Isahluko Seshumi Nanye
UJehova Ufuna Abantu Bathole Ukuphila—Wena?
1, 2. (a) Yini esingayifunda endleleni uJona asabela ngayo esinqumweni sikaJehova ngeNineve? (b) Kungani kufanele sihlole isihe sikaNkulunkulu nombono wakhe ngokuphila?
UJEHOVA wayethokozile. Umprofethi edumele. Ngesihe, uNkulunkulu wayesindise ukuphila kwezinkulungwane zabantu. UJona wayeyobayeka babhujiswe! UJehova wakhetha ukubathethelela nokubasindisa abantu ababekade beyizitha zabantu bakhe.
Ngisho nezinceku zikaNkulunkulu ngezinye izikhathi zingase zingasiqondi isihe sakhe
2 Njengoba singabona endabeni kaJona, ngezinye izikhathi kungase kube nzima ngabantu ukuqonda ubukhulu besineke sikaNkulunkulu nokuba nesifiso esinjengesakhe sokuba abantu bathole ukuphila. UJona wabheka isinqumo sikaJehova sokusindisa abantu baseNineve ‘njengesingathandeki neze, futhi wavutha ngentukuthelo.’ Kungenzeka yini ukuthi uJona wayezikhathalela yena kunokukhathalela ukusindiswa kwabantu nokuboniswa kwabo isihe? Mhlawumbe wayecabanga ukuthi uma abantu baseNineve besindiswa, uyophelelwa yisithunzi. (Jona 4:1, 10, 11) Kuthiwani ngesikhathi sethu, njengoba usuku lukaJehova lokwahlulela lusondela ngokushesha? Ungase ubuze: ‘Ngingakujulisa kanjani ukuqonda kwami intethelelo kaNkulunkulu, futhi ngingabasiza kanjani abenzi bobubi abaphendukayo ukuba bazuze ngokugcwele emseni wakhe? Yebo, ngingaba kanjani nesifiso sikaNkulunkulu sokuba abantu bathole ukuphila?’
UKUBA NOBULUNGISA NESIHE NGENJONGO YOKUSINDISA UKUPHILA
3. Ingabe kukhona ukungqubuzana phakathi kobulungisa nesihe sikaNkulunkulu? Chaza.
3 Abanye abantu banomuzwa wokuthi lezi zincwadi zesiprofetho ezingu-12 zizikhulumela ngentukuthelo kaNkulunkulu nangokujezisa kwakhe abantu bakhe, ukukhipha kwakhe isahlulelo. Bangase babuze: ‘Sikuphi isihe sikaJehova lapha? Unendaba nje nokusindisa ukuphila?’ Empeleni, kunokuba ubulungisa nesihe sikaNkulunkulu kungqubuzane, kuyasebenzisana futhi kuyasiza ekusindiseni ukuphila. Ubulungisa nesihe kuyizici ezimbili zobuntu bukaNkulunkulu obuphelele. (IHubo 103:6; 112:4; 116:5) Ngokususa ububi babantu abangalungile, uNkulunkulu usuke ebonisa abalungileyo isihe. Lokho kufakazela ubulungisa bakhe obuphelele. Ngakolunye uhlangothi, njengoba enobulungisa obuphelele, uJehova ngesihe sakhe uyakuqaphela ukulinganiselwa kwabantu abangaphelele. Ungase ukubeke ngale ndlela: ukhipha isahlulelo lapho sidingeka khona, abe nesihe lapho kungenzeka khona. Ziningi izinkulumo ongazithola ezigijimini zabaprofethi ezifakazela lokhu, okubonisa ukuthi uNkulunkulu ufuna ukuba abantu bathole ukuphila. Ake sizihlole, sibheke nezifundo esingazisebenzisa ngezindlela ezingokoqobo namuhla.
