Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • yc isif. 14 kk. 30-31
  • UMbuso Oyobusa Umhlaba Wonke

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UMbuso Oyobusa Umhlaba Wonke
  • Fundisa Izingane Zakho
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abangane BakaNkulunkulu Bayophila Epharadesi
    Ungaba Umngane KaNkulunkulu
  • Iyini Injongo KaNkulunkulu Ngomhlaba?
    Yini UNkulunkulu Ayifunayo Kithi?
  • Obani Abayovuswa? Bayohlalaphi?
    Funda KuMfundisi Omkhulu
  • UMbuso Oyoshintsha Wonke Umhlaba
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
Bheka Okunye
Fundisa Izingane Zakho
yc isif. 14 kk. 30-31
UJesu Kristu uyabusa njengeNkosi emhlabeni oyiPharadesi

ISIFUNDO 14

UMbuso Oyobusa Umhlaba Wonke

Ungaqagela ukuthi yimuphi lo Mbuso esikhuluma ngawo?— Yebo, uMbuso kaNkulunkulu, uMbuso ozokwenza lo mhlaba ube ipharadesi. Ungathanda ukuzwa okwengeziwe ngalo Mbuso?—

Yonke imibuso inenkosi. Futhi inkosi ibusa abantu abahlala ezweni layo. Uyazi ukuthi ubani iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu?— UJesu Kristu. Uhlala ezulwini. Ngokushesha nje uzobusa bonke abantu abasemhlabeni! Ucabanga ukuthi kuyoba mnandi lapho uJesu esebusa wonke umhlaba?—

Yini othanda ukuyibona ePharadesi?

Siyojabula kakhulu! EPharadesi, abantu ngeke baphinde balwe futhi ngeke baye empini. Bonke abantu bayothandana. Akekho oyogula noma afe. Izimpumputhe ziyobona. Izithulu ziyokuzwa. Abangakwazi ukuhamba bayogijima bagxume. Kuyobe kukuningi ukudla. Izilwane ngeke zilumane zodwa futhi ngeke zisilume nathi. Abantu abafileyo bayovuswa. Obaba nomama abaningi ofunde ngabo kule ncwajana, njengoRebheka, uRahabi, uDavide no-Eliya nabo bayovuswa! Ungathanda ukubabona lapho bevuswa?—

UJehova uyakuthanda futhi ufuna ujabule. Uma uqhubeka ufunda ngaye futhi umlalela, uyophila phakade epharadesi elihle! Uyakufuna lokho?—

FUNDA EBHAYIBHELINI LAKHO

  • Isaya 2:4; 11:6-9; 25:8; 33:24; 35:5, 6

  • Johane 5:28, 29; 17:3

IMIBUZO:

  • Ubani iNkosi yoMbuso kaNkulunkulu?

  • UJesu uyobusa bani?

  • Kuyoba njani lapho uJesu ebusa umhlaba?

  • Yini okumelwe uyenze ukuze uphile phakade ePharadesi?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela