Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp2 k. 33
  • Isibonelo Esihle—UmShulamiti

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Esihle—UmShulamiti
  • Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intombazane EngumShulamiti—Isibonelo Esifanelwe Ukulingiswa
    INcwajana YoMhlangano Wokuphila KobuKristu Nenkonzo Yethu—2016
  • Insali YomShulamiti
    Hubani Izindumiso ZikaJehova
  • Incwadi YeBhayibheli Yama-22—IsiHlabelelo SeziHlabelelo
    “Yonke ImiBhalo Iphefumlelwe UNkulunkulu Futhi Inenzuzo”
  • Uthando Lweqiniso Luyanqoba!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza Izimpendulo Ezisebenzayo—Umqulu 2
yp2 k. 33

Isibonelo Esihle—UmShulamiti

Intombi yomShulamiti iyazi ukuthi kufanele icabange ngendlela ehluzekile ezindabeni zothando. Ithi kubangane bayo: “Nginifungisile ukuba ningazami ukuphaphamisa noma ukuvusa uthando kimi luze luzivukele lona.” UmShulamiti uyazi ukuthi imizwa ingasheshe ikwenze ucabange ngendlela engahluzekile. Ngokwesibonelo, uyaqaphela ukuthi abanye bangamcindezela ukuba avume ukuthandana nomuntu ongamfanele. Ngisho nemizwa yakhe ingafiphaza ukwahlulela okuhle. Ngakho umShulamiti uba ‘njengodonga.’—IsiHlabelelo SeziHlabelelo 8:4, 10.

Ingabe umbono wakho ngothando uvuthwe njengowomShulamiti? Ingabe uyokwazi ukungayivumeli inhliziyo yakho ilawule indlela ocabanga ngayo? (IzAga 2:10, 11) Ngezinye izikhathi abanye bangase bakucindezele ukuba uthandane nomuntu ungakakulungeli. Kungenzeka nokuba uzilethele kwawena lokho kucindezela. Ngokwesibonelo, uma ubona umfana nentombazane bebambene ngezandla, ingabe uzizwa usha amashushu ukuba nothile ozothandana naye? Ungamvuma yini umuntu ongenazo izinkolelo ezifana nezakho ezisekelwe eBhayibhelini? Intombi yomShulamiti yayivuthiwe uma kuziwa ezindabeni zothando. Nawe ungafana nayo!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela