ibeka inkosi yayo kuqala kunayo.—Luka 17:7-10.

Ngakho kunokuba sifune ukuba phambili, yini okufanele siyenze?— Yebo kufanele sibe njengenceku kwabanye. Lokho kusho ukubeka abanye kuqala kunathi. Kusho ukubheka abanye njengababaluleke ukwedlula thina. Zikhona izindlela ongazicabanga ongabeka ngazo abanye kuqala?— Phindela ekhasini 40 no-41 ubheke ezinye izindlela ongabeka ngazo abanye kuqala ngokubakhonza.

Uzokhumbula ukuthi uMfundisi Omkhulu wabeka abanye kuqala ngokubakhonza. Ngobusuku bokugcina enabaphostoli bakhe, waze waguqa wabageza izinyawo. Uma nathi sibeka abanye kuqala ngokubakhonza, siyobe sijabulisa uMfundisi Omkhulu noBaba wakhe, uJehova uNkulunkulu.

Asifunde eminye imiBhalo yeBhayibheli esikhuthaza ukuba sibeke abanye kuqala: Luka 9:48; Roma 12:3; neyabaseFilipi 2:3, 4.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela