Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jl isif. 2 k. 5
  • Kungani Sibizwa Ngokuthi SingoFakazi BakaJehova?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Sibizwa Ngokuthi SingoFakazi BakaJehova?
  • Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Dumisa Igama LikaJehova Elikhulu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2013
  • UJehova Uphakamisa Igama Lakhe
    UMbuso KaNkulunkulu Uyabusa!
  • Isizathu Sokuba Sazi Igama LikaNkulunkulu
    IGama Laphezulu Eliyohlala Phakade (na)
  • Ubani Igama LikaNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Yomphakathi)—2019
Bheka Okunye
Obani Abenza Intando KaJehova Namuhla?
jl isif. 2 k. 5

Isifundo 2

Kungani Sibizwa Ngokuthi SingoFakazi BakaJehova?

Abantu abaningi bacabanga ukuthi igama elithi oFakazi BakaJehova yigama lenkolo entsha. Kepha eminyakeni engaphezu kwengu-2 700 edlule, izikhonzi zikaNkulunkulu weqiniso zazibizwa ngokuthi ‘ofakazi’ bakhe. (Isaya 43:10-12) Kuze kube ngu-1931, sasaziwa ngokuthi singabaFundi BeBhayibheli. Kungani samukela igama elithi oFakazi BakaJehova?

Leli gama lembula uNkulunkulu wethu. Ngokwemibhalo yesandla yasendulo, igama likaNkulunkulu, elithi Jehova, livela izikhathi eziyizinkulungwane eBhayibhelini. Ezinguqulweni eziningi leli gama liye lakhishwa, esikhundleni salo kwafakwa iziqu ezinjengesithi Nkosi noma Nkulunkulu. Kodwa uNkulunkulu weqiniso wayezembulile kuMose esebenzisa igama lakhe elithi Jehova lapho ethi: “Yileli igama lami kuze kube nini nanini.” (Eksodusi 3:15) Ngokuzisho igama lakhe, wazehlukanisa kubo bonke onkulunkulu bamanga. Siyaziqhenya ngokubizwa ngegama likaNkulunkulu elingcwele.

Leli gama lichaza umsebenzi wethu. Kunabantu abaningi basendulo, kusukela endodeni elungile u-Abela, abanikeza ubufakazi ngokholo lwabo kuJehova. Phakathi namakhulu eminyaka, uNowa, u-Abrahama, uSara, uMose, uDavide kanye nabanye, baba yingxenye yaleli ‘fu elikhulu lofakazi.’ (Hebheru 11:4–12:1) Njengoba nje umuntu engase afakazele umuntu ongenacala enkantolo, nathi sizimisele ukwenza iqiniso ngoNkulunkulu laziwe.

Silingisa uJesu. IBhayibheli limbiza ngokuthi “ufakazi othembekile noqinisile.” (IsAmbulo 3:14) UJesu ngokwakhe wathi ‘ulazisile igama likaNkulunkulu’ futhi waqhubeka ‘efakazela iqiniso’ ngoNkulunkulu. (Johane 17:26; 18:37) Abalandeli bakaKristu beqiniso nabo kumelwe bafakazele igama likaJehova futhi balenze laziwe. Yilokho oFakazi BakaJehova abazama ukukwenza.

  • Kungani abaFundi BeBhayibheli bamukela igama elithi oFakazi BakaJehova?

  • Sekuyisikhathi esingakanani uJehova enofakazi emhlabeni?

  • Ubani uFakazi KaJehova omkhulu kunabo bonke?

THOLA OKWENGEZIWE

Lapho uhlangana noFakazi bangakini, zama ukubazi kangcono. Babuze: “Kungani naba oFakazi BakaJehova?”

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela