Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yp1 k. 48
  • Isibonelo Esihle—UJakobe

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isibonelo Esihle—UJakobe
  • Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJakobe No-Esawu Bayaxolelana
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Amawele Ayengafani
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJakobe Wathola Ifa
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJakobe Wayezazisa Izinto Ezingokomoya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2003
Bheka Okunye
Intsha Iyabuza—Izimpendulo Ezisebenzayo, Umqulu 1
yp1 k. 48

Isibonelo Esihle—UJakobe

Sekuyiminyaka uJakobe nomfowabo u-Esawu bengakhulumisani. Empeleni, u-Esawu uyamzonda uJakobe. Nakuba uJakobe engenzanga lutho olubi, uyena othatha isinyathelo sokuba balungise inkinga yabo. Uyena ozehlisayo. Umgomo wakhe akukona ukuthi ufuna kugcine yena kodwa uwukuba bathelelane amanzi. UJakobe akayekethisi ezimisweni zakhe, futhi akamphoqi umfowabo ukuba axolise ngaphambi kokuba enze ukuthula naye.—Genesise 25:27-34; 27:30-41; 32:3-22; 33:1-9.

Wenzenjani lapho nixabene nabasekhaya? Ngezinye izikhathi ungase ube nomuzwa wokuthi akukho bubi obenzile nokuthi ingane yakini noma umzali wakho bayakusukela. Uma kunjalo, ingabe ulinda bona ukuba kube yibo abeza kuwe kuqala? Noma, ungamlingisa yini uJakobe? Uma izimiso zeBhayibheli zingahilelekile, ingabe uyozehlisa ukuze kube nokuthula? (1 Petru 3:8, 9) UJakobe akavumelanga ukuba ukuqhosha kuhlukanise umkhaya wakubo. Wazithoba futhi wabuyisana nomfowabo. Ingabe uyokwenza okufanayo ngamalungu omkhaya wakini?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela