INGXENYE 7
Wayengubani UJesu?
UJehova wathumela uJesu emhlabeni. 1 Johane 4:9
Uma sifuna ukujabulisa uJehova, kumelwe silalele nomunye umuntu obalulekile. Emuva lé, ngaphambi kokuba uJehova adale u-Adamu, wadala umuntu womoya onamandla emazulwini.
Ngemva kwesikhathi, uJehova wamthumela ukuba azalelwe eBhetlehema yintombi enguMariya. Igama lomntwana kwathiwa uJesu.—Johane 6:38.
Ngesikhathi engumuntu emhlabeni, uJesu wazibonakalisa ngokuphelele izimfanelo zikaNkulunkulu. Wayenomusa, enothando futhi engeneka. Ngesibindi wafundisa abanye iqiniso ngoJehova.
UJesu wayenza izinto ezinhle kodwa wayezondwa. 1 Petru 2:21-24
Abaholi benkolo bamzonda uJesu ngoba wadalula izimfundiso zabo ezingamanga nezindlela zabo ezimbi.
UJesu welapha nabagulayo, wavusa nabanye ababefile.
Abaholi benkolo bashoshozela amaRoma ukuba ashaye futhi abulale uJesu.