Isahluko 17
Kungani Ngesaba Ukukhuluma Ngokholo Lwami Esikoleni?
“Sekuke kwavela amathuba amahle kakhulu okuba ngikhulume ngezinkolelo zami esikoleni. Kodwa angiwasebenzisanga.”—UKaleb.
“Uthisha wethu wasibuza ekilasini ukuthi sicabangani ngokuziphendukela kwemvelo. Ngabona ukuthi ithuba elihle kakhulu leli lokuba ngikhulume ngokholo lwami. Zavele zayima emthumeni, ngathula du. Ngemva kwalokho, ngaphatheka kabi kakhulu.”—UJasmine.
UMA ungumKristu osemusha, kungenzeka uyakuqonda okushiwo uKaleb noJasmine. Kungenzeka ukuthi njengabo, nawe uyawathanda amaqiniso aseBhayibhelini owafundile. Ungase ufune ngisho nokuwaxoxela abanye. Noma kunjalo, ungase wesabe ukukhuluma. Kodwa ungakwazi ukuqunga isibindi. Kanjani? Thatha izinyathelo ezilandelayo:
1. Thola ukuthi yini oyesabayo. Lapho ucabanga ngokukhuluma ngokholo lwakho, kulula ukucabanga ukuthi izinto ngeke zihambe kahle! Nokho, ngezinye izikhathi ungakunciphisa ukwesaba ngokumane uyibhale phansi into oyesabayo noma ukhulume ngayo nothile.
Qedela umusho olandelayo:
● Uma ngingase ngikhulume ngezinkolelo zami esikoleni, nakhu engesaba ukuthi kungenzeka: ․․․․․
Kungakududuza ukwazi ukuthi kungenzeka nenye intsha engamaKristu iyesaba njengawe. Ngokwesibonelo, uChristopher oneminyaka engu-14 uyavuma: “Ngesaba ukuthi ezinye izingane zizongigcona futhi zihlekise ngami.” UKaleb, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, uthi: “Ngangesaba ukuthi omunye uzobuza umbuzo engingeke ngikwazi ukuwuphendula.”
2. Yamukela inselele. Ingabe ukwesaba kwakho akunasizathu? Akunjalo ngempela, njengoba kukhumbula u-Ashley oneminyaka engu-20. Uthi: “Ezinye izingane zazishaya sengathi zifuna ukwazi ngezinkolelo zami. Kodwa kamuva zingibhuqe futhi zihlekise ngami.” UNicole oneminyaka engu-17 uthi: “Omunye umfana wafunda ivesi elithile eBhayibhelini lakhe nakwelami, wathola ukuthi amagama awafani. Wathi iBhayibheli lami lishintshiwe. Kwavele koma amathe! Ngangingazi ukuthi ngithini.”a
Izimo ezinjengalezi zingase zikwethuse! Kodwa kunokuba uzibalekele, bhekana nazo—ziyingxenye yokuphila kwakho kobuKristu. (2 Thimothewu 3:12) “UJesu wathi abalandeli bakhe bayoshushiswa,” kusho uMatthew oneminyaka engu-13, “ngakho asikwazi ukulindela ukuba bonk’ abantu basithande ngenxa yezinkolelo zethu.”—Johane 15:20.
3. Cabanga ngezinzuzo. Kukhona yini okuhle ongakuzuza lapho ubhekene nesimo esivivinyayo? U-Amber oneminyaka engu-21 ucabanga kanjalo. Uthi: “Kunzima ukuchazela abantu abangalihloniphi iBhayibheli ngokholo lwakho kodwa kuyakusiza ukuba uziqonde kangcono izinkolelo zakho.”—Roma 12:2.
Phinde ubheke isimo obhale ngaso eSinyathelweni Sokuqala. Cabanga ngezinto okungenani ezimbili ezinhle ongazizuza kuleso simo, uzibhale ngezansi.
1 ․․․․․
2 ․․․․․
Ukusikisela: Ukukhuluma ngokholo lwakho kungakunciphisa kanjani ukucindezela kontanga? Kuyokuthinta kanjani ukuzethemba kwakho? Indlela ozizwa ngayo ngoJehova uNkulunkulu? Indlela azizwa ngayo ngawe?—IzAga 23:15.
4. Zilungiselele. “Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule,” kusho izAga 15:28. Ngaphandle kokucabanga ngalokho ozokusho, zama ukucabanga imibuzo ongase ubuzwe yona. Cwaninga ngayo, ulungiselele indlela ongathanda ukuphendula ngayo.—Bheka ishadi elithi “Lungiselela Izimpendulo Zakho,” ekhasini 127.
5. Qala. Lapho usukulungele ukukhuluma ngezinkolelo zakho, ungaqala kanjani? Kunezindlela ongakhetha kuzo. Ukukhuluma ngokholo lwakho kuthi akufane nokubhukuda: Abanye abantu bangena kancane kancane emanzini; abanye bavele bagxumele kuwo. Ngokufanayo, ungaqala ingxoxo ngokukhuluma ngento engaphathelene nenkolo, uzwe amanzi ngobhoko. Kodwa uma ukhathazeka kakhulu ngokuthi kukhona okungeke kuhambe kahle, kungaba ngcono uvele ‘ugxumele phakathi.’ (Luka 12:11, 12) “Ukucabanga ngokukhuluma ngokholo lwami kwakuhlale kunzima kunokukhuluma ngalo,” kusho u-Andrew oneminyaka engu-17. “Lapho ingxoxo isiqalile, kwakuba lula kunalokho engangikucabangile!”b
6. Hluzeka. USolomoni wabhala: “Abantu abahluzekile bayacabanga njalo ngaphambi kokuthatha isinyathelo.” (IzAga 13:16, Today’s English Version) Njengoba nje ubungeke ugxumele emanzini angajulile, qapha ungagxumeli ezimpikiswaneni ezingenangqondo. Khumbula, kunesikhathi sokukhuluma nesikhathi sokuthula. (UmShumayeli 3:1, 7) Ngisho noJesu wenqaba ukuphendula imibuzo ngezinye izikhathi.—Mathewu 26:62, 63.
Uma ukhetha ukuphendula, phendula ngokuhlakanipha futhi ufushanise. Ngokwesibonelo, uma ofunda naye ekubuza ethi: ‘Kungani ungabhemi?’ vele uthi: ‘Yingoba angifuni ukungcolisa umzimba wami!’ Ungazinqumela ukuthi uyamchazela yini izinkolelo zakho kabanzi, kuye ngokuthi usabela kanjani.
Izinyathelo eziyisithupha okukhulunywe ngazo kulesi sahluko zingakusiza ukuba ‘ukulungele ukuvikela’ ukholo lwakho. (1 Petru 3:15) Yiqiniso, ukuba okulungele akusho ukuthi ngeke wesabe. Kodwa u-Alana oneminyaka engu-18 uthi: “Ukukhuluma ngezinkolelo zakho ngisho noma wesaba kukwenza uzizwe sengathi ufeze okuthile—usuke ukunqobile ukwesaba kwakho wakhuluma ngisho noma bekungase kungakuhambeli kahle. Uma kukuhambele kahle, uyozizwa kangcono nakakhulu! Uyojabula ngokuthi uye waqunga isibindi wakhuluma.”
Ingabe ucindezelekile esikoleni? Thola indlela ongabhekana ngayo naleso simo.
[Imibhalo yaphansi]
a Izinguqulo zeBhayibheli zisebenzisa amagama angafani. Nokho, ezinye zinamathele kakhulu ezilimini zokuqala okwalotshwa ngazo iBhayibheli.
b Bheka ibhokisi elithi “Imibuzo Yokuqala Ingxoxo,” ekhasini elandulele.
UMBHALO OYINHLOKO
“Ngaso sonke isikhathi nikulungele ukuvikela phambi kwabo bonke abafuna ngenkani isizathu sethemba elikini, kodwa nenze kanjalo ngomoya omnene nangenhlonipho ejulile.”—1 Petru 3:15.
ICEBISO
Kunokuba utshele ofunda nabo ukuthi yini okufanele nokungafanele bayikholelwe, yisho ngesibindi lokho okukholelwayo nokuthi kungani unomuzwa wokuthi kunengqondo.
UBUWAZI . . . ?
Ezinye izingane ofunda nazo zingakuthanda ngoba unamathela ezindinganisweni zeBhayibheli zokuziphatha, kodwa zingase zibe namahloni okukubuza ngezinkolelo zakho.
ENGIZOKWENZA!
Ingane engifunda nayo engingayixoxela ngezinkolelo zami u- [bhala okungenani igama lengane eyodwa] ․․․․․
Isihloko engicabanga ukuthi angasithanda kakhulu ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali wami (abazali) ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Yini engase ibe imbangela yokuba ofunda nabo bahlekise ngezinkolelo zakho?
● Uma unquma ukukhuluma ngezinkolelo zakho, kungani kubalulekile ukukhuluma ngokuzethemba?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 126]
“Ngesikhathi ngisemncane, ngangingafuni ukwehluka kwezinye izingane. Kodwa ngaqala ukubona indlela ukholo lwami olungisiza ngayo ukuba ngiphile ukuphila okungcono. Lokho kwangisiza ngaba nesibindi ngokwengeziwe—ngaziqhayisa ngalokho engikukholelwayo.’’—UJason
[Ibhokisi ekhasini 124]
Imibuzo Yokuqala Ingxoxo
● “Uhlela ukwenzani ngamaholide?” [Ngemva kwempendulo, mtshele izinhlelo zakho ezingokomoya, njengokuya emhlanganweni omkhulu noma ukwandisa inkonzo.]
● Yisho izindaba ezisematheni, bese uyabuza: “Ukuzwile lokho? Ucabangani ngakho?”
● “Ucabanga ukuthi isimo sezwe sezimali [noma enye inkinga] singasimama? [Lindela impendulo.] Kungani uzizwa kanjalo?”
● “Ingabe uyasonta?”
● “Ucabanga ukuthi ukuphila kwakho kuyobe kunjani eminyakeni emihlanu kusukela manje?” [Ngemva kwempendulo, mxoxele ngemigomo yakho engokomoya.]
[Ishadi ekhasini 127]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Ishadi Lezimpendulo
Lungiselela Izimpendulo Zakho Kopisha lokhu!
Ukusikisela: Xoxa ngaleli shadi nabazali bakho nezinye izingane ezingama-Kristu. Ligcwalise. Cabanga ukuthi imiphi eminye imibuzo abangayibuza ofunda nabo, bese ulungiselela izimpendulo okuzoba lula ukuzichaza.
Umbuzo Impendulo umbuzo olandelayo Impendulo
Kungani → Ngiyalihlonipha → Kusho ukuthi → Yebo,
ungalikhulekeli? ngeke futhi
Ukungathathi izwe walilwela nezigidi
hlangothi engihlala izwe zoFakazi
ifulege? kulo, lakini? bakaJehova
awulithandi kodwa? kwamanye
yini izwe angilikhulekeli. amazwe
lakini? ngeke
zilwe
nezwe
lakithi
Kungani → Ngiyavuma → Kodwa ake → ․․․․․
ungavumi ukumpontshelwa sithi
ukumpont- uketshezi uzofa uma
shelwa olungenangozi ungalifaki
igazi? yokuthwala igazi?
Igazi ingculaza Ngeke yini
noma ukusha uNkulunkulu
kwesibindi. akuxolele?
Kodwa iBhayibheli
lithi, masidede
egazini, yilokho
engikwenzayo.
USbanibani → Sifundiswa → Ingabe kusho → ․․․․
nisonta naye izimfuneko ukuthi
futhi wenze zikaNkulunkulu, niphila
lokhu, kodwa asiphoqwa ngezindinganiso
Ukukhetha ukuba ezingefani?
nalokhu. sizilandele!
Kungani Sonke kumelwe
wena sizikhethele
ungakwenzi? esifuna ukukwenza
Kungani → Kungani kufanele → ․․․․․ → ․․․․․
ungakholelwa ngikholelwe
ekuziphendukeleni
Indalo kwemvelo? kukho? Ososayensi
kwabona abavumelani
ngakho, futhi
yibona okufanele
ngabe banolwazi!
kunathi!
[Isithombe ekhasini 125]
Ukukhuluma ngokholo lwakho kufana nokubhukuda. Ungakhetha ukungena emanzini kancane kancane—noma ungavele ugxumele kuwo!