Isahluko 3
Ngingayithola Kanjani Inkululeko Ethé Xaxa?
“Ngifisa sengathi abazali bami bangangivumela ngizishayelwe umoya ngedwa.”—USarah, oneminyaka engu-18.
“Ngihlale ngibuza abazali bami ukuthi kungani bengangithembi uma ngicela ukuzikhipha nabangane bami. Baye bathi: ‘Siyakwethemba. Abangane bakho esingabethembi.’”—UChristine, oneminyaka engu-18.
INGABE nawe, njengoSarah noChristine, ufuna inkululeko ethé xaxa? Ukuze uyithole, kuyodingeka wenze abazali bakho bakwethembe. Kodwa ukwethenjwa kufana nemali. Kunzima ukukuthola, kulula ukuba kukulahlekele, futhi noma ungethenjwa kangakanani, kungase kubonakale kunganele. U-Iliana oneminyaka engu-16 uthi, “Noma nini lapho ngifuna ukushaywa umoya, abazali bami bangibelesela ngemibuzo enjengokuthi ngiyaphi, ngihamba nobani, ngiyokwenzani, ngizobuya nini. Ngiyazi ukuthi bangabazali bami, kodwa kuyangicasula uma bengibuza kanjalo!”
Yini ongayenza ukuze abazali bakho bakwethembe kakhudlwana futhi bakunikeze inkululeko ethé xaxa? Ngaphambi kokuphendula lowo mbuzo, ake sibone ukuthi kungani ukwethenjwa kuyindaba ebucayi kanje phakathi kwabazali abaningi nentsha.
Izinselele Zokukhula
IBhayibheli lithi “indoda iyoshiya uyise nonina.” (Genesise 2:24) Kungashiwo okufanayo nangowesifazane. Kungakhathaliseki ukuthi ungowesilisa noma ungowesifazane, injongo eyinhloko yesikhathi sobusha iwukuba ulungele ukuba umuntu omdala—isikhathi oyobe usukulungele ngaso ukushiya ikhaya futhi mhlawumbe ube nowakho umkhaya.a
Nokho, ukungenela isigaba sokuba umuntu omdala akufani nje nomnyango ongena kuwo lapho usuneminyaka ethile. Kufana nokukhuphuka izitebhisi njengoba ukhula, ugibele isitebhisi esisodwa ngesikhathi. Yiqiniso, wena nabazali bakho ningase ningavumelani ngokuthi usukhuphuke ibanga elingakanani kulezo zitebhisi. “Sengineminyaka engu-20, kodwa abakangethembi!” kusho uMaria, onomuzwa wokuthi abazali bakhe abamethembi endabeni yabangane. “Bacabanga ukuthi ngeke ngibe nesibindi sokuxebuka kubangane uma sebeqala imikhuba emibi. Ngizamile ukubatshela ukuthi sengike ngabashiya lapho benza izinto ezimbi, kodwa abangethembi!”
Njengoba kubonakala emazwini kaMaria, indaba yokwethenjwa ingadala ukungezwani okukhulu phakathi kwentsha nabazali. Ingabe kunjalo nakini? Uma kunjalo, ungabenza kanjani abazali bakho bakwethembe ngokwengeziwe? Futhi uma bengasakwethembi ngenxa yesenzo sobuwula osenzile, yini ongayenza ukuze baphinde bakwethembe?
Zibonise Ukuthi Uthembekile
Umphostoli uPawulu wabhalela amaKristu ekhulu lokuqala: “Qhubekani nihlola lokho nina ngokwenu eniyikho.” (2 Korinte 13:5) Yiqiniso, wayengakhulumi nentsha ngokukhethekile. Noma kunjalo, lesi simiso siyasebenza kule ndaba. Izinga onikezwa ngalo inkululeko lilingana nezinga ozibonisa uthembeke ngalo. Akusho ukuthi kufanele uphelele. Phela sonke siyawenza amaphutha. (UmShumayeli 7:20) Noma kunjalo, ingabe imikhuba yakho inikeza abazali bakho isizathu sokungakwethembi?
Ngokwesibonelo, uPawulu wabhala: “Sifisa ukuziphatha ngokwethembeka ezintweni zonke.” (Hebheru 13:18) Zibuze, ‘Hlobo luni lwegama engizakhele lona kubazali bami endabeni yokubatshela ukuthi ngiyaphi nokuthi ngiyokwenzani?’ Cabanga ngokushiwo intsha ethile okuye kwadingeka izihlolisise kulokhu. Ngemva kokufunda ekushoyo, phendula imibuzo elandelayo.
ULori: “Ngangithumelela umfana engangimthanda ama-e-mail ngasese. Abazali bami bakuthola lokhu, bangikhuza. Ngabathembisa ukuthi ngizoyeka, kodwa ngangayeka. Ngaqhubeka ngimthumelela unyaka wonke. Ngangiye ngimthumelele, abazali bami bathole, ngixolise futhi ngithembise ukuthi ngizoyeka, kodwa ngibuye ngiphinde. Bagcina bengasangethembi abazali bami!”
Ucabanga ukuthi kungani abazali bakaLori babengasamethembi? ․․․․․
Ukube ubungumzali kaLori ubungenzani, futhi ngani? ․․․․․
Ngemva kokuba abazali bakaLori sebekhulume naye okokuqala ngale nkinga, yini ayengayenza ukuze bamethembe? ․․․․․
UBeverly: “Abazali bami babengangethembi uma kuziwa endabeni yabafana, kodwa manje sengiyazi ukuthi kungani. Ngangichitha isikhathi ngixoxa nabanye babo ababebadala ngeminyaka emibili kimi, ngenza sengathi ngiyabathanda. Ngangikhuluma nabo isikhathi eside ocingweni, futhi emibuthanweni ngangizixoxela nabo bodwa. Abazali bami bangiphuca ucingo inyanga yonke, futhi babenginqabela ukuba ngiye lapho babezoba khona labo bafana.”
Ukube ubungabazali bakaBeverly, yini obungayenza, futhi ngani? ․․․․․
Ucabanga ukuthi imingcele abazali bakhe abambekela yona yayingafanele? Uma kunjalo, kungani? ․․․․․
Yini ayengayenza uBeverly ukuze abazali bakhe baphinde bamethembe? ․․․․․
Ukubenza Baphinde Bakwethembe
Kuthiwani uma izenzo zakho zenze abazali bakho bangabe besakwethemba, njengentsha ecashunwe ngenhla? Ngisho noma bengasakwethembi, qiniseka ukuthi ungasishintsha isimo. Kanjani?
Cishe abazali bakho bayokwethemba ngokwengeziwe futhi bakunikeze inkululeko ethé xaxa njengoba wenza izinto ngendlela efanele. U-Annette waliqonda lelo qiniso. Uthi, “Lapho usemncane, awukuqondi ngokugcwele ukubaluleka kokwethenjwa. Manje sengenza izinto njengomuntu ohluzekile, futhi ngizizwa ngiphoqelekile ukuba ngenze abazali bami baqhubeke bengethemba.” Siyini isifundo? Kunokuba ukhalele ukuthi abazali bakho abakwethembi, gxila ekuzakheleni igama lokuthi uthembekile. Cishe uyoyithola inkululeko ethé xaxa.
Ngokwesibonelo, ingabe uthembekile kulezi zici ezingezansi? Faka u-✔ ezicini okudingeka usebenzele kuzo.
□ Ukubuya ekhaya ngesikhathi engisibekelwe
□ Ukufeza izithembiso zami
□ Ukugcina isikhathi
□ Ukusebenzisa kahle imali
□ Ukuqeda imisebenzi yasendlini
□ Ukuvuka ekuseni ngaphandle kokugqogqwa
□ Ukugcina ikamelo lami lihlanzekile
□ Ukukhuluma iqiniso
□ Ukusebenzisa ucingo noma i-computer ngokulinganisela
□ Ukuvuma amaphutha nokuxolisa
□ Okunye ․․․․․
Zimisele ukuzibonakalisa uthembekile ezicini oziphawulile. Lalela iseluleko seBhayibheli: “Nilahle ubuntu obudala obuvumelana nenkambo yenu yokuziphatha yangaphambili.” (Efesu 4:22) “U-Yebo wenu makasho uYebo.” (Jakobe 5:12) “Yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.” (Efesu 4:25) “Lalelani abazali benu kukho konke.” (Kolose 3:20) Ngokuhamba kwesikhathi, intuthuko oyenzayo iyobonakala kwabanye, kuhlanganise nabazali bakho.—1 Thimothewu 4:15.
Kuthiwani uma ubona sengathi naphezu kwemizamo emihle oyenzayo, abazali bakho abakunikezi inkululeko oyifanelekelayo? Kunganjani uxoxe nabo ngalokhu? Kunokuba ukhononde ngokuthi kudingeka bona bakwethembe ngokwengeziwe, babuze ngenhlonipho ukuthi bacabanga ukuthi yini wena okudingeka uyenze ukuze bakwethembe. Bachazele ngokucacile ukuthi yini ozimisele ukuyenza ngokuqondene nalokhu.
Ungalindeli ukuba abazali bakho basheshe baxegise imingcele abakubekele yona. Akungabazeki ukuthi bayofuna ukuqiniseka ukuthi uyazifeza izithembiso zakho. Sebenzisa leli thuba ukuze uzibonise ukuthi uthembekile. Ngokuhamba kwesikhathi abazali bakho bangase bakwethembe nakakhulu futhi bakunike inkululeko ethé xaxa. Yilokho okwenzeka kuBeverly okukhulunywe ngaye ngaphambili. Uthi, “Kunzima kakhulu ukuba wethenjwe kanti kulula ukuba ungethenjwa. Njengamanje ngiyethenjwa futhi kumnandi!”
FUNDA OKWENGEZIWE NGALE NDABA EMQULWINI 2, ISAHLUKO 22
Ingabe abazali bakho bahlukene? Ungenza kanjani ngokuhlakanipha uma ubona sengathi ufelwe izwe?
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka iSahluko 7 sale ncwadi.
UMBHALO OYINHLOKO
“Akumelwe usebenzise inkululeko yakho njengesaba sokwenza okubi.”—1 Petru 2:16, Contemporary English Version.
ICEBISO
Kunokuba uqhathanise imingcele obekelwe yona manje nenkululeko okungenzeka inikezwe ingane yakini endala, qhathanisa imingcele owawubekelwe yona usemncane nenkululeko onayo manje.
UBUWAZI . . . ?
Inkululeko engenamingcele ayibonisi ukuthi abazali bayakuthanda kodwa ibonisa ukuthi abanaki.
ENGIZOKWENZA!
Ngizothembeka kakhudlwana ezicini ezilandelayo: ․․․․․
Uma abazali bami bengasangethembi, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani abazali bakho bengase bangabaze ukukunika inkululeko ethé xaxa yize usebenza kanzima ukuze uzibonise ukuthi uthembekile?
● Ikhono lakho lokukhuluma nabazali likuthinta kanjani ukuzimisela kwabo ukukunikeza inkululeko ethé xaxa?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 24]
“Ngixoxa ngokukhululekile nabazali bami ngezinkinga zami nezinto ezingikhathazayo. Ngicabanga ukuthi kwenza kube lula ukuba bangethembe.’’—UDianna
[Umdwebo/Isithombe ekhasini 23]
Ukungenela isigaba sokuba umuntu omdala othenjwayo kufana nokukhuphuka izitebhisi, ugibele isitebhisi esisodwa ngesikhathi njengoba ukhula
[Umdwebo]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
UKUBA UMUNTU OMDALA
ISIKHATHI SOBUSHA
ISIKHATHI SOBUNTWANA