Isihloko 37
Kungani Abazali Bami Bengangivumeli Ngizijabulise?
Ku-Allison, osemusha wase-Australia, uMsombuluko ekuseni esikoleni ucindezela kangangokuba uyabikelwa uma uza.
Uthi, “Bonke bakhuluma ngalokho abakwenzile ngempelasonto. Baxoxa ngezinto ezizwakala zijabulisa, njengokuthi baye emaphathini amangaki nokuthi baqabule abafana abangaki—ngisho nangokubalekela amaphoyisa . . . Kuzwakala kwesabisa kona kodwa kumnandi! Babuyela emakhaya ngehora lesihlanu ekuseni, futhi abazali babo abanandaba. Mina kumelwe ngilale nezinkukhu!
“Ngemva kokungixoxela ngezinto abazenze ngempelasonto, bayangibuza ukuthi mina ngenzeni. . . . Ngiye esifu-ndweni. Ngaya nasensimini. Ngiye ngibe nomuzwa wokuthi ngiphuthelwe ubumnandi bangempela. Ngakho ngiye ngibatshele ukuthi angenzanga lutho. Bese bengibuza ukuthi kungani ngingahambanga nabo.
“Lapho udlula uMsombuluko, ungacabanga ukuthi kuzoba ngcono. Kodwa lutho. NgoLwesibili wonk’ umuntu ukhuluma ngempelasonto esiya kuyo! Ngokujwayelekile ngiye ngihlale ngibalalele lapho bekhuluma. Ngiye ngizizwe ngiphuthelwe ngempela!”
INGABE nakuwe uMsombuluko ekuseni esikoleni ufana noka-Allison? Ungase ube nomuzwa wokuthi kuyajatshulwa ngaphandle kodwa abazali bakho bakuvalele ngaphakathi—noma kube sengathi usepaki lokudlala kodwa awuvunyelwe ukudlala. Akukona ukuthi ufuna ukwenza yonke into eyenziwa ontanga yakho. Ukuthi nje uyathanda ukuzijabulisa ngezikhathi ezithile! Ngokwesibonelo, yikuphi obungathanda ukuzilibazisa kakhulu ngakho kule mpelasonto ezayo?
□ ukudansa
□ iphathi
□ ikhonsathi yomculo
□ ibhayisikobho
□ okunye ․․․․․
Uyakudinga ukuzilibazisa. Eqinisweni, uMdali wakho ufuna ujabulele ubusha bakho. (UmShumayeli 3:1, 4) Futhi nakuba ungase ukungabaze ngezinye izikhathi, nabazali bakho bayafuna ujabule. Nokho, cishe, zimbili izinto ezingakhathaza abazali bakho: (1) uyokwenzani, nokuthi (2) uyobe uhamba nobani.
Kuthiwani uma abangane bekumema ukuba nizikhiphe kodwa ungaqiniseki ukuthi abazali bakho bazothini? Cabangela lokhu okuthathu ongakukhetha nemiphumela yako.
OKOKUQALA UKUNGACELI—UVELE UHAMBE
Okungakwenza ukhethe lokhu: Ufuna ukujabulisa abangane ngokubabonisa ukuthi uyazibusa. Unomuzwa wokuthi wazi kangcono kunabazali bakho, noma awuyihloniphi indlela ababheka ngayo isimo.—IzAga 14:18.
Imiphumela: Abangane bakho bangase bahlabeke umxhwele ngalokho, kodwa bazofunda nokunye ngawe—ukuthi uyiqili. Uma ukhohlisa abazali bakho, ungabakhohlisa nabo. Uma abazali bakho bethola ukuthi ubakhohlisile, bazophatheka kabi futhi badumale, kungenzeka bakuncishe nenkululeko yokwenza izinto ezithile! Ukungabalaleli abazali bakho nokuvele uhambe nje kuwubuwula.—IzAga 12:15.
OKWESIBILI UKUNGACELI—UNGAHAMBI
Okungakwenza ukhethe lokhu: Uyacabanga ngesimemo bese uphetha ngokuthi lokhu okuyokwenziwa akuhambisani nezimiso zakho noma abanye kwabamenyiwe abanalo ithonya elihle. (1 Korinte 15:33; Filipi 4:8) Ngakolunye uhlangothi, kungenzeka uyafuna ukuhamba kodwa wesaba ukucela kubazali bakho.
Imiphumela: Uma ungayi ngenxa yokuthi uyazi ukuthi akulungile okuzokwenziwa, uzobachazela ngesibindi abangane bakho. Kodwa uma ungayi ngenxa yokuthi wesaba ukucela kubazali bakho, ungagcina uhlezi ekhaya ungajabule, unomuzwa wokuthi uwena wedwa ongajabule.
OKWESITHATHU UKUCELA—ULINDELE IMPENDULO
Okungakwenza ukhethe lokhu: Uqaphela igunya labazali bakho futhi uyayihlonipha indlela ababheka ngayo isimo. (Kolose 3:20) Uyabathanda abazali bakho futhi awufuni ukubazwisa ubuhlungu ngokubafihlela okwenzekayo. (IzAga 10:1) Unanethuba lokuzikhulumela.
Imiphumela: Abazali bakho baba nomuzwa wokuthi uyabathanda futhi uyabahlonipha. Futhi uma bebheka isicelo sakho njengesinengqondo, bangavuma.
Okungenza Abazali Benqabe
Kuthiwani uma abazali benqaba? Ungakhungatheka. Nokho, ukuqonda umbono wabo kungakusiza ukuba wamukele isinqumo sabo. Ngokwesibonelo, bangase benqabe ngenxa yesizathu esisodwa noma ngaphezulu kwezilandelayo.
Ukuba nolwazi olwengeziwe nokuhlangenwe nakho. Ukube ubungakhetha, cishe ubungakhetha ukubhukuda ebhishi eligadwe abatakuli. Ngani? Ngoba lapho ubhukuda, awukwazi ukubona ingozi. Kodwa abatakuli basendaweni enhle kakhulu abangakwazi ukubona kuyo izingozi.
Ngokufanayo, ngenxa yolwazi lwabo olwengeziwe nokuhlangenwe nakho, abazali bakho kungenzeka babona izingozi wena ongaziboni. Njengabatakuli basolwandle, umgomo wabazali bakho awukona ukukuqedela injabulo, kodwa ukukusiza ugweme izingozi ezingakwenza ungakujabuleli ukuphila.
Bayakuthanda. Abazali bakho banesifiso esinamandla sokukuvikela. Uthando lubashukumisela ukuba bavume lapho kufaneleka kodwa benqabe lapho kungafaneleki khona. Uma ucela imvume yokwenza into ethile, bayazibuza ukuthi bangakuvumela yini bese bebhekana nemiphumela yokuvuma kwabo. Bazovuma kubo ngokwabo—nakuwe—kuphela uma beqiniseka ukuthi ayikho into ezokulimaza.
Indlela Yokwandisa Amathuba Okuvunyelwa
Kunezici ezine ezibalulekile.
Ukwethembeka: Okokuqala, kumelwe uzibuze ngokwethembeka: ‘Kungani ngempela ngifuna ukuhamba? Ingabe ngokuyinhloko engiyokwenza kuyinto engiyijabulelayo, noma ukuthi ngifuna ukuzifanisa nontanga yami? Ingabe kungenxa yokuthi umuntu ongikhangayo uzobe elapho?’ Ngakho thembeka kubazali bakho. Bake baba izingane futhi bakwazi kahle. Cishe bayosiqonda isisusa sakho sangempela. Bayokwazisa ukwethembeka kwakho, nawe uyozuza ekuhlakanipheni kwabo. (IzAga 7:1, 2) Ngakolunye uhlangothi, uma ungathembekile, wona idumela lakho futhi wehlisa namathuba okuvunyelwa.
Khetha isikhathi esikahle: Ungababeleseli abazali bakho ngokucela lapho befika nje bevela emsebenzini noma besaxakwe ezinye izinto. Khuluma nabo lapho sebekhululekile. Kodwa ungalindi kuze kube umzuzu wokugcina bese uzama ukubajaha ukuba bakuphendule. Abazali bakho ngeke bathande ukwenza isinqumo bexhamazela. Cela kusenesikhathi, ubanike isikhathi sokucabanga, futhi bazokwazisa ukucabangela kwakho.
Okushoyo: Ungabafihleli lutho. Chaza ngokucacile ukuthi ufuna ukwenzani. Abazali abayithandi impendulo ethi “Angazi,” ikakhulu uma bekubuza ukuthi: “Kuyobe kukhona obani?” “Uyobe ekhona yini umuntu omdala?” noma “Izophela nini iphathi?”
Isimo sengqondo: Ungabheki abazali bakho njengezitha. Babheke njengabantu obambisene nabo—ngoba vele nibambisene. Uma ubheka abazali bakho njengabantu obambisene nabo, ngeke uzwakale sengathi uyalwa nabo futhi nabo bazobambisana nawe. Gwema amazwi anjengokuthi, “Aningethembi,” “Wonke umuntu uyaya,” noma “Abazali babangane bami babavumele ukuba baye!” Bonisa abazali bakho ukuthi ukhule ngokwanele ukuba wamukele isinqumo sabo futhi usihloniphe. Uma wenza kanjalo, bayokuhlonipha. Futhi ngesikhathi esilandelayo, bayothambekela ekufuneni izindlela zokukuvumela.
FUNDA OKWENGEZIWE NGALESI SIHLOKO EMQULWINI 2, ISAHLUKO 32
UMBHALO OYINHLOKO
“Hlakanipha, ndodana yami, wenze inhliziyo yami ijabule.”—IzAga 27:11.
ICEBISO
Lapho uya embuthanweni, yiba nendlela yokuphuma uma izinto zingasahambi kahle. Ngaphambi kokuba uye, yazi ukuthi uzokwenzani noma uzothini ukuze, uma kudingekile, uhambe unembeza wakho umsulwa.
UBUWAZI . . . ?
Abazali abanothando bazokuphephisa ezintweni eziyingozi. Uma bengakuqondi okucelayo noma benomuzwa wokuthi kunamaqiniso abalulekile obafihlela wona esicelweni sakho, cishe bayokwenqaba.
ENGIZOKWENZA!
Uma unembeza wami ukhathazwa yilokho engikubonayo noma engikuzwayo lapho ngibukele ibhayisikobho noma ngisembuthanweni, ngizo- ․․․․․
Engingathanda ukukubuza umzali (abazali) wami ngale ndaba ․․․․․
UCABANGANI?
● Kungani ungase ungabaze ukutshela abazali bakho konke ukwaziswa abakudingayo ukuze benze isinqumo?
● Yini engaba imiphumela yokuvunyelwa abazali bakho kodwa kube kunamaqiniso abalulekile obafihlele wona?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 268]
“Ngangiyisilima lapho ngisemncane. Ezinye zezinto engangizijabulisa ngazo zaba nemiphumela emibi ngemva kwesikhathi. Umuntu uvuna lokho akutshalile. Ngiyazisola ngokungabalaleli abazali bami.’’—UBrian
[Isithombe ekhasini 269]
Njengabatakuli basolwandle, abazali bakho basendaweni enhle kakhulu abangabona kuyo ingozi