Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w98 9/15 kk. 3-4
  • Ingabe Usiphaphamele Isikhathi Esiphila Kuso?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ingabe Usiphaphamele Isikhathi Esiphila Kuso?
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isinyathelo Esifanelekile Sasindisa Ukuphila
  • Ukusinda Enhlekeleleni Eyenziwa Abantu
  • Ukunaka Kwasindisa Ukuphila Kwabo
    Hlalani Nilindile!
  • Ngamhla Lina Isihlabathi
    I-Phaphama!—1992
  • Ama-lahar—Umphumela Wemount Pinatubo
    I-Phaphama!—1996
  • Isikhathi Esiphuthumayo Sokuphaphama!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1998
w98 9/15 kk. 3-4

Ingabe Usiphaphamele Isikhathi Esiphila Kuso?

UKUPHAPHAMELA ingozi kungenza umehluko phakathi kokuphila nokufa. Lokhu kungaboniswa ngalokho okwenzeka eziqhingini ezimbili ezinezintaba-mlilo.

INtaba iPelée, intaba-mlilo eyabulala abantu abaningi kunazo zonke kuleli khulu lama-20, yaqhuma ngo-May 8, 1902, esiqhingini saseMartinique kuyiCaribbean. Yabulala cishe zonke izakhamuzi ezingu-30 000 zaseSaint Pierre, okuyidolobha eliseduze nentaba-mlilo.

Ngo-June 1991, iNtaba iPinatubo yaqhuma ngendlela okungenzeka yayiwukuqhuma okukhulu kunakho konke kuleli khulu leminyaka. Kwenzeka endaweni yasePhilippines enabantu abaningi futhi yabulala abantu abangaba ngu-900. Nokho, kulokhu kunezici ezimbili ezasiza ekusindiseni izinkulungwane zabantu: (1) ukuphaphamela ingozi kanye (2) nokuzimisela ukuthatha isinyathelo ngokuvumelana nezixwayiso.

Isinyathelo Esifanelekile Sasindisa Ukuphila

INtaba iPinatubo yayilokhu ithulile amakhulu eminyaka kwaze kwaba yilapho ngo-April 1991, iqala ukubonisa izimpawu zokuqhuma okusongelayo. Kwaqale kwaphuma umhwamuko ne-sulfur dioxide esiqongweni sentaba. Izakhamuzi zendawo zazizwa iziwombe zokundindizela komhlaba, futhi amatshe ancibilikile ayephume kule ntaba ayeqala ukwakha indunduma eyibika lokubi. Ososayensi be-Philippine Institute of Volcanology and Seismology baqapha ngamehlo abukhali futhi ngokushesha benza izikhulu zakholiseka ukuthi kungaba ukuhlakanipha ukususa izakhamuzi ezingu-35 000 zasemadolobheni nasemadolobhaneni aseduze.

Ngokuqondakalayo, abantu baba madolo-nzima ukushiya amakhaya abo ngaphandle kwesizathu, kodwa leso simo sokuba madolo-nzima sanqotshwa ngokubonisa i-video eyaluveza ngokucacile usongo lokuqhuma kwentaba-mlilo. Ukufuduka kwabantu abaningi kwenzeka ngesikhathi esifanele. Ngemva nje kwezinsuku ezimbili, ukuqhuma okunamandla kwakhafulela emoyeni umlotha owaphakama ngama-cubic kilometer angu-8. Kamuva, udaka olwehla lapho, noma izibhidi ezaziphuma kuyintaba-mlilo, lwabulala amakhulukhulu abantu. Nokho, kungenzeka ukuthi izinkulungwane zasinda, ngoba abantu babeqashelisiwe ngengozi futhi babethathe isinyathelo ngokuvumelana nalezo zixwayiso.

Ukusinda Enhlekeleleni Eyenziwa Abantu

Ekhulwini lokuqala leminyaka leSikhathi sethu Esivamile, amaKristu ayehlala eJerusalema nawo kwadingeka anqume ukuthi kwakufanele awashiye yini amakhaya awo. Ukubaleka kulowo muzi ngo-66 C.E. kwawasindisa embujisweni eyehlela ezinye izakhamuzi nezinkulungwane zamaJuda ayeze ePhasikeni lika-70 C.E. eJerusalema. Kwakunabantu abangaphezu kwesigidi kulowo muzi owawubiyelwe ngezindonga, ababezogubha iPhasika lapho amabutho aseRoma evala noma iliphi ithuba lokubaleka. Indlala, imizabalazo yokubusa, nokuhlasela ngokungakhathali kwamaRoma kwaphumela ekufeni kwabantu abangaphezu kwesigidi.

Le nhlekelele eyaqeda ukuvukela kwamaJuda amaRoma ayizange ifike ingamenyezelwanga. Emashumini athile eminyaka ngaphambili, uJesu Kristu wayebikezele ukuthi iJerusalema lalizovinjezelwa. Wathi: “Lapho nibona iJerusalema lihaqwe amabutho akanisile, khona-ke yazini ukuthi ukuchithwa kwalo sekusondele. Khona-ke labo abaseJudiya mabaqale ukubalekela ezintabeni, futhi labo abaphakathi kwalo mabasuke, futhi labo abasemaphandleni mabangangeni kulo.” (Luka 21:20, 21) Lezo ziqondiso zazicacile, futhi abalandeli bakaJesu bazithatha njengezibalulekile.

Isazi-mlando saseKhesariya sangekhulu lesine leminyaka u-Eusebius sibika ukuthi amaKristu akulo lonke elaseJudiya athatha isinyathelo ngokuvumelana nesixwayiso sikaJesu. Lapho amaRoma eyeka ukuvimbezela kwawo kokuqala iJerusalema ngo-66 C.E., amaKristu amaningi angamaJuda ahamba ayohlala emzini wabeZizwe wasePella, esifundeni saseRoma iPerea. Ngokuphaphamela isikhathi ayephila kuso nangokuthatha isinyathelo ngokuvumelana nesixwayiso sikaJesu, asinda kulokho okuye kwachazwa ngokuthi “ukuvimbezela okukudlula konke kuwo wonke umlando.”

Namuhla, kudingeka ukuqapha okufanayo. Kudingeka nesinyathelo esiqondile. Isihloko esilandelayo sizochaza ukuthi ngani.

[Umthombo Wesithombe ekhasini 3]

Godo-Foto, West Stock

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela