Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 83
  • Ukubungazwa UmFarisi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukubungazwa UmFarisi
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubungazwa UmFarisi Ovelele
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Ubani UNkulunkulu Ammemela Esidlweni?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Umfanekiso Wedili Lomshado
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Umfanekiso Wedili Lomshado
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 83

Isahluko 83

Ukubungazwa UmFarisi

UJESU usesendlini yomFarisi ovelele futhi usanda kuphulukisa indoda ephethwe isifo samanzi. Njengoba uJesu ebona izimenywa ezikanye naye zikhetha izindawo eziphambili kulesidlo, ufundisa isifundo sokuthobeka.

“Nxa umenyiwe ngumuntu ukuya emshadweni,” khona-ke uJesu uyachaza, “ungahlali esihlalweni esiphambili, funa ngabe ukhona omkhulu kunawe omenyiwe nguye, eze yena onimemé wena naye, athi: Mdedele lo; khona uqale uhlale kwesisenzansi unamahloni.”

Ngakho uJesu uyeluleka: “Nxa umenyiwe, hamba uhlale endaweni esenzansi ukuba, nxa efika okumemileyo, athi kuwe: Mhlobo, yenyukela enhla; khona uyakuba-nodumo phambi kwabo bonke abahlezi nawe ekudleni.” Ephetha, uJesu uthi: “Ngokuba oziphakamisayo uzakuthotshiswa; nozithobayo uzakuphakanyiswa.”

Ngokulandelayo, uJesu ukhuluma nomFarisi ommemile futhi uchaza indlela yokulungiselela isidlo esibaluleke ngempela kuNkulunkulu. “Uma wenza isidlo sasemini noma esakusihlwa, ungabizi abahlobo bakho, nabafowenu, nomndeni wakho, nabakhelwane bakho abacebileyo, funa nabo babuye bakumeme, kube-khona ukwenanana. Kepha uma wenza isidlo, mema abampofu, nezinyonga, nezimpumputhe; uyakubusiswa-ke, ngokuba bangekwenanisele.”

Ukulungiselela abampofu isidlo esinjalo kuyoletha injabulo kumlungiseleli waso, ngoba njengoba uJesu echazela ommemileyo, “Uyakwenaniselwa ekuvukeni kwabalungileyo.” Ukuchaza kukaJesu lesidlo esinenzuzo kukhumbuza esinye isivakashi esikanye naye olunye uhlobo lwesidlo. “Ubusisiwe lowo oyakudla isinkwa embusweni kaNkulunkulu,” kusho lesimenywa. Nokho, akubona bonke abalazisa ngokufanelekile lelothemba elijabulisayo, njengoba uJesu eqhubeka ebonisa ngomfanekiso.

“Umuntu othile wenza idili elikhulu, wamema abaningi. . . . wathuma inceku yakhe ukuba isho kwabamenyiweyo ukuthi: Zanini, ngokuba sekulungisiwe konke. Kepha bonke baqala ukuzilandulela ngazwi linye; owokuqala wathi kuye: Ngithengile insimu, kuswelekile ukuba ngiye ngiyibone; ngiyakuncenga, mawungilandulele. Omunye wathi: Ngithengile izinkabi eziyishumi, sengiya ukuzilinga; ngiyakuncenga, mawungilandulele. Omunye wathi: Ngithathile umfazi, ngalokho ngingeze.”

Yeka izaba ezingazwakali! Insimu noma imfuyo ngokuvamile kuyahlolwa ngaphambi kokuba kuthengwe, ngakho akukho ukuphuthuma kwangempela kokuzibheka kamuva. Ngokufanayo, umshado womuntu akufanele umvimbele ekubeni amukele isimemo esibaluleke kangako. Ngakho lapho izwa ngalokhu kulandula, inkosi iyathukuthela futhi iyala inceku yayo:

“Khawuleza, uye emigwaqweni nasemingcingweni yomuzi, ungenise lapha abampofu, nezilima, nezimpumputhe, nezinyonga. Yathi inceku: Nkosi, sekwenziwe ngokuyala kwakho; kepha isekhona indawo. Yathi inkosi encekwini: Phuma uye ezindleleni nasezintangweni, ubacindezele bangene ukuba igcwale indlu yami. . . . Ayikho neyodwa yalawomadoda abemenyiwe eyakulizwa idili lami.”

Yisiphi isimo esichazwa yilomfanekiso? Phela, “inkosi” elungiselela lelidili imelela uJehova uNkulunkulu; “inceku” edlulisa isimemo, uJesu Kristu; futhi “idili elikhulu,” amathuba okuba sohlwini lwabazothola uMbuso wamazulu.

Ngaphezu kwabo bonke abanye, labo abangabokuqala ukwamukela isimemo sokuba sohlwini lwabazothola uMbuso, kwakungabaholi benkolo abangamaJuda bosuku lukaJesu. Nokho, basenqaba isimemo. Ngakho-ke, kusukela ikakhulukazi ngePentekoste lika-33 C.E., isimemo sesibili sadluliselwa kwabadelelekile nabathobekile besizwe samaJuda. Kodwa akusabelanga abanele ukugcwalisa izindawo ezingu-144-​000 eMbusweni kaNkulunkulu wasezulwini. Ngakho ngo-36 C.E., iminyaka emithathu nengxenye kamuva, isimemo sesithathu nesokugcina sadluliselwa kwabangewona amaJuda abangasokile, futhi ukubuthwa kwabanjalo kuye kwaqhubekela osukwini lwethu. Luka 14:1-24.

▪ Yisiphi isifundo sokuthobeka esifundiswa nguJesu?

▪ Omemayo angasilungiselela kanjani isidlo esibalulekile kuNkulunkulu, futhi kungani kuyomlethela injabulo?

▪ Kungani izaba zezimenywa zingazwakali?

▪ Yini emelelwa umfanekiso kaJesu ‘wedili elikhulu’?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela