Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • gt isahl. 7
  • UJesu Nezazi Zezinkanyezi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Nezazi Zezinkanyezi
  • Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UJesu Nezazi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Ababhula Ngezinkanyezi Bavakashela UJesu
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Zazingobani “Izazi Ezintathu”? Ingabe Zazilandela “Inkanyezi” YaseBethlehema?
    Imibuzo YeBhayibheli Iyaphendulwa
  • Ubani Owathumela “Inkanyezi”?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
gt isahl. 7

Isahluko 7

UJesu Nezazi Zezinkanyezi

AMADODA amaningana avela eMpumalanga. Ayizazi zezinkanyezi—abantu abathi bachaza ukuma kwezinkanyezi. Lapho esekhaya eMpumalanga, abona inkanyezi entsha, futhi aseyilandele amakhilomitha angamakhulukhulu angena eJerusalema.

Lapho lezizazi zezinkanyezi zifika eJerusalema, ziyabuza: “Uphi lowo ozelwe eyinkosi yabaJuda na? ngokuba sibonile inkanyezi yakhe kwelasempumalanga, sizé ukukhuleka kuye.”

Lapho iNkosi uHerode eJerusalema izwa ngalokhu, icasuka kakhulu. Ngakho ibiza abapristi abakhulu futhi ibabuza ukuthi uKristu kumelwe azalelwephi. Besekela impendulo yabo emiBhalweni, bayaphendula: “EBetlehema.” Kulokho, uHerode uyala ukuba kubizwe izazi futhi uyazitshela: “Hambani nibuzisise ngomntwana; kuyakuthi nxa nimfumene, ningitshele ukuba nami ngiye ngikhuleke kuye.” Kodwa, eqinisweni, uHerode ufuna ukuthola umntwana ukuze ambulale!

Sezihambile, kwenzeka into eyisimangaliso. Inkanyezi eziyibonile lapho zihamba eMpumalanga ihamba phambi kwazo. Ngokusobala, lena akuyona inkanyezi evamile, kodwa iye yalungiselelwa ngokukhethekile ukuba iziqondise. Izazi ziyaqhubeka ziyilandela kuze kube yilapho ima maqondana nendlu uJosefa noMariya abahlala kuyo.

Lapho izazi zingena endlini, zithola uMariya enomntwana wakhe omncane, uJesu. Kulokho zonke ziyakhuleka kuye. Futhi zikhipha emasakeni azo izipho zegolide, amakha, nenhlaka. Ngemva kwalokho, lapho sezizobuyela emuva futhi zitshele uHerode ukuthi umntwana ukuphi, zixwayiswa uNkulunkulu ngephupho ukuba zingakwenzi lokho. Khona-ke ziyahamba zibuyela ezweni lakubo ngenye indlela.

Ucabanga ukuthi ubani owalungiselela inkanyezi eyayihamba esibhakabhakeni iqondisa izazi? Khumbula, lenkanyezi ayizange iziqondise ngokuqondile kuJesu eBetlehema. Kunalokho, zaholelwa eJerusalema lapho zahlangana khona neNkosi uHerode, owayefuna ukubulala uJesu. Futhi wayengakwenza lokho ukuba uNkulunkulu akangenelanga futhi waxwayisa izazi ukuba zingamtsheli uHerode ukuthi uJesu ukuphi. Kwakuyisitha sikaNkulunkulu, uSathane uDeveli, owayefuna ukuba uJesu abulawe, futhi wasebenzisa leyonkanyezi ukuze azame ukufeza injongo yakhe. Mathewu 2:1-12; Mika 5:2.

▪ Yini ebonisa ukuthi inkanyezi izazi ezayibona kwakungeyona inkanyezi evamile?

▪ Ukuphi uJesu lapho izazi zimthola?

▪ Sazi kanjani ukuthi uSathane owalungiselela inkanyezi ukuba iqondise izazi?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela