Isibonelo Esihle—UJakobe
Sekuyiminyaka uJakobe nomfowabo u-Esawu bengakhulumisani. Empeleni, u-Esawu uyamzonda uJakobe. Nakuba uJakobe engenzanga lutho olubi, uyena othatha isinyathelo sokuba balungise inkinga yabo. Uyena ozehlisayo. Umgomo wakhe akukona ukuthi ufuna kugcine yena kodwa uwukuba bathelelane amanzi. UJakobe akayekethisi ezimisweni zakhe, futhi akamphoqi umfowabo ukuba axolise ngaphambi kokuba enze ukuthula naye.—Genesise 25:27-34; 27:30-41; 32:3-22; 33:1-9.
Wenzenjani lapho nixabene nabasekhaya? Ngezinye izikhathi ungase ube nomuzwa wokuthi akukho bubi obenzile nokuthi ingane yakini noma umzali wakho bayakusukela. Uma kunjalo, ingabe ulinda bona ukuba kube yibo abeza kuwe kuqala? Noma, ungamlingisa yini uJakobe? Uma izimiso zeBhayibheli zingahilelekile, ingabe uyozehlisa ukuze kube nokuthula? (1 Petru 3:8, 9) UJakobe akavumelanga ukuba ukuqhosha kuhlukanise umkhaya wakubo. Wazithoba futhi wabuyisana nomfowabo. Ingabe uyokwenza okufanayo ngamalungu omkhaya wakini?