Ukunaka Kwasindisa Ukuphila Kwabo
UJESU KRISTU waxwayisa kusasele isikhathi eside ngokuphela kwesimiso sezinto samaJuda esasizinze ethempelini eJerusalema. Akalushongo usuku esasizophela ngalo. Kodwa wachaza izigigaba ezazizoholela kuloko kubhujiswa. Wakhuthaza abafundi bakhe ukuba bahlale belindile futhi basuke endaweni eyingozi.
UJesu wabikezela: “Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho akanisile, khona-ke yazini ukuthi ukuchithwa kwalo sekusondele.” Wathi futhi: “Lapho nibona isinengiso esibangela incithakalo . . . simi endaweni engcwele, . . . khona-ke labo abaseJudiya mabaqale ukubalekela ezintabeni.” UJesu wakhuthaza abafundi bakhe ukuba bangaphindeli emuva bayolanda izimpahla. Kwakuphuthuma ukuba babaleke uma befuna ukusinda.—Luka 21:20, 21; Mathewu 24:15, 16.
Ukuze anqande ukuvukela okwakuqhubeka, uCestius Gallus wahola amabutho amaRoma ayohlasela iJerusalema ngo-66 C.E. Waze wangena ngisho nakuwo umuzi wavimbezela ithempeli. Kwasuka esinamathambo kulowo muzi. Labo ababehlale belindile babona ukuthi kwakusondela inhlekelele. Kodwa babengakwazi yini ukubaleka? Kungalindele muntu, uCestius Gallus wavele wawakhipha amabutho akhe. Abashokobezi abangamaJuda bawajaha. Kwase kuyisikhathi-ke sokubaleka eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya!
Ngonyaka olandelayo, amabutho amaRoma abuya eseholwa uVespasian nendodana yakhe uTitus. Kulo lonke izwe yayibambene phezulu. Ekuqaleni kuka-70 C.E., amaRoma akha uthango ngezigxobo ezicijile nxazonke zeJerusalema. Akubanga khona ntuba yokuphuma. (Luka 19:43, 44) Amaqembu aphikisanayo akulo muzi abulalana wodwa. Abangafanga lapho babulawa amaRoma noma bathunjwa. Waqothulwa waphela nyá lo muzi nethempeli lawo. Ngokusho kukaJosephus, isazimlando sekhulu lokuqala esingumJuda, kwalimala futhi kwafa amaJuda angaphezu kwesigidi. Alikaze liphinde lakhiwe lelo thempeli.
Ukube amaKristu ayeseseJerusalema ngo-70 C.E., ngabe abulawa noma enziwa izigqila njengabanye. Kodwa izazimlando zasendulo zibika ukuthi amaKristu ayesilalelile isixwayiso saphezulu asuka eJerusalema nakulo lonke elaseJudiya abalekela ezintabeni ezisempumalanga yoMfula iJordani. Amanye ahlala ePhela, isifundazwe sasePhereya. Ayelishiyile iJudiya futhi awabuyelanga khona. Ukulalela isixwayiso sikaJesu kwakusindise ukuphila kwawo.
Ingabe Uyazilalela Ngempela Izixwayiso Ezivela Emthonjeni Othembekile?
Kuye kuthi lapho sebezwe izixwayiso eziningi zezinto ezingazange zenzeke, abantu abaningi bangabe besazinaka izixwayiso. Nokho, ukulalela izixwayiso kungakusindisa ukuphila kwakho.
Ngo-1975 eChina kwakhishwa izixwayiso ezithi umhlaba wawuzozamazama. Iziphathimandla zasukumela phezulu. Izakhamuzi zathatha isinyathelo. Izinkulungwane eziningi zabantu zasinda.
Ngo-April 1991 ePhilippines, abantu abahlala emimmangweni yeNtaba iPinatubo babika ukuthi le ntaba ikhafula umusi nomlotha. Ngemva kokuqapha isimo izinyanga ezimbili, iPhilippine Institute of Volcanology and Seismology yaxwayisa ngokuthi kunengozi eyayisondela. Akupholiswanga maseko, amashumi ezinkulungwane zabantu asuswa kule ndawo. Ekuseni ngo-June 15, ukuqhuma okunamandla kwakhafulela emoyeni umlotha ongama-cubic kilometer angu-8 wabe sewehlela emaphandleni. Ukulalela isixwayiso kwasindisa izinkulungwane zabantu.
IBhayibheli lixwayisa ngokuphela kwalesi simiso sezinto samanje. Thina siphila ezinsukwini zokugcina. Njengoba ukuphela kusondela, ingabe uhlezi ulindile? Sikhona yini isinyathelo osithathayo ukuze ungabi sengozini? Ingabe nabanye ubaxwayisa ngomuzwa wokuphuthuma ukuba benze okufanayo?
[Isithombe ekhasini 20]
Ukunaka isixwayiso kwasindisa abaningi ngenkathi iNtaba iPinatubo ikhafula umlotha wentaba-mlilo
[Isithombe ekhasini 21]
AmaKristu ayelalele isixwayiso sikaJesu asinda lapho iJerusalema libhujiswa ngo-70 C.E.