Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 8 k. 24-k. 25 isig. 5
  • Babalekela Umbusi Omubi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Babalekela Umbusi Omubi
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubalekela Inkosi Enonya
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ukubalekela Inkosi Enonya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • Wavikela, Wondla, Waphikelela
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wavikela, Wondla, Waphikelela
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2012
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 8 k. 24-k. 25 isig. 5
INkosi uHerode ikhipha umyalo wokuba kubulawe zonke izingane zabafana eBhetlehema

ISAHLUKO 8

Babalekela Umbusi Omubi

MATHEWU 2:13-23

  • UMNDENI WAKUBO KAJESU UBALEKELA EGIBHITHE

  • UJOSEFA UTHUTHELA UMNDENI WAKHE ENAZARETHA

UJosefa uvusa uMariya ukuze amtshele izindaba eziphuthumayo. Ingelosi kaJehova isanda kubonakala kuye ephusheni, yathi: “Vuka, thatha umntwana nonina ubalekele eGibhithe, uhlale khona ngize ngikuthumelele izwi, ngoba uHerode usezohamba emfuna umntwana ukuze ambulale.”—Mathewu 2:13.

Ngokushesha ngabo lobo busuku uJosefa, uMariya nendodana yabo bayabaleka. Lokhu kwenzeka ngesikhathi esikahle ngoba uHerode usanda kuthola ukuthi ababhula ngezinkanyezi bamkhohlisile. Ubebatshele ukuba babuye bazombikela ngomntwana. Kunalokho babuyele ezweni labo bengasayanga kuye. UHerode uthukuthele ugane unwabu. Usazimisele ukubulala uJesu, ngakho ukhipha umyalo wokuba kubulawe bonke abafana abaneminyaka emibili kuya phansi eBhetlehema nasezindaweni ezilizungezile. Le minyaka uyinqume ngokwalokho akutshelwe amadoda abhula ngezinkanyezi avela eMpumalanga.

Isosha lihlwitha umfana kunina

Ukubulawa kwabo bonke laba bafana kuyisenzo esinyantisayo! Ayikho indlela yokwazi ukuthi bangaki abafanyana ababulawa, kodwa isililo nokukhala komama kugcwalisa isiprofetho seBhayibheli esashiwo umprofethi kaNkulunkulu uJeremiya.—Jeremiya 31:15.

Phakathi naleso sikhathi, uJosefa nomndeni wakhe sebebalekele eGibhithe, futhi bayaqhubeka behleli khona. Ngobunye ubusuku, ingelosi kaNkulunkulu iphinde ibonakale kuJosefa ephusheni. Ithi: “Vuka, thatha umntwana nonina uhambe uye ezweni lakwa-Israyeli ngoba labo ababefuna ukubulala umntwana sebefile.” (Mathewu 2:20) Ngakho uJosefa uphetha ngokuthi umndeni wakhe usungabuyela ezweni lakubo. Ngaleyo ndlela kugcwaliseka esinye isiprofetho seBhayibheli, esithi ‘indodana kaNkulunkulu iyabizwa ukuba iphume eGibhithe.’—Hoseya 11:1.

Kubonakala sengathi uJosefa uhlose ukuba umndeni wakhe uhlale eJudiya, mhlawumbe eduze kwaseBhetlehema, lapho ababehlala khona ngaphambi kokubalekela eGibhithe. Kodwa uthola ukuthi eJudiya sekubusa u-Arkelawu, indodana kaHerode embi. Kwelinye iphupho, uNkulunkulu uphinde axwayise uJosefa ngale ngozi. Ngakho uJosefa nomndeni wakhe balibangisa enyakatho, bafike bahlale eNazaretha eseGalile, kude naseJerusalema. UJesu ukhulela kule ndawo, okugcwalisa esinye isiprofetho, esithi: “Uyobizwa ngokuthi umNazaretha.”—Mathewu 2:23.

  • INkosi uHerode yenzani lapho iqaphela ukuthi ababhula ngezinkanyezi abasabuyi, futhi umntwana uJesu uvikelwa kanjani?

  • Kungani uJosefa nomndeni wakhe bengabuyeli eBhetlehema lapho besuka eGibhithe?

  • Yiziphi iziprofetho zeBhayibheli ezigcwalisekayo phakathi nalesi sikhathi?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela