Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 7 k. 22-k. 23 isig. 6
  • Ababhula Ngezinkanyezi Bavakashela UJesu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ababhula Ngezinkanyezi Bavakashela UJesu
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Nezazi Zezinkanyezi
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • UJesu Nezazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Zazingobani “Izazi Ezintathu”? Ingabe Zazilandela “Inkanyezi” YaseBethlehema?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ubani Owathumela “Inkanyezi”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 7 k. 22-k. 23 isig. 6
Ababhula ngezinkanyezi balandela inkanyezi ebaholela endlini ehlala uJosefa, uMariya noJesu

ISAHLUKO 7

Ababhula Ngezinkanyezi Bavakashela UJesu

MATHEWU 2:1-12

  • ABABHULA NGEZINKANYEZI BALANDELA “INKANYEZI” EBAHOLELA EJERUSALEMA BESE IBAHOLELA KUJESU

Kunamadoda athile avela eMpumalanga. La madoda abhula ngezinkanyezi, okusho ukuthi abheka indlela izinkanyezi ezimi ngayo, ngokwenza kanjalo athi ayakwazi ukuchaza izinto ezenzeka ekuphileni kwabantu. (Isaya 47:13) Lapho esesemakhaya eMpumalanga abone “inkanyezi,” abe eseyilandela amakhilomitha angamakhulu aya eJerusalema hhayi eBhetlehema.

Lapho efika, ayabuza: “Uphi lowo ozelwe oyinkosi yamaJuda? Ngoba sibone inkanyezi yakhe siseMpumalanga, futhi size ukuzomkhothamela.”—Mathewu 2:1, 2.

Ababhula ngezinkanyezi bakhothamela iNkosi uHerode

INkos’ uHerode yaseJerusalema iyathukuthela lapho izwa lokhu. Ngakho ibiza abapristi abakhulu nabanye abaholi benkolo yobuJuda ibabuze ukuthi uKristu uzozalelwa kuphi. Besebenzisa lokho okushiwo imiBhalo, bathi: “EBhetlehema.” (Mathewu 2:5; Mika 5:2) UHerode ube esebizela la madoda abhula ngezinkanyezi ngasese, athi kuwo: “Hambani nimfune ngokucophelela umntwana, uma senimtholile nibuye nizongibikela ukuze nami ngiye ngiyomkhothamela.” (Mathewu 2:8) Nokho, empeleni uHerode ufuna ukuthola ukuthi ingane ikuphi ukuze ayibulale!

Ngemva kokuba la madoda abhula ngezinkanyezi esehambile, kwenzeka into emangalisayo. “Inkanyezi” abeyibone ngesikhathi eseMpumalanga, iphinde iwahole. Kusobala ukuthi akuyona inkanyezi evamile le, kodwa ithunywe ngokukhethekile ukuze iwahole. La madoda ayayilandela kuze kube yilapho ima ngaphezu kwendlu ehlala uJosefa noMariya kanye nendodana yabo encane.

Ababhula ngezinkanyezi bafika eBhetlehema beholwa inkanyezi, baphe uJesu noMariya izipho

Lapho la madoda abhula ngezinkanyezi engena endlini, athola uMariya nomntwana, uJesu. Lapho embona umntwana, ayamkhothamela. Amupha igolide, impepho nemure. Kamuva, lapho esezohamba abuyele kuHerode, uNkulunkulu ubonakala kuwo ephusheni awaxwayise ukuba angabuyeli kuye. Ngakho abuyela ezweni lawo ngenye indlela.

Ucabanga ukuthi ubani owathumela “inkanyezi” eyayihola ababhula ngezinkanyezi? Khumbula ukuthi ayizange ibaholele kuJesu, eBhetlehema. Kunalokho yabaholela eJerusalema, eNkosini uHerode, eyayifuna ukubulala uJesu. Yayizombulala ngempela ukube uNkulunkulu akangenelanga ngokuxwayisa la madoda ukuba angabuyeli ukuyotshela uHerode ukuthi uJesu wayekuphi. Kusobala ukuthi kwakuyisitha sikaNkulunkulu, uSathane—esasifuna ukuba uJesu abulawe—esaqondisa le nkanyezi ukuze kwenzeke inhloso yaso.

  • Sazi kanjani ukuthi “inkanyezi” eyabonwa amadoda abhula ngezinkanyezi kwakungeyona inkanyezi evamile?

  • Wayehlalaphi umntwana uJesu ngesikhathi ababhula ngezinkanyezi bezombona?

  • Kungani singaphetha ngokuthi nguSathane owayehola amadoda abhula ngezinkanyezi?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela