Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 39 k. 98-k. 99 isig. 7
  • Maye Ngesizukulwane Esingasabeli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Maye Ngesizukulwane Esingasabeli
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Abaqhoshayo Nabathobekile
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Abaqhoshayo Nabathobekileyo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
  • Mathewu 11:28-30—“Zanini Kimi, . . . Mina Ngizakuniphumuza”
    Amavesi EBhayibheli Ayachazwa
  • ‘Ukufumana Impumuzo Yemiphefumulo Yenu’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1989
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 39 k. 98-k. 99 isig. 7
Umfana udlala umtshingo esigcawini sasemakethe, kodwa abanye abantwana abafuni ukudansa

ISAHLUKO 39

Maye Ngesizukulwane Esingasabeli

MATHEWU 11:16-30 LUKA 7:31-35

  • UJESU ULAHLA AMADOLOBHA ATHILE

  • UNIKEZA IMPUMUZO NOKUQABULEKA

UJesu uyamhlonipha kakhulu uJohane uMbhapathizi, kodwa abantu abaningi bambheka kanjani uJohane? UJesu uthi: “Lesi sizukulwane sifana nabantwana abancane abahlezi ezigcawini abamemeza abadlala nabo, bethi: ‘Sinishayele umtshingo kodwa anidansanga; salila kodwa anizange nibe lusizi.’”—Mathewu 11:16, 17.

Usho ukuthini uJesu? Ube esecacisa: “UJohane weza engadli futhi engaphuzi kodwa abantu bathi, ‘Unedemoni.’ INdodana yomuntu ize idla futhi iphuza kodwa abantu bathi, ‘Bhekani! Umuntu ominzayo nothanda ukuphuza iwayini, umngane wabaqoqi bentela nezoni.’” (Mathewu 11:18, 19) UJohane uphile ukuphila okulula, ephila njengomNaziri, engalithinti ngisho newayini, nokho lesi sizukulwane sithi unedemoni. (Numeri 6:2, 3; Luka 1:15) Ngakolunye uhlangothi, uJesu uphila njengabanye abantu abavamile. Uyadla futhi aphuze ngendlela elinganiselayo, kodwa abantu bathi uyisiminzi. Kubonakala kungenakwenzeka ukwanelisa abantu.

UJesu ufanisa lesi sizukulwane nabantwana abancane abasesigcawini abenqaba ukudansa lapho abanye abantwana bebadlalela umtshingo noma abangabi lusizi lapho abanye belila. Uthi: “Noma kunjalo, ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:16, 19) Imisebenzi, okungukuthi ubufakazi obunikezwe uJohane noJesu, iyabonisa ukuthi lezi zinto abasolwa ngazo zingamanga.

Ngemva kokuba uJesu echaze lesi sizukulwane njengesingasabeