Intsha Iyabuza
Kungani Ngesaba Ukukhuluma Ngokholo Lwami?
“Sekuke kwavela amathuba amahle kakhulu okukhuluma ngokholo lwami esikoleni. Kodwa angizange ngiwasebenzise.”—UKaleb.a
“Uthisha wethu wabuza abafundi ukuthi bacabangani ngokuziphendukela kwemvelo. Ngabona ukuthi yithuba elihle leli lokukhuluma ngokholo lwami. Kodwa ngavele ngoma uvalo ngathula du. Ngemva kwalokho ngaphatheka kabi.”—UJasmine.
UMA ungomusha ongumKristu, kungenzeka sewake wabhekana nesimo esifana nesikaKaleb noJasmine. Njengabo, kungenzeka uyawathanda amaqiniso asekelwe eBhayibhelini owafundile futhi uyafuna ukuwatshela abanye. Noma kunjalo, ungase wesabe ukukhuluma. Kodwa ungakwazi ukuhlakulela ukuba nesibindi. Kanjani? Landela lezi zinyathelo ezilandelayo njengoba ulungiselela ukuqala unyaka omusha esikoleni:
1. Thola imbangela yokwesaba. Lapho ucabanga ngokukhuluma ngokholo lwakho, kulula ukuzitshela ukuthi uzoba umbukwane. Kodwa, ngezinye izikhathi ungakunciphisa ukwesaba ngokuvele ukubhale phansi lokho okwesabayo.
Qedela umusho olandelayo.
◼ Uma bengingase ngikhulume ngezinkolelo zami esikoleni, nakhu obekungenzeka:
․․․․․
Kungase kukududuze ukwazi ukuthi nenye intsha engamaKristu yesaba njengawe. Ngokwesibonelo, uChristopher oneminyaka engu-14 uyavuma, “Ngiyesaba ukuthi izingane zizongigcona zithi ngiyisilima.” UKaleb, ocashunwe ekuqaleni uthi, “Ngangikhathazekile ngokuthi othile angase abuze umbuzo bese ngiyahluleka ukuwuphendula.”
2. Yamukele inselele. Ingabe ukwesaba kwakho akunasizathu? Akunjalo. U-Ashley uthi, “Ezinye izingane zake zenza sengathi ziyafuna ukwazi izinkolelo zami. Kodwa kamuva lapho sesiphambi kwezinye, zangigcona ngalokho engangikushilo.” UNicole, oneminyaka engu-17, wabhekana nalokhu: “Umfana othile waqhathanisa ivesi elithile eBhayibhelini lakhe nakwelami, futhi indlela elalibekwe ngayo yayingafani. Wathi iBhayibheli lami lishintshiwe. Kwaphela nasozwaneni! Ngavele ngangazi ukuthi ngithini.”b
Izimo ezifana nalezi zingabangela ukwesaba ngempela! Kodwa esikhundleni sokuzibalekela, zamukele lezo zinselele njengenxenye yokuphila komKristu. (2 Thimothewu 3:12) UMatthew oneminyaka engu-13, uthi: “UJesu wathi abalandeli bakhe babeyoshushiswa, ngakho asinakulindela ukuba wonke omuntu asithande nezinkolelo zethu.”—Johane 15:20.
3. Cabanga ngezinzuzo. Ingabe kukhona okuhle okungavela esimweni esibonakala sivivinya? U-Amber, oneminyaka engu-21, ucabanga kanjalo. Uthi: “Kunzima ukuchaza ukholo lwakho kubantu abangalihloniphi iBhayibheli, kodwa kukusiza ukuba uqonde isimo sakho kangcono.”—Roma 12:2.
Ake uphinde ucabange ngesinyathelo sokuqala. Cabanga okungenani ngezinto ezimbili ezingaba umphumela waso bese uzibhala ngezansi.
1 ․․․․․
2 ․․․․․
Icebiso: Ukutshela abanye ngokholo lwakho kungakunciphisa kanjani ukucindezela kontanga? Ukwenza kwakho kanjalo kuyokuthinta kanjani ukuzethemba kwakho? Indlela ozizwa ngayo ngoJehova uNkulunkulu? Indlela yena azizwa ngayo ngawe?—IzAga 23:15.
4. Zilungiselele. IzAga 15:28 zithi: “Inhliziyo yolungileyo iyazindla ukuze iphendule.” Ngaphandle kokucabanga ngalokho oyokusho, zama nokucabangela imibuzo abanye abangase bayibuze. Cwaninga ngalezo zihloko, bese uhlela indlela ongathanda ukuphendula ngayo.—Bheka ishadi elithi “Hlela Indlela Yokuphendula,” ekhasini 25.
5. Thatha isinyathelo. Uma nje usukulungele ukukhuluma ngezinkolelo zakho, ungaqala kanjani? Ziningi izindlela ongakhetha kuzo. Ngomqondo othile, ukukhuluma ngokholo lwakho kufaniswa nokubhukuda: Abanye abantu bangena kancane kancane emanzini kanti abanye bavele bagxumele kuwo. Ngokufanayo, ungase uqale ingxoxo ngesihloko esingaphathelene nenkolo, bese uzwa amanzi ngobhoko. Kodwa uma ukhathazeka kakhulu ngokuthi izinto zingase zingahambi kahle, okungcono kakhulu ongase ukwenze ukuvele ‘ugxumele phakathi.’ (Luka 12:11, 12) U-Andrew oneminyaka engu-17, uthi: “Ukucabanga nje ngokukhuluma ngokholo lwami kwakunzima kunokukwenza ngokoqobo. Lapho nje ingxoxo isiqalile, kwakuba lula kakhulu kunanjengoba bengicabanga!”c
6. Hluzeka. Njengoba nje ungeke utshuzele emanzini angajulile, qaphela ukuba ungagxumeli izimpikiswano ezingenangqondo. Khumbula, kunesikhathi sokukhuluma nesikhathi sokuthula. (UmShumayeli 3:1, 7) Ngezinye izikhathi ngisho noJesu wakwenqaba ukuphendula imibuzo. (Mathewu 26:62, 63) Khumbula lesi simiso: “Abantu abahluzekile bakubona kuseza okubi bese bekugwema, kodwa umuntu ongacabangi uyongena kukho abese ezisola kamuva.”—IzAga 22:3, Today’s English Version.
Ngakho uma ubona ukuthi sekuzoqala impikiswano, “ungangeni kuyo.” Kunalokho, phendula ngokuhlakanipha ngamafuphi. Ngokwesibonelo, uma ofunda naye ekilasini ekugcona ngokuthi, ‘Kungani ungabhemi?,’ ungavele uthi, ‘Ngoba angifuni ukungcolisa umzimba wami!’ Kuye ngendlela aphendula ngayo, ungase unqume ukuthi kufanele yini umchazele ngezinkolelo zakho.
Izinyathelo ezingenhla zingakusiza ukuba ‘uhlale ukulungele ukuvikela’ ukholo lwakho. (1 Petru 3:15) Yiqiniso, ukuhlala ukulungele akusho ukuthi ngeke ube netwetwe. Kodwa u-Alana oneminyaka engu-18, uyaphawula: “Lapho uchazela abanye izinkolelo zakho naphezu kokwesaba, kukwenza uzizwe ufeze okuthile—ukunqobile ukwesaba futhi wathatha isinyathelo esingase singabi nomphumela omuhle. Uma kuhambe kahle, uyojabula nakakhulu! Kuyokujabulisa ukuthi ube nesibindi sokukhuluma.”
Izihloko ezengeziwe eziwuchungechunge ezithi “Intsha Iyabuza” zingatholakala engosini ethi-www.watchtower.org/ype
[Imibhalo yaphansi]
a Amanye amagama akulesi sihloko ashintshiwe.
b Izinguqulo zamaBhayibheli zisebenzisa amagama angafani. Kodwa ezinye, zinamathele kakhulu olimini okwabhalwa ngalo iBhayibheli ekuqaleni.
c Bheka ibhokisi elithi “Abaqali Bengxoxo,” ekhasini 26.
OKUDINGA UKUCATSHANGELWA
◼ Ingabe lokhu kuyimicabango yothile ofunda naye?
‘Ngiyazi ukuthi ungomunye woFakazi BakaJehova. Mhlawumbe ucabanga ukuthi ngizokuhleka, kanti ngiyakuhlonipha ngempela. Ukwazi kanjani ukuhlala uzole kangaka nakuba kunezinkinga ezingaka emhlabeni? Mina ngiyesaba. Ingabe kuzoba nenye impi maduze? Ingabe abazali bami bazohlukana? Ingabe kuzongihambela kahle esikoleni namuhla, ngeke mhlawumbe ngidutshulwe noma ngigwazwe? Nginemibuzo eminingi, kodwa kubonakala sengathi wena usuzihlele kahle zonke izinto ekuphileni kwakho. Ingabe lokhu kungenxa yenkolo yakho? Ngingathanda sixoxe ngayo, kodwa ngiyesaba. Singaxoxa?’
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 26]
LOKHO OKUSHIWO ONTANGA YAKHO
“Sengike ngezwa ezinye izingane zingihleka ngenxa yokukhuluma ngokholo lwami. Kodwa ngokuvamile ziyangiyeka lapho zibona ukuthi angikugqizi qakala lokho.”—UFrancesca, eBelgium.
“Uma ungabatsheli abanye ukuthi ungumKristu, ungase ukhohlwe ukuthi ungubani uqale ukuziphatha njengabanye. Akufanele ube incelebane; kufanele uhlale unguwe.”—USamantha, e-United States.
“Lapho ngisemncane, ngangingafuni ukuhluka kwezinye izingane. Kodwa ngaqala ukuyazisa indlela ukholo lwami olungisiza ngayo ukuba ngiphile ukuphila okungcono. Lokho kwangenza ngazethemba nakakhulu—ngaziqhenya ngalokho engikukholelwayo.”—UJason, eNew Zealand.
[Ibhokisi ekhasini 26]
ABAQALI BENGXOXO
◼ “Yini ohlela ukuyenza ngenkathi yamaholide?” [Ngemva kwempendulo, yisho izinhlelo zakho ezingokomoya, njengokuya emhlanganweni wesigodi noma ukwandisa inkonzo yakho.]
◼ Yisho indaba esematheni, bese ubuza: “Ingabe uzwile ngalokho? Ucabangani ngakho?”
◼ “Ingabe ucabanga ukuthi isimo sezimali somhlaba [noma enye inkinga] sizoba ngcono? [Lindela impendulo.] Kungani uzizwa kanjalo?”
◼ “Usontaphi?”
◼ “Ucabanga ukuthi uzobe wenzani eminyakeni eyisihlanu kusukela manje?” [Ngemva kwempendulo, yisho imigomo yakho engokomoya.]
[Ishadi ekhasini 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Hlela ukuthi uyophendula kanjani Lisike ulibeke!
Ukusikisela: Xoxa nabazali nabangane bakho ngaleli shadi. Ligcwalise. Bona ukuthi ayikho yini eminye imibuzo ongase uyibuzwe ofunda nabo.
Umbuzo Impendulo
Indlela Uyini umbono wakho → Angibazondi ongqingili→
Yokuziphatha ngobungqingili? kodwa angikusekeli
ukuziphatha kwabo.
Ukuthandana Kungani ungathandani → Nginqume ukwenzenjalo namuntu? ngize ngikhule ngokwanele.→
Ukungathathi Kungani → Ngiyalihlonipha izwe →
Hlangothi ungalikhulekeli engihlala kulo, kodwa
ifulege? angilikhulekeli
Igazi Kungani ungakwamukeli → Ngiyakwamukela →
ukumpontshelwa igazi? ukumpontshelwa izinto →
zokwelapha eziphephile.
Kodwa iBhayibheli
lithi egazini, ngakho-ke
yilokho kanye engikwenzayo.
USibanibani uyilungu → Sifundiswa izindinganiso →
lenkolo yenu, kodwa zikaNkulunkulu, kodwa
Izinqumo ukuthi nokuthi. asiphoqwa ukuba sizilandele!
Kungani wena Sonke kufanele sizinqumele.
ungakwenzi lokho?
Kungani ungakholelwa → Kungani kufanele →
Indalo ekuziphendukeleni ngikholelwe
kwemvelo? ekuziphendukeleni kwemvelo?
Ososayensi abavumelani
ngakho, nakuba kufanele babe
ngochwepheshe bale mfundiso!
Umbuzo olandelayo Cwaninga Phendula
→ Akukhona yini → 1 Korinte 6:9, → Cha
ngoba
ukubacwasa lokho 10; Intsha Iyabuza, Izimpendulo ngimelene nazo zonke izinhlobo zokuziphatha okubi.
indlela yokuziphatha okubi
Ezisebenzayo ubungqingili
—Umqulu 2, nanoma yikuphi okunye.
→ Ingabe kungenxa → IsiHlabelelo → Yebo. Sithandana nomuntu sinenjongo yokushada kuphela
yenkolo yakho? 8:4; Intsha Iyabuza,
Ukuthandana nothile
angikakulungeli lokho Umqulu 2, njengamanje! isahluko 1
→ ngakho ke → Isaya 2:4; Johane → Cha, ngeke ulilwele
futhi izigidi zofakazi BakaJehova Kwamanye amazwe ngeke zilwe naleli zwe.
ukungathathi hlangothi 13:35; Lifundisani Ngempela
→ Kodwa kuthiwani → IzEnzo 5:28, 29; → ․․․․․
uma uzokufa? Hebheru 11:6;
Igazi Ngeke uNkulunkulu incwadi ethi, Okufundiswa
akuvumele?
→Ingabe lokho → ․․․․․ → ․․․․․
Izinqumo akukhona ukuba
nezindinganiso
ezingafani?
Indalo → ․․․․․ → ․․․․․ → ․․․․․
[Umbhalo waphansi]
d Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
e Inyatheliswa oFakazi BakaJehova.
[Isithombe ekhasini 26]
Ukukhuluma ngokholo lwakho kufana nokubhukuda. Ungakhetha ukungena kancane kancane emanzini—noma uvele ugxumele kuwo Sithandana nomuntu sinenjongo yokushada kuphela