IJerusalema Nethempeli LikaSolomoni
LALIBIZWA ngokuthi “ukuphelela kobuhle” nangokuthi “umuzi weNkosi Enkulu.” (IHu 48:2; 50:2; IsiL 2:15) IJerusalema laliyinhloko-dolobha yesizwe sikaNkulunkulu. (IHu 76:2) Ngemva kokuba uDavide ewaphucile amaJebusi lo muzi futhi wawenza inhloko-dolobha yakhe, wabizwa ngokuthi “uMuzi KaDavide,” noma “iZiyoni.”—2Sam 5:7.
Nakuba iJerusalema lalingekho endaweni ekahle, lathola udumo ngoba uNkulunkulu wabeka igama lakhe kulo. (Dut 26:2) Laliyiziko lenkolo yesizwe futhi liyikomkhulu lesizwe.
IJerusalema lisendaweni ephakeme ngamamitha angu-750 uma usuka olwandle futhi lisezintabeni ezimaphakathi neJudiya. IBhayibheli likhuluma “ngokuphakama” kwalo nangokuthi abakhulekeli ‘bakhuphukela’ kulo. (IHu 48:2; 122:3, 4) Lo muzi wasendulo wawuzungezwe izigodi: iSigodi SikaHinomu entshonalanga naseningizimu nesigodi sesifufula saseKidroni empumalanga. (2Kho 23:10; Jer 31:40) Umthombo wamanzi waseGihonia eSigodini SaseKidroni ne-Eni-rogeli eningizimu kwakunikeza abantu amanzi ahlanzekile, ayedingeka impela nje ikakhulu ngesikhathi sokuhlasela kwezitha.—2Sam 17:17.
Emdwebweni osekhasini 21, uMuzi KaDavide udwetshwe ngombala obomvu. Ngesikhathi kubusa uDavide noSolomoni, lo muzi wanwetshelwa ngasenyakatho wahlanganisa ne-Ofeli (enombala oluhlaza okotshani) neNtaba iMoriya (enombala oluhlaza okwesibhakabhaka). (2Sam 5:7-9; 24:16-25) USolomoni wakhela uJehova ithempeli elihle kuleyo ntaba ephakeme. Zibone ngeso lengqondo izixuku zabakhulekeli zikhuphukela ‘entabeni kaJehova’ ngemikhosi yaminyaka yonke! (Zak 8:3) Imigwaqo eboniswe ekhasini 17 yayenza lube lula lolo hambo.
Ithempeli likaSolomoni, elalihlotshiswe ngegolide namatshe ayigugu, lalingesinye sezakhiwo ezibiza kunazo zonke ezake zakhiwa. Okuphawulekayo ukuthi ipulani yalo yayenziwe uJehova. Njengoba ubona kulo mdwebo, ithempeli lalizungezwe amagceke amakhulu nezakhiwo zokuqondisa. Uyobe awudlali ngesikhathi uma utadisha imininingwane yalo.—1Kho 6:1–7:51; 1Kro 28:11-19; Heb 9:23, 24.
[Umbhalo waphansi]
a INkosi uHezekiya yawuvala lo mthombo wamanzi futhi yakha umsele oya echibini elisentshonalanga.—2Kro 32:4, 30.
[Ibhokisi ekhasini 21]
Ngokuhamba kwesikhathi, iJerusalema lanwebekela entshonalanga nasenyakatho. Amakhosi aseJudiya abusa ngemva kukaSolomoni anezela izindonga namasango. Ukucwaninga ngemivubukulo okusaqhubeka kungase kucacise ukuthi izingxenye ezithile zezindonga zazikuphi ngempela nokuthi zazingakanani. Lo muzi wachithwa ngo-607 B.C.E. futhi wahlala unjalo iminyaka engu-70. Ngemva kweminyaka engaba ngu-80 amaJuda ebuyile, uNehemiya waqala umsebenzi omkhulu wokwakha kabusha izindonga zeJerusalema.
[Umdwebo/Nesithombe ekhasini 21]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
IJerusalema/Ithempeli LikaSolomoni
ITHEMPELI NGESIKHATHI SIKASOLOMONI
Izindawo Zethempeli
1. INgcwelengcwele
2. INgcwele
3. Umpheme
4. UBhowazi
5. UJakini
6. I-altare Lethusi
7. ULwandle Olubunjiwe
8. Amakalishi
9. Amagumbi Aseceleni
10. Izindlu Zokudlela
11. Igceke Elingaphakathi
INDAWO YETHEMPELI
INt. IMoriya
Izindlu Zokudlela
Amakalishi
Amagumbi Aseceleni
INgcwelengcwele UBhowazi
INgcwele Umpheme I-altare Igceke
UJakini Lethusi Elingaphakathi
Amakalishi ULwandle
Olubunjiwe
I-Ofeli
Esigcawini?
ISango Lamanzi?
UMUZI KADAVIDE
INt. IZiyoni
Isigodlo SikaDavide
ISango Lesiphethu
UDonga LukaManase?
UMbhoshongo KaHananeli
UMbhoshongo WeMeya
ISango Lezimvu
ISango Labaqaphi
ISango Lokuhlola
ISango Lamahhashi
ISIGODI SASEKIDRONI
UDonga Lwangezansi?
IGihoni
Umhubhe wamanzi wakamuva
ISIGODI SASETYROPOEON
ISango Leziduli Zomlotha (Izindengezi) (Umswani)
I-Eni-rogeli
ISango Lesigodi
ISIGODI SIKAHINOMU
ISango Legumbi
UMbhoshongo Wohhavini Bokubhaka
UDonga Olubanzi
ISango Lika-Efrayimi
ESigcawini
ISango Lomuzi Omdala
Udonga Lokuqala LwaseNyakatho
INGXENYE YESIBILI
ISango Lezinhlanzi
[Isithombe]
I-Ofeli
INdlu Yendodakazi KaFaro
Isigodlo SikaSolomoni
INdlu Yehlathi LaseLebhanoni
UMpheme Wezinsika
UMpheme Wesihlalo Sobukhosi
INt. IMoriya
IGceke Elikhulu
IThempeli
[Isithombe ekhasini 20]
Endaweni engaphambili yilapho “uMuzi KaDavide” wawakhiwe khona. Ithempeli lalisendaweni eqondile (ngemuva)
[Isithombe ekhasini 20]
Umfanekiso owenziwe nge-computer obonisa “uMmuzi KaDavide” wasendulo nethempeli likaSolomoni