4. Yibuphi ubufakazi obubonisa ukuthi uNkulunkulu ufuna abantu bathole ukuphila?
4 Umprofethi uJoweli wamemezela isigijimi sesahlulelo, kodwa wabuye waqinisekisa ukuthi uNkulunkulu “unomusa nesihe, wephuza ukuthukuthela futhi uchichima umusa wothando.” (Joweli 2:13) Ngemva kweminyaka engaba yikhulu, ekhulwini lesishiyagalombili B.C.E., uMika wagcizelela indlela esiyidinga ngayo intethelelo kaJehova. Ngemva kokubuza ukuthi “Ubani onguNkulunkulu onjengawe?” uMika wachaza uJehova kanje: “Ngokuqinisekile ngeke abambelele entukuthelweni yakhe kuze kube phakade, ngoba ujabula ngomusa wothando. Uzophinda futhi asibonise isihe.” (Mika 7:18, 19) Njengoba singabona endabeni kaJona yabantu baseNineve, uNkulunkulu uzimisele ukushintsha umqondo angabe esabajezisa abantu abafanelwe intukuthelo yakhe uma ukuzisola kwabo bekusekela ngezenzo ezibonisa ukuphenduka.
5. Yiziphi izici zesihe sikaNkulunkulu nezesifiso sakhe sokusindisa ukuphila ozithanda kakhulu? (Bheka nesithi “Bazenza Batholakala.”)
5 Thina asiphili esikhathini sabaprofethi abangu-12. Kodwa azisithinti yini izenzo ezibonisa isihe sikaJehova nesifiso sakhe sokusindisa ukuphila? Ukuzizwa kanjalo kungakwenza unamathele ngokuqinile kuNkulunkulu, kukhulise nesithakazelo sakho ekusizeni abanye bathole ukuphila. Nakuba abantu abaningi namuhla bephishekela inkambo embi, siyaqiniseka ukuthi uNkulunkulu “akafisi ukuba kubhubhe namunye kodwa ufisa ukuba bonke baphenduke.” (2 Petru 3:9) Leso sifiso sikaJehova sibonakala emazwini afudumele ashiwo uHoseya ngemva kokwamukela umkakhe ophingayo. UJehova ‘wakhuluma nezinhliziyo’ zabantu bakhe. UNkulunkulu wayengabophekile ukubaxolela, kodwa wayezimisele ukubaxolela “ngokuzithandela.” (Hoseya 1:2; 2:13, 14; 3:1-5; 14:4) Uyazi ukuthi kungani umbono nezenzo zikaNkulunkulu kule ndaba kubaluleke kangaka? Yingoba kuhileleke ukuphila kwabantu. Uma ubheka ibandla lobuKristu, elenza umsebenzi nawe owenzayo, ungabona obunye ubufakazi besihe sikaNkulunkulu nesifiso sakhe sokuba abantu bathole ukuphila.
UKUSIZA ABANTU BATHOLE UKUPHILA
6. Iyiphi indlela eyinhloko uNkulunkulu abonisa ngayo ukuthi ufisa ukuba abantu bathole ukuphila?
6 Kungani uhlanganyela enkonzweni yasensimini? Isizathu esiyinhloko siwukusiza abantu ukuba bazi uNkulunkulu weqiniso. Nakhu okubalulekile okufanele kwaziwe ngoJehova: Ukhipha izixwayiso ezicacile ngaphambi kokuletha isijeziso. Lokhu kubonisa ukuthi uyabakhathalela abantu futhi unesihe kubo, akafuni bafe, ufuna bathole ukuphila. Abaprofethi abangu-12 batshela abenzi bobubi ukuthi uNkulunkulu wayebanika ithuba lokulungisa izindlela zabo nokuba basinde entukuthelweni yakhe yokulunga. Nathi senza umsebenzi ofanayo namuhla. NjengomKristu, unelungelo lokumemezela isixwayiso sokuza kosuku lukaNkulunkulu lwempindiselo. Njengoba wenza lokho, gwema noma yimiphi imizwa yokuziphindiselela, yokufisa sengathi abantu abangakulaleli “bangavuna abakutshalayo.” Zikhumbuze ukuthi ngokwezinga elikhulu, ushumayela ngenjongo yokuba abathile bangene emgwaqweni oya ekuphileni.—Joweli 3:9-12; Zefaniya 2:3; Mathewu 7:13, 14.
7. (a) Kungani kubalulekile ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela? (b) Uma abantu bengasinaki, ukucabanga ngombono kaJehova kungasisiza kanjani?
7 Njalo lapho ukhuluma ngeqiniso leBhayibheli endlini ngendlu, esikoleni, emsebenzini, noma kuphi, usuke usiza umuntu osidinga ngokuphuthumayo isihe nentethelelo kaNkulunkulu. (Hoseya 11:3, 4) Kuyavunywa, abantu bangase bangakunaki. Nokho, uma ukhuthazela, usuke ulingisa uNkulunkulu wethu onesihe, okwathi ngoZakariya watshela abantu bakhe abahlubukayo: “Ngicela nibuye ezindleleni zenu ezimbi nasezenzweni zenu ezimbi.” (Zakariya 1:4) Kwazi bani ukuthi bangaki abantu abangase balalele lapho ubatshela ngesihe sikaNkulunkulu futhi ubabonisa indlela eya ekuphileni? Nalapha, zama ukukhumbula ukuthi ushumayela ngoba uJehova ufuna abantu bathole ukuphila nokuthi nawe yilokho okufunayo.
8. Kungani kukhuthaza ukukhumbula ukuthi bebelokhu bekhona abantu abasabela esiheni sikaNkulunkulu?
8 Kungase kukukhuthaze ukukhumbula leli qiniso: Bebelokhu bekhona abantu abazamukelayo izigijimi zikaNkulunkulu. Ngakho, uHoseya wayengakhuluma ngabantu abaqaphelayo ukuthi “izindlela zikaJehova ziqondile.” Wanezela: “Ngabalungileyo abayohamba kuzo.” (Hoseya 14:9) Kuwo wonke amakhulu eminyaka edlule, baningi esiye sabathinta isimemo sikaNkulunkulu: “Buyelani kimi ngazo zonke izinhliziyo zenu.” (Joweli 2:12) La mazwi ayeshiwo kubantu ababekade bemazi uJehova, kodwa futhi abonisa isithakazelo sikaNkulunkulu kubantu abaqalayo ukufunda ngaye. Yebo, uNkulunkulu akalilahlile ithemba lokuthi abantu bayakwazi ukuzisola ngenkambo yabo embi yangaphambili, baphenduke, bese benza okulungile. Lokho kubabeka ethubeni lokusinda.—1 Thimothewu 4:16.
9. Ukuphenduka kwabaseNineve kubonisa ukuthi yini edingekayo?
9 Kunelinye iphuzu endabeni yokuthethelela kukaJehova abantu baseNineve. Sifunda ukuthi abantu basithatha ngokungathí sina isigijimi sesahlulelo saphezulu esasisondela, base ‘beqala ukuba nokholo kuNkulunkulu.’ (Jona 3:5) Ukuze baqhubeke bephila, kwadingeka babe nokholo, bangesabi nje isahlulelo kuphela. Ngenxa yesifiso sikaJehova esijulile sokubona abantu bephenduka futhi bebonisa ukholo, uye wasivumela ukuba sibe abashumayeli, sisize abantu bakhethe. Kube namuphi umphumela? Sifunda lokhu ngokuqondene nabaseNineve: “UNkulunkulu weqiniso wayibona imisebenzi yabo, ukuthi babebuyile endleleni yabo embi; ngakho uNkulunkulu weqiniso wadabuka ngenhlekelele ayekhulumé ukuthi uzobabangela yona; akabange esayibangela.” (Jona 3:10) UJehova akanakukhohliswa amazwi noma izenzo zokugcina icala. Kumelwe ukuba abaseNineve babeqotho ngokuzisola kwabo ababekubonisa ngemisebenzi. UNkulunkulu wabona ukuthi babeshintshe ngempela; babonisa ukuphenduka okuqotho okuhambisana nokholo.
10. Yiziphi ezinye zezikhathi uJehova asindisa ngazo abantu?
10 Masingalokothi siphethe ngokuthi isifiso sikaJehova sokusindisa ukuphila sazuzisa abantu baseNineve kuphela. Ngesikhathi kubhujiswa iJerusalema ngo-607 B.C.E.—ngemva kwenkonzo ka-Obadiya, uNuhume noHabakuki—uJehova wavulela uJeremiya neqembu labangane bakhe abathembekile intuba yokubaleka. (Jeremiya 39:16-18) Abaprofethi bakaNkulunkulu babikezela nokuthi insali ephendukile yayiyobuya eBhabhiloni, ibuyisele ukukhulekela okumsulwa. (Mika 7:8-10; Zefaniya 3:10-20) Lezo ziprofetho ziye zagcwaliseka ngokugcwele ezikhathini zanamuhla. Ngemva kweMpi Yezwe I, amaKristu agcotshiwe, amaningi awo ayengasakunakile ukukhulekela kweqiniso, avuselelwa aphinde asebenza ngenkuthalo futhi abuyiselwa emseni kaJehova, enombono wokuphila. Nanamuhla, abantu abavela ‘ezizweni eziningi bazihlanganisa noJehova.’ (Zakariya 2:11) Banethemba lokusinda ekupheleni okusondelayo kwalesi simiso sezinto. Ngakho, inkonzo yakho yasensimini ayisona nje isenzo sokulalela osenza ngoba amaKristu eyalwe ukuba asenze. Ingeyona nento eyenzelwa ukugcwalisa isiprofetho. (Mathewu 24:14; 28:19, 20) Inkonzo yakho yasensimini igxile ekusizeni abantu bafunde ngoJehova, babe nokholo, bathole ukuphila.
UKUPHILA KULABO ABABUYELA KUJEHOVA
11, 12. Isihe sikaNkulunkulu singabazuzisa kanjani abantu abake baba abakhulekeli bakhe?
11 UJehova unesithakazelo kubantu abasaqala ukufunda ngaye futhi ufuna bathole ukuphila, kodwa akabakhohlwa nalabo asebenesikhathi bemkhonza. Nathi kufanele sibe nesithakazelo kubo futhi sifune ukuba baqhubeke besendleleni yokuphila. Yiziphi izindlela ezingokoqobo esingabonisa ngazo isithakazelo sethu?
12 Kungenzeka bakhona obaziyo ababefundile ngoJehova, baba nokholo kuye, futhi bakhuthala ekukhulekeleni kweqiniso, kodwa abangasamkhonzi manje. Izigijimi uJehova azithumela ngabaprofethi abangu-12 zibonisa ukuthi wayezimisele ukubabonisa isihe labo ababekade bephakathi kwabantu bakhe kodwa bangaqhubeka nokukhulekela kweqiniso. Kusenjalo nanamuhla, kungakhathaliseki ukuthi labo bantu baye bakhukhuleka, bahlehla, noma bawela esonweni futhi kudingeka baphenduke. (Hebheru 2:1; 3:12) Nakuba kungenzeka ukuthi abajabule njengoba bekude noJehova, bangase bakuthole kunzima ukubuya. UNkulunkulu uyabancenga ngamazwi omprofethi wakhe: “Yilokhu uJehova wamabutho akushilo: ‘Buyelani kimi,’ kusho uJehova wamabutho, ‘nami ngizobuyela kini.’” (Zakariya 1:3) Yeka indlela aqinisekisa ngayo amazwi kaHoseya! Uthi: “O Israyeli, buyela kuJehova uNkulunkulu wakho, ngoba isiphambeko sakho sikukhubekisile. Thathani amazwi nibuyele kuJehova. Yishoni kuye, nonke nina bantu nithi, ‘Kwangathi ungaxolela isiphambeko; wamukele okuhle.’” Yebo, ngisho nababenze izono ezimbi kakhulu kodwa babuyela kuNkulunkulu bephenduke ngobuqotho, babengayithola intethelelo, bagcine besimeme ngokugcwele. (Hoseya 6:1; 14:1, 2; IHubo 103:8-10) Kwakunjalo ezinsukwini zabaprofethi, kunjalo nasosukwini lwethu.
Ungawasiza kanjani amaKristu ayeke ashiseka ukuba abuyele kuJehova?
13. Sinaziphi izizathu zokubonisa isihe kulabo uNkulunkulu aye wabathethelela?
13 Kodwa-ke lokho kusho ukuthini ngamaKristu abelokhu esendleleni eya ekuphileni? Singabonisa kanjani ukuthi sinombono kaJehova ngabanye? UJehova ulindele ukuba sibonise isihe kubantu abaqalayo ukufunda ngaye nakulabo okungenzeka bayekile ukumkhonza. UNkulunkulu washo ngoHoseya ukuthi ufunani kithi: “Ngijabulele umusa wothando, hhayi umhlatshelo.” UJesu Kristu wathathela kulawo mazwi wathi: “Hambani niyofunda ukuthi kusho ukuthini lokhu, ‘Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo.’” (Hoseya 6:6; Mathewu 9:13) Ukubonisa kwethu isihe esinjalo kubaluleke kakhulu ekulondolozeni ubuhlobo bethu noNkulunkulu. Phawula indlela umphostoli uPawulu ahlobanisa ngayo ukuthethelela abanye nokulingisa uNkulunkulu: “Yibani nomusa komunye nomunye, ninobubele besisa, nithethelelane ngokukhululekile njengoba nje noNkulunkulu anithethelela ngokukhululekile ngoKristu. Ngakho-ke, yibani ngabalingisi bakaNkulunkulu, njengabantwana abathandekayo, futhi niqhubeke nihamba othandweni.” (Efesu 4:32–5:2) Wenza kanjani wena ekulingiseni uNkulunkulu kulesi sici?
14, 15. Kukuziphi izimo lapho isimo sethu sengqondo ngokuthethelela kukaJehova singase sivivinywe khona?
14 Kuthiwani uma umzalwane owénza isono esibi kakhulu engaphendukanga futhi kwadingeka axoshwe ebandleni? Kwenzeka lokho emuva ekhulwini lokuqala; amaKristu ayeyizoni ezingaphenduki ayesuswa ekuhlanganyeleni. Uma lokho kwenzeka abaphostoli bakaJesu besaphila, akumangalisi-ke ukuthi nanamuhla kuke kwenzeke. Ezimweni ezinjalo, abaqotho ebandleni basebenzisa isiqondiso seBhayibheli sokungazihlanganisi nomuntu oxoshiwe. Ukuba qotho kwabo kuJehova kungase kusize umenzi wobubi abone ukungathí sina kwenkambo yakhe embi, futhi angase ashukumiseleke ukuba aphenduke. EBhayibhelini sifunda ukuthi umuntu othile eKorinte owayexoshiwe waphenduka, waguquka, futhi wabuyiselwa ekuhlanganyeleni. (1 Korinte 5:11-13; 2 Korinte 2:5-8) Lapho lokhu kwenzeka namuhla, uzizwa kanjani, futhi ungasibonisa kanjani isithakazelo sakho sokuba abanye bathole ukuphila?
15 Umenzi wobubi ophendukile angase abe namahloni futhi adangale, adinge ukuqinisekiswa ukuthi uNkulunkulu nabafowabo bayamthanda nokuthi bafuna athole ukuphila. Bheka indlela uNkulunkulu abaqinisekisa ngomusa ngayo abantu bakhe basendulo ababezimisele ukuphenduka: “Ngiyokwenza ube ngowami ngokwethembeka; ngokuqinisekile uyomazi uJehova.” (Hoseya 2:20) Njengoba kuyile ndlela uNkulunkulu azizwa ngayo, kufanele sibonise ukuthi sivumelana nalowo uZakariya amchaza njengoNkulunkulu ‘obonisa isihe.’—Zakariya 10:6.
16. Kufanele sisabele kanjani lapho othile ebuyiselwa ekuhlanganyeleni?
16 UNkulunkulu ufuna abantu bathole ukuphila, ngakho uyajabula lapho isoni siphenduka noma lapho inceku yakhe ebeyipholile ivuselela intshiseko yayo.a (Luka 5:32) Endabeni yomuntu waseKorinte owabuyiselwa, esisanda kukhuluma ngaye, uPawulu wayala ibandla ukuba limthethelele futhi limkhuthaze, limazise ukuthi limthanda ngempela: “Lokhu kukhuza okunikezwa iningi kumanele umuntu onjalo, kangangokuthi . . . kufanele nimthethelele ngomusa futhi nimduduze, ukuze umuntu onjalo ngandlela-thile angagwinywa ukudabuka ngokweqile. Ngakho-ke, nginikhuthaza ukuba niluqinisekise uthando lwenu ngaye.” (2 Korinte 2:6-8) Khumbula ukuthi uHoseya wacaphuna uJehova ethi ngabantu ababekade beyizoni: “Ngizokuphulukisa ukungathembeki kwabo. Ngizobathanda ngokuzithandela.” (Hoseya 14:4) Ingabe siyomlingisa uJehova, sijabulele ukuba neqhaza kulokho kuphulukisa nasekusizeni abantu bathole ukuphila okuphakade okungaba umphumela walokho kuphulukisa?
17, 18. Singabasiza kanjani ngothando labo abaye babuyela kuJehova noma amalungu omkhaya womuntu osusiwe ekuhlanganyeleni?
17 UJehova ukwenza kucace ukuthi ubaphatha ngenhlonipho ababuyayo, abamukele njengabakufanelekela ngokugcwele ukuthola uthando lwakhe, njengoba nje noHoseya amukela umkakhe owayengathembekile. UJehova usitshela indlela áziphatha ngayo izinceku zakhe: ‘Ngaba kuzo njengalabo abasusa ijoka emihlathini yazo, futhi ngobumnene ngaletha ukudla kuleyo naleyo.’ (Hoseya 11:4) Yeka uthando olufudumele uJehova adonsa ngalo ababuyayo! Singamlingisa ngokungabi abalukhuni noma abangabenameli labo ababonisa ukudabuka kokuhlonipha uNkulunkulu, baphenduke ngobuqotho. Uma nje umuntu esemukelwe ebandleni, kunokuba simcasukele noma simbambele amagqubu ngalokho akwenza, kufanele sikhulume naye ngokududuzayo lapho edinga induduzo.—1 Thesalonika 5:14.
18 Ingabe zikhona ezinye izindlela ongamlingisa ngazo uJehova endabeni yokususwa ekuhlanganyeleni nebandla? Uma othile kwadingeka axoshwe, ngeke yini sawasiza amalungu omkhaya wakhe athembekile, mhlawumbe inkosikazi noma umyeni othembekile nezingane zakhe? Kungenzeka akulula ngabo ukuya emihlanganweni nasensimini. Ingabe siyobasekela ngokukhethekile lapho bekudinga? Enye indlela yokubonisa isihe nothando iwukusebenzisa ‘amazwi amahle, amazwi aduduzayo,’ sithathe isinyathelo siqale izingxoxo ezikhuthazayo nalabo abathembekile. (Zakariya 1:13) Maningi amathuba alokho ngaphambi nangemva kwemihlangano, enkonzweni yasensimini, noma ngezinye izikhathi. Bayizisebenzi ezikanye nathi, amalungu athandekayo ebandla lakithi okungafanele azizwe enganakiwe noma ekhishwe inyumbazane. Kwezinye izimo, kuba yizingane zomzali osusiwe zodwa ezilwela ukukhonza uJehova. Siyafuna ngempela ukuba zithole ukuphila. Singakubonisa kanjani lokho?
‘INTANDANE IBONISWA ISIHE’
19. UZefaniya wamsiza kanjani ngokomoya othile ongase afaniswe ‘nentandane’?
19 Enkonzweni kaZefaniya, owaprofetha phakathi nekhulu lesikhombisa B.C.E., ungasithola isibonelo sendlela yokusiza. Kungenzeka ukuthi wayengowasebukhosini bakwaJuda, mhlawumbe engumzala weNkosi uJosiya. Uyise wenkosi wayesebulewe, okwaphoqa uJosiya owayeneminyaka engu-8 ubudala ukuba athathe isihlalo sobukhosi. Wabhekana nomsebenzi oyinselele: Isizwe sasingené shi ekukhulekeleni izithombe nasemikhubeni enyanyekayo. (Zefaniya 3:1-7) UJosiya owayesemncane futhi eyintandane, wayedinga isiqondiso esihle neseluleko esinengqondo ukuze abuse leso sizwe esingalaleli. UJehova wamnika isiqondiso esihlakaniphile ngoJeremiya noZefaniya, njengoba kushiwo eZahlukweni 3 no-5 zale ncwadi. Kuyaphawuleka ukuthi ngenkathi uJehova eyala “izikhulu” zakwaJuda ngomprofethi wakhe, akayisolanga inkosi. (Zefaniya 1:8; 3:3) Lokhu kungase kubonise ukuthi inkosi esencane uJosiya yayivele isibonisile ukuthi ithambekele ekukhulekeleni okumsulwa. Ngokungangabazeki, iseluleko somprofethi samsiza uJosiya ukuba aqinise ukuzimisela kwakhe ukuqeda ukukhulekela okungcolile kwaJuda.
20. Ukuqeqeshwa ngokomoya kungazisiza kanjani ‘izintandane’ ebandleni?
20 Isithakazelo sikaZefaniya kuJosiya sisibonisa isithakazelo sikaJehova entsheni engenabani, engathonyeka kalula, njengezingane ezibazali bazo basusiwe ekuhlanganyeleni. UHoseya wathi: “[NguNkulunkulu] obonisa intandane isihe.” (Hoseya 14:3) Bakhona yini abafana namantombazane ‘abayizintandane’ obaziyo abadinga umuntu ongabaqeqesha ngokomoya nangezindlela ezingokoqobo? Kungase kube izintandane ezingokomoya, izingane ezinabazali abangabodwa, noma izingane ezikhonza uJehova zodwa ekhaya. Ngokuvamile, izinga lezo zingane ezisondelana ngalo nebandla nezikhula ngalo ngokomoya, lithintwa ukuba khona noma ukungabi khona komuntu oziqeqeshayo ngokomoya. ‘Izintandane’ eziningi ziye zathuthuka zaba abantu abadala abahluzekile nabangokomoya ngenxa yokuthi amaKristu avuthiwe ebandleni azikhathalela ngothando.—IHubo 82:3.
Ungaba yini umondli ongokomoya wezingane ‘eziyizintandane’?
21. AmaKristu avuthiwe angayisiza kanjani intsha?
21 Ngokwesibonelo, umama ongayedwa angasizwa ngokuba amaKristu avuthiwe abe nesithakazelo ezinganeni zakhe. (Jakobe 1:27) Nakuba beyobuqaphela ngokufanelekile ubunhloko futhi beyoba nenhlonipho, ababonisi nabanye bangawasiza ngokomoya amalungu emikhaya adinga ukusekelwa ngokomzwelo. Mhlawumbe wena nowakwakho noma nomkhaya wakho ningachitha isikhathi nomfana noma intombazane eyintandane. Ungayicabangela yini intsha okungenzeka ihlushwa isizungu? Ingase idinge uzwela nokuthulula isifuba, futhi ungayilalela lapho nisenkonzweni yasensimini. Akungatshazwa ukuthi umatasa, ngakho ukusiza izingane ezinjalo kaningi isikhathi eside ‘kungavivinya ubuqotho bothando lwakho.’ (2 Korinte 8:8) Imizamo yakho iyobonisa isifiso sakho sokuba abanye bathole ukuphila.
22. Uzizwa kanjani ngesithakazelo sikaJehova sokuba abanye bathole ukuphila?
22 Yeka indlela okuqinisekisa ngayo ukucabanga ngesithakazelo sikaNkulunkulu kubantu, ukufuna kwakhe ukuba bathole ukuphila okuphakade! Angamane abonise uthando lwakhe ngabantu abalungileyo abamthandayo futhi abanike ukuphila kunokuba abonise ukungabajabuleli kwakhe labo abangafuni ukulungiswa futhi abangakufanelekeli ukuphila phakade. Njengoba silubheke ngabomvu usuku lukaJehova, masimlingise ekusizeni abanye bangene endleleni eya ekuphileni.
a Kunemifanekiso emithathu ethinta inhliziyo ebonisa ukujula kokukhathalela kukaNkulunkulu abantu bakhe abaye baphambuka—umfanekiso wemvu eyalahleka, owohlamvu lwemali olwalahleka, nowendodana yolahleko.—Luka 15:2-32.