Ukuphila NeNkonzo KaJesu
Ukubalekela Inkosi Enonya
KUNGANI uJosefa evusa uMariya phakathi kobusuku? ‘Ingelosi kaJehova ibonakale kimi,’ uJosefa emtshela’ ‘Futhi iyale ukuba ngithathe wena nomntwana sibalekele eGibithe, ngokuba uHerode uzakumfuna uJesu ukuba ambulale.’
Bobathathu bayabaleka. Futhi kungesikhathi esifanele ngoba uHerode, usetholile ukuthi izazi zimkhohlisile futhi zihambili ezweni. Khumbula, kwakumelwe zibuyise umbiko uma sezimtholile uJesu. UHerode uthukuthele. Ngakho emzamweni wokubulala uJesu, uthumela ukuba kubulawe bonke abafana abaneminyaka emibili nangaphansi eBetlehema nezigodi zalo. Usekela lokhu kubalwa kweminyaka ngokwaziswa akuthole nqaphambili ezazini.
Ukubulawa kwabo bonke abantwana abangabafana kuyinto eyesabekayo ukuyibona! Amasosha kaHerode ahlasela wonke amakhaya. Futhi lapho ethola umntwana womfana, ayamhlwitha ezingalweni zikanina. Asinawo umqondo wokuthi zingaki izingane azibulalayo, kodwa ukukhala okukhulu nokulila komama kugcwalisa isiprofetho seBhayibheli somprofethi kaNkulunkulu uJeremiya.
Phakathi nalesikhathi, uJosefa nomkhaya wakhe babehambe kahle baya eGibithe, futhi manje bahlala khona. Kodwa ngobunye ubusuku ingelosi kaJehova iyaphinda ibonakala kuJosefa ngephupho. ‘Vuka uthabathe uJesu nonina nibuyele kwaIsrayeli,’ kusho ingelosi, ‘ngokuba ababezama ukumbulala sebefile.’ Ngakho, ekugcwalisekeni kwesinye isiprofetho seBhayibheli esithi iNdodana kaNkulunkulu yayiyobizwa iphume eGibithe, umkhaya ubuyela ezweni lakubo.
Ngokusobala uJosefa uhlose ukuhlala eJudiya, lapho babehlala khona ngaphambi kokubalekela eGibithe. Kodwa uzwa ukuthi indodana embi kaHerode uArkelawu manje uyinkosi yaseJudiya, futhi kwelinye iphupho uJehova uyamxwayisa ngalengozi. Ngakho uJosefa nomkhaya wakhe baya enyakatho futhi bakha emzini waseNazaretha. UJesu ukhulela kulomphakathi, kude nendawo yokuphila okungokwenkolo kwamaJuda. Mathewu 2:13-23; Jeremiya 31:15; Hoseya 11:1.
◆ Lapho izazi zingabuyi, iyiphi into ehlasimulisayo iNkosi uHerode eyayenza, kodwa uJesu wavikelwa kanjani?
◆ Ekubuyeni eGibithe, kungani uJosefa engaphindanga wahlala eBetlehema?
◆ Iziphi iziprofetho zeBhayibheli ezagcwaliseka phakathi nalesikhathi?