Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • fg isif. 14 imibuzo 1-4
  • Kungani UNkulunkulu Enenhlangano?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani UNkulunkulu Enenhlangano?
  • Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Kungani UNkulunkulu Enenhlangano?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
  • Ukuhlelelwa Ukukhonza UJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Inhlangano KaNkulunkulu Ebonakalayo
    Ungaphila Phakade EPharadesi Emhlabeni
  • Ingabe UNkulunkulu Unayo Inhlangano?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
fg isif. 14 imibuzo 1-4

ISIFUNDO 14

Kungani UNkulunkulu Enenhlangano?

1. Kungani uNkulunkulu ahlela ama-Israyeli aba isizwe?

1. Abantu bakaNkulunkulu kwa-Israyeli wasendulo; 2. AmaKristu angekhulu lokuqala emsebenzini wokushumayela

UNkulunkulu wahlela inzalo yenzalamizi u-Abrahama yaba isizwe, wayinika imithetho. Wabiza leso sizwe ngokuthi “u-Israyeli” futhi wasiphathisa ukukhulekela kweqiniso nezwi lakhe. (IHubo 147:19, 20) Ngakho abantu bazo zonke izizwe bangazuza ku-Israyeli.—Funda uGenesise 22:18.

UNkulunkulu wakhetha ama-Israyeli ukuba abe ofakazi bakhe. Umlando wabo wasendulo usinika isibonelo sendlela abantu abazuza ngayo lapho belalela imithetho kaNkulunkulu. (Duteronomi 4:6) Ngakho, ngama-Israyeli, abanye babengase bamazi uNkulunkulu weqiniso.—Funda u-Isaya 43:10, 12.

2. Kungani amaKristu eqiniso ehlelwe aba inhlangano?

Ngokuhamba kwesikhathi, ama-Israyeli alahlekelwa umusa kaNkulunkulu, esikhundleni sawo uJehova wakhetha ibandla lobuKristu. (Mathewu 21:43; 23:37, 38) Manje, amaKristu eqiniso akhonza njengofakazi bakaJehova esikhundleni sama-Israyeli.—Funda izEnzo 15:14, 17.

UJesu wahlela abafundi bakhe ukuba bashumayele futhi benze abafundi ezizweni zonke. (Mathewu 10:7, 11; 24:14; 28:19, 20) Lo msebenzi usufinyelela umvuthwandaba wawo manje, ekupheleni kwalesi simiso sezinto. Kuyaqala emlandweni ukuba uJehova ahlanganise izigidi zabantu ezivela kuzo zonke izizwe ekukhulekeleni kweqiniso. (IsAmbulo 7:9, 10) AmaKristu eqiniso ahlelwe aba inhlangano ukuze akhuthazane futhi asizane. Emhlabeni kabanzi, athola imfundo yeBhayibheli efanayo emihlanganweni yawo.—Funda eyamaHebheru 10:24, 25.

3. Yaqala kanjani inhlangano yanamuhla yoFakazi BakaJehova?

OFakazi BakaJehova bayashumayela ngasekuqaleni kwawo-1900, basashumayela nanamuhla; izincwadi zeBhayibheli ezinyathelisiwe ngezilimi eziningi.

Ngawo-1870 iqembu elincane labafundi beBhayibheli laqala ukuthola amaqiniso eBhayibheli okwase kuyisikhathi eside engasaziwa. Babazi ukuthi uJesu wayehlele ibandla lobuKristu ukuba lishumayele, ngakho baqala umkhankaso wokushumayela ngoMbuso emhlabeni. Ngo-1931 bamukela igama elithi oFakazi BakaJehova.—Funda izEnzo 1:8; 2:1, 4; 5:42.

4. OFakazi BakaJehova bahlelwe kanjani?

Ngekhulu lokuqala, amabandla obuKristu emazweni amaningi ayezuza endikimbeni ebusayo eyayiqaphela ukuthi uJesu uyiNhloko yebandla. (IzEnzo 16:4, 5) Nanamuhla, oFakazi BakaJehova kuwo wonke umhlaba bayazuza eNdikimbeni Ebusayo eyakhiwa abadala abangomakad’ ebona. INdikimba Ebusayo iqondisa ukusebenza kwamahhovisi egatsha oFakazi BakaJehova ahumusha, anyathelise futhi asakaze izincwadi zokufunda iBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-600. Ngenxa yalokho, ikwazi ukunikeza amabandla angaphezu kuka-100 000 emhlabeni izikhuthazo neziqondiso ezingokomBhalo. Ebandleni ngalinye, amadoda afanelekayo akhonza njengabadala noma ababonisi. La madoda anakekela umhlambi kaNkulunkulu ngothando.—Funda eyoku-1 Petru 5:2, 3.

OFakazi BakaJehova bahlelelwe ukuba bashumayele izindaba ezinhle futhi benze abafundi. Njengabaphostoli, nathi siya endlini ngendlu. (IzEnzo 20:20) Siphinde sicele ukuqhubela abathanda iqiniso izifundo zeBhayibheli. Kodwa oFakazi BakaJehova abayona nje inhlangano. Singumkhaya onoBaba onothando. Sinjengezingane zandawonye ezikhathalelanayo. (2 Thesalonika 1:3) Njengoba abantu bakaJehova behlelelwe ukuba bajabulise uNkulunkulu nabanye, bakha umkhaya ojabula kunayo yonke emhlabeni.—Funda iHubo 33:12; IzEnzo 20:35.

Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka isahluko 19 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela