‘Uyihlo Unesihe’
“Qhubekani niba nesihe, njengoba nje noYihlo enesihe.”—LUKA 6:36.
1, 2. Amazwi kaJesu kubabhali, kubaFarisi nakubalandeli bakhe abonisa kanjani ukuthi isihe siyimfanelo efiselekayo?
UMTHETHO owanikezwa ngoMose wawunezimfuneko neziqondiso ezingaba ngu-600. Nakuba lezi zimfuneko zoMthetho KaMose kwakudingeka zenziwe, ukubonisa isihe nakho kwakubaluleke kakhulu. Cabanga ngalokho uJesu akusho kubaFarisi ababengenasihe. Wabasola kabili, ethi uNkulunkulu wayethé: “Ngifuna isihe, hhayi umhlatshelo.” (Mathewu 9:10-13; 12:1-7; Hoseya 6:6) Ngasekupheleni kwenkonzo yakhe, uJesu wathi: “Maye kini, babhali nabaFarisi, bazenzisi! ngoba ninikela okweshumi kweminti nedile nekhumini, kodwa anizinakanga izindaba zoMthetho ezibaluleke kakhulu, okuwukuthi, ubulungisa nesihe nokwethembeka.”—Mathewu 23:23.
2 Akungatshazwa ukuthi uJesu wayebheka isihe njengento ebaluleke kakhulu. Watshela abalandeli bakhe: “Qhubekani niba nesihe, njengoba nje noYihlo enesihe.” (Luka 6:36) Nokho, ukuze ‘sibe ngabalingisi bakaNkulunkulu’ kulesi sici, kudingeka sazi ukuthi siyini isihe sangempela. (Efesu 5:1) Ngaphezu kwalokho, ukwazi izinzuzo zesihe kuzosenza sifune ukuyibonisa ngokwengeziwe le mfanelo ekuphileni kwethu.
Ukubonisa Isihe Kwabahluphekile
3. Kungani kufanele sibheke kuJehova ukuze sifunde ukuthi siyini isihe sangempela?
3 Umhubi wahlabelela: “UJehova unomusa futhi unesihe, wephuza ukuthukuthela futhi mkhulu ngomusa wothando. UJehova muhle kubo bonke, isihe sakhe siphezu kwayo yonke imisebenzi yakhe.” (IHubo 145:8, 9) UJehova ‘unguYise wesihe noNkulunkulu wenduduzo yonke.’ (2 Korinte 1:3) Isihe siboniswa ngokuphatha umuntu ngobubele. Siyisici esiyinhloko sobuntu bukaNkulunkulu. Isibonelo sakhe nemiyalo yakhe kungasifundisa ukuthi siyini isihe sangempela.
4. U-Isaya 49:15 usifundisani ngesihe?
4 Njengoba kulotshwe ku-Isaya 49:15, uJehova uthi: “Umfazi angamkhohlwa yini umntanakhe osancela angayihawukeli indodana yesisu sakhe?” Amagama esiHebheru ahlobene eduze nelihunyushwe lapha ngokuthi ‘hawukela’ ahunyushwe ngokuthi isihe kumaHubo 145:8, 9, acashunwe ngenhla. Umzwelo owenza uJehova abe nesihe ufaniswa nomuzwa ofudumele umama oncelisayo anawo ngomntanakhe. Mhlawumbe umntwana ulambile noma kukhona akudingayo. Eshukunyiswa imizwa yobubele noma uzwela, umama uyalunikeza usana olukudingayo. UJehova unemizwa enesisa kanjalo ngalabo abathola isihe sakhe.
5. UJehova wazibonisa kanjani ‘ecebile ngesihe’ ku-Israyeli?
5 Ukuba nomuzwa wobubele kuyinto ehluke ngokuphelele ekwenzeni isenzo esibonisa lowo muzwa ukuze kusizakale abahluphekile. Cabanga indlela uJehova asabela ngayo lapho abakhulekeli bakhe besebugqilini eGibhithe eminyakeni engaba ngu-3 500 edlule. Watshela uMose: “Ngokuqinisekile ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yalabo ababacindezela ngomsebenzi; ngoba ngibazi kahle ubuhlungu ababuzwayo. Ngiyehla ukuze ngiyobakhulula esandleni sabaseGibhithe futhi ngibakhuphule baphume kulelo zwe ngibayise ezweni elihle nelibanzi, ezweni eligeleza ubisi noju.” (Eksodusi 3:7, 8) Cishe ngemva kweminyaka engu-500 ama-Israyeli ekhululiwe eGibhithe, uJehova wawakhumbuza: “Yimi engakhuphula u-Israyeli ngamkhipha eGibhithe futhi nganikhulula esandleni seGibhithe nasesandleni sayo yonke imibuso eyayinicindezela.” (1 Samuweli 10:18) Ngenxa yokuchezuka ezindinganisweni zikaNkulunkulu zokulunga, ama-Israyeli ayebhekana nobunzima njalo. Noma kunjalo, uJehova wayewazwela futhi awophule kaningi. (AbaHhluleli 2:11-16; 2 IziKronike 36:15) Lokhu kubonisa indlela uNkulunkulu onothando asabela ngayo kulabo abaswele, abasengozini noma abasebunzimeni. UJehova ‘ucebile ngesihe.’—Efesu 2:4.
6. UJesu Kristu wamlingisa kanjani uYise ekuboniseni isihe?
6 Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu Kristu walingisa uYise ngokuphelele ekuboniseni isihe. Wasabela kanjani lapho izimpumputhe ezimbili zimncenga, zithi: “Nkosi, yiba nesihe kithi, Ndodana kaDavide”? Zazincenga uJesu ukuba azivule amehlo ngokuyisimangaliso. Wakwenza lokho, kodwa akasenzanga ngendlela yokugcina icala leso simangaliso. IBhayibheli lithi: “Ezihawukela, uJesu wathinta amehlo azo, zabona masinyane.” (Mathewu 20:30-34) Isihawu sashukumisa uJesu ukuba enze izimangaliso eziningi ezasiza izimpumputhe, abanamademoni, abanochoko nabazali bezingane ezigulayo.—Mathewu 9:27; 15:22; 17:15; Marku 5:18, 19; Luka 17:12, 13.
7. Isibonelo sikaJehova uNkulunkulu neseNdodana yakhe zisifundisani ngesihe?
7 Isibonelo sikaJehova uNkulunkulu nesikaJesu Kristu zibonisa ukuthi isihe sinezici ezimbili—imizwa yobubele, okuwuzwela noma isihawu ngabahluphekile kanye nesenzo sokubasiza. Ukubonisa isihe kudinga zombili lezi zici. EmiBhalweni, isihe sivame ukubhekisela ekwenzeni okuthile okubonisa umusa kulabo abaswele. Kodwa-ke isihe siboniswa kanjani endabeni yokwahlulela? Ingabe siyakuhilela nokungakwenzi okuthile, njengokungasikhiphi isijeziso?
Izoni Ziboniswa Isihe
8, 9. Isihe uDavide asiboniswa ngemva kokona noBhati-sheba sasihilelani?
8 Cabanga ngokwenzeka ngemva kokuba umprofethi uNathani ekhulume nenkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide ngokuphinga kwayo noBhati-sheba. UDavide owayesephendukile wathandaza: “O Nkulunkulu, ngibonise umusa ngokomusa wakho wothando. Sula izeqo zami ngokuvumelana nokuchichima kwesihe sakho. Ngigezisise esiphambekweni sami, ungihlanze ngisho nasesonweni sami. Ngoba mina ngiyazazi izeqo zami, nesono sami siphambi kwami njalo. Ngoné kuwe wena wedwa, ngenzé okubi emehlweni akho.”—IHubo 51:1-4.
9 UDavide wazisola kakhulu. UJehova wasithethelela isono sakhe futhi wazibamba lapho emahlulela yena noBhati-sheba. NgokoMthetho KaMose, uDavide noBhati-sheba kwakufanele babulawe. (Duteronomi 22:22) Nakuba bengaphunyulanga kuyo yonke imiphumela yesono sabo, ababulawanga. (2 Samuweli 12:13) Ukuba nesihe kukaNkulunkulu kuhilela ukuxolela isiphambeko. Noma kunjalo, akasigodli isijeziso esifanele.
10. Nakuba uJehova ebonisa isihe lapho ahlulela, kungani kungamelwe sisithathe kalula isihe sakhe?
10 Njengoba “ngomuntu oyedwa [u-Adamu] isono sangena ezweni” futhi ‘inkokhelo yesono kungukufa,’ bonke abantu bafanelwe ukufa. (Roma 5:12; 6:23) Yeka indlela esibonga ngayo ngokuthi uJehova ubonisa isihe lapho ahlulela! Nokho, kumelwe siqaphele singasithathi kalula isihe sikaNkulunkulu. “Zonke izindlela [zikaJehova] ziwubulungisa,” kusho uDuteronomi 32:4. Lapho ebonisa isihe, uNkulunkulu akazishalazeli izindinganiso zakhe eziphelele zobulungisa.
11. UJehova wabubonisa kanjani ubulungisa obufanele endleleni asingatha ngayo isono sikaDavide noBhati-sheba?
11 Endabeni kaDavide noBhati-sheba, ngaphambi kokuthanjiswa kwesahlulelo esiyisigwebo sokufa, kwadingeka isono sabo sithethelelwe. Abahluleli bakwa-Israyeli babengenalo igunya lokwenza lokhu. Ukube bavunyelwa ukusingatha leli cala, kwakuyodingeka bakhiphe isigwebo sokufa nje kwaphela. Wawusho njalo uMthetho. Kodwa ngenxa yesivumelwano ayesenze noDavide, uJehova wafuna ukubona ukuthi sikhona yini isisekelo sokuthethelela isono sikaDavide. (2 Samuweli 7:12-16) Ngakho, uJehova uNkulunkulu, “uMahluleli womhlaba wonke” ‘ongumhloli wenhliziyo,’ wakhetha ukulusingatha yena luqobo lolu daba. (Genesise 18:25; 1 IziKronike 29:17) UNkulunkulu wayengayifunda ngokunembile inhliziyo kaDavide, abheke ukuthi ukuphenduka kwakhe kuqotho kangakanani, abese emthethelela.
12. Abantu abanesono bangazuza kanjani esiheni sikaNkulunkulu?
12 Isihe uJehova asibonisa sona ngokwenza kwenzeke ukuba sikhululwe esigwebweni sesono esisizuze njengefa sivumelana nobulungisa bakhe. Ukuze isono sithethelelwe kodwa ingephulwa indinganiso yobulungisa, uJehova wenze ilungiselelo lomhlatshelo wesihlengo weNdodana yakhe, uJesu Kristu—ukubonakaliswa kwesihe okukhulu kunakho konke. (Mathewu 20:28; Roma 6:22, 23) Ukuze sizuze esiheni sikaNkulunkulu, esingasisindisa esijezisweni esisithola ngenxa yesono esiyifa, kumelwe ‘sibonise ukholo eNdodaneni.’—Johane 3:16, 36.
UNkulunkulu Wesihe Nobulungisa
13, 14. Ingabe isihe sikaNkulunkulu siyabuthambisa ubulungisa bakhe? Chaza.
13 Nakuba isihe sikaJehova singangqubuzani nendinganiso yakhe yobulungisa, ingabe siyabuthonya ngandlela-thile ubulungisa bakhe? Ingabe isihe siyabuthambisa ubulungisa bukaNkulunkulu? Cha, asibuthambisi.
14 Ngomprofethi uHoseya, uJehova watshela ama-Israyeli: “Ngiyokwenza ube ngowami kuze kube nini nanini, futhi ngiyokwenza ube ngowami ngokulunga nangobulungisa nangomusa wothando nangesihe.” (Hoseya 2:19) La mazwi abonisa ngokucacile ukuthi ukubonisa kukaJehova isihe ngaso sonke isikhathi kuvumelana nezinye izimfanelo zakhe, ezihlanganisa nobulungisa. UJehova ‘unguNkulunkulu onesihe nomusa, oxolela isiphambeko neseqo nesono, kodwa ongeke neze akhulula esijezisweni.’ (Eksodusi 34:6, 7) UJehova unguNkulunkulu wesihe nobulungisa. IBhayibheli lithi ngaye: “IDwala, uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa.” (Duteronomi 32:4) Ubulungisa bukaNkulunkulu buphelele njengoba nesihe sakhe siphelele. Ayikho kulezi zimfanelo ephakeme kunenye, ingekho nedinga ukuthanjiswa ngenye. Kunalokho, zombili zisebenzisana ngendlela ephelele.
15, 16. (a) Yini ebonisa ukuthi ubulungisa bukaNkulunkulu abunaso isihluku? (b) Lapho uJehova ahlulela lesi simiso sezinto esonakele, yini abangaqiniseka ngayo abakhulekeli bakhe?
15 Ubulungisa bukaJehova abunaso isihluku. Elithi ubulungisa livame ukusebenza kwezomthetho futhi isahlulelo ngokuvamile sifuna ukuba bajeziswe ngokufanele abenzi bobubi. Nokho, ubulungisa bukaNkulunkulu bungahilela nokusindiswa kwabafanelekayo. Ngokwesibonelo, lapho kubhujiswa ababi emizini yaseSodoma naseGomora, inzalamizi uLoti namadodakazi ayo amabili basindiswa.—Genesise 19:12-26.
16 Singaqiniseka ukuthi lapho uJehova ahlulela lesi simiso sezinto esonakele, “isixuku esikhulu” sabakhulekeli beqiniso abaye “bahlanza izembatho zabo zaba mhlophe egazini leWundlu,” siyosinda. Ngakho, ‘siyophuma osizini olukhulu.’—IsAmbulo 7:9-14.
Kungani Kufanele Sibe Nesihe?
17. Yisiphi isizathu esiyinhloko sokuba nesihe?
17 Isibonelo sikaJehova nesikaJesu Kristu zisifundisa ukuthi siyini isihe sangempela. IzAga 19:17 zisinikeza isizathu esiyinhloko sokuba nesihe, zithi: “Ombonisa umusa ophansi uboleka uJehova, futhi Yena uyombuyisela ngempatho yakhe.” UJehova uyathokoza lapho simlingisa yena neNdodana yakhe ngokuba nesihe lapho sisebenzelana nabanye. (1 Korinte 11:1) Nabanye bayakhuthazeka ukuba babe nesihe ngoba isihe sizala isihe.—Luka 6:38.
18. Kungani kufanele sizame ukuba nesihe?
18 Isihe siyinhlanganisela yezimfanelo eziningi ezinhle. Sihlanganisa umusa, uthando nobuhle. Imizwa yobubele noma yozwela iyona eyisisusa sezenzo zesihe. Nakuba isihe sikaNkulunkulu singabuthambisi ubulungisa, uJehova uyephuza ukuthukuthela futhi uyabekezela, anikeze abenzi bobubi isikhathi esanele sokuphenduka. (2 Petru 3:9, 10) Ngakho isihe sihlobene nokubezekela nokubhekakade. Njengoba siyinhlanganisela yezici eziningi ezifiselekayo—ezihlanganisa nezimfanelo ezihlukahlukene zezithelo zomoya kaNkulunkulu—isihe siba uhlaka okungakhelwa kulo ezinye izimfanelo. (Galathiya 5:22, 23) Yeka ukuthi kusemqoka kanjani ukuba sizame ukuba nesihe!
“Bayajabula Abanesihe”
19, 20. Isihe sethaba kanjani phezu kwesahlulelo?
19 Umfundi uJakobe usitshela isizathu sokuba senze isihe sibe imfanelo ebalulekile ekuphileni kwethu. Waloba: “Isihe sethaba ngokunqoba phezu kwesahlulelo.” (Jakobe 2:13b) UJakobe wayekhuluma ngesihe umkhulekeli kaJehova asibonisa abanye. Sethaba ngokunqoba phezu kwesahlulelo ngokuthi lapho kufika isikhathi sokuba umuntu ‘azilandisele kuNkulunkulu,’ uJehova ucabangela isihe lowo muntu asibonise kwabanye abese emthethelela ngesisekelo somhlatshelo wesihlengo weNdodana yaKhe. (Roma 14:12) Akungabazeki ukuthi esinye sezizathu esenza uDavide waboniswa isihe esonweni sakhe noBhati-sheba ukuthi kwayena wayengumuntu onesihe. (1 Samuweli 24:4-7) Ngakolunye uhlangothi, “lowo ongasibonisi isihe uyothola isahlulelo ngaphandle kwesihe.” (Jakobe 2:13a) Yingakho “abangenasihe” bebalwe phakathi kwalabo uNkulunkulu ababheka ‘njengabafanelwe ukufa’!—Roma 1:31, 32.
20 ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu wathi: “Bayajabula abanesihe, ngoba bayoboniswa isihe.” (Mathewu 5:7) Yeka indlela enamandla la mazwi abonisa ngayo ukuthi labo abafuna isihe sikaNkulunkulu nabo kufanele babe nesihe! Isihloko esilandelayo sizokhuluma ngendlela esingabonisa ngayo isihe ekuphileni kwethu kwansuku zonke.
Ufundeni?
• Siyini isihe?
• Isihe siboniswa ngaziphi izindlela?
• Kungayiphi indlela uJehova enguNkulunkulu wesihe nobulungisa?
• Kungani kufanele sibe nesihe?
[Isithombe ekhasini 21]
Imizwa kaJehova enesisa ngabahluphekile ifana nekamama ngomntanakhe
[Isithombe ekhasini 23]
Yini esiyifundayo ngesihe ezimangalisweni zikaJesu?
[Isithombe ekhasini 24]
Ingabe uJehova wenza okuphambene nobulungisa bakhe ngokubonisa uDavide isihe?
[Isithombe ekhasini 25]
Isihe sikaNkulunkulu kubantu abanesono sivumelana nobulungisa bakhe