Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • fg isif. 15 imibuzo 1-4
  • Kungani Kufanele Uqhubeke?

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Kungani Kufanele Uqhubeke?
  • Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ungasondela Kanjani KuNkulunkulu?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
  • Ayikho Indlela Yokuphila Engcono Kunale
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Buqine Kangakanani Ubuhlobo Bakho NoJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
  • “Ukusondela KuNkulunkulu Kuhle” Kithi!
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2025
Bheka Okunye
Izindaba Ezinhle Ezivela KuNkulunkulu!
fg isif. 15 imibuzo 1-4

ISIFUNDO 15

Kungani Kufanele Uqhubeke?

1. Kuzokuzuzisa kanjani ukuqhubeka nesifundo sakho seBhayibheli?

Abesifazane ababili batadisha iBhayibheli ngesikhathi sekhefu emsebenzini

Akungabazeki ukuthi lezi zimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo ziluqinisile uthando lwakho ngoJehova. Lolo thando ludinga ukukhuliswa ngokuqhubekayo. (1 Petru 2:2) Ithemba lakho lokuthola ukuphila okuphakade lixhomeke ekutheni uyaqhubeka yini usondela kuNkulunkulu ngokufunda iZwi lakhe.—Funda uJohane 17:3; Jude 21.

Njengoba ulwazi lwakho ngoNkulunkulu lukhula, ukholo lwakho luyoqina. Ukholo luyokusiza ukuba ujabulise uNkulunkulu. (Hebheru 11:1, 6) Luyokwenza ukuba uphenduke futhi wenze izinguquko eziyokusiza endleleni ophila ngayo.—Funda izEnzo 3:19.

2. Ulwazi onalo ngoNkulunkulu lungabazuzisa kanjani abanye?

Owesifazane ukhuluma noNkulunkulu ngomthandazo

Ungaba nobuhlobo obukhethekile noJehova

Cishe uzothanda ukuxoxela abanye lokho okufundile—sonke siyakujabulela ukuxoxela abanye izindaba ezinhle. Njengoba uqhubeka ufunda iBhayibheli, uzofunda ukusebenzisa iBhayibheli ukuze uchaze ukholo lwakho kuJehova nezindaba ezinhle.—Funda eyabaseRoma 10:13-15.

Iningi labantu liqala ngokuxoxela abangane nezihlobo. Kodwa ungabacunuli. Kunokuba uthi inkolo yabo inamanga, baxoxele ngezithembiso zikaNkulunkulu. Ukhumbule nokuthi ngokuvamile abantu bathonywa yindlela enomusa obaphatha ngayo kunalokho okushoyo.—Funda eyesi-2 Thimothewu 2:24, 25.

3. Ungaba nobuhlobo obunjani noNkulunkulu?

Ukufunda iZwi likaNkulunkulu kuzokusiza ukhule ngokomoya. Ngokuhamba kwesikhathi, ungaba nobuhlobo obukhetheke kakhulu noJehova. Empeleni ungaba yilungu lomkhaya wakhe, ngaleyo ndlela ube ngowakhe.—Funda eyesi-2 Korinte 6:18.

4. Ungathuthuka kanjani?

Ungathuthuka ngokomoya ngokuqhubeka ufunda iZwi likaNkulunkulu. (Hebheru 5:13, 14) Cela omunye woFakazi BakaJehova ukuba afunde nawe iBhayibheli esebenzisa incwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli? Uma uqhubeka ufunda iZwi likaNkulunkulu, uyophumelela ekuphileni.—Funda iHubo 1:1-3; 73:27, 28.

OFakazi BakaJehova bacela ukuqhuba isifundo seBhayibheli

Izindaba ezinhle zivela kuJehova, uNkulunkulu ojabulayo. Ungasondela kuye ngokusondela kubantu bakhe. (Hebheru 10:24, 25) Ngokuqhubeka uzama ukujabulisa uJehova, uzama ukufinyelela ukuphila kwangempela—ukuphila okuphakade. Ukusondela kuNkulunkulu kuyinto enhle kakhulu ongayenza.—Funda eyoku-1 Thimothewu 1:11; 6:19.

Ukuze uthole amaphuzu engeziwe, bheka isahluko 18 sencwadi ethi Lifundisani Ngempela IBhayibheli?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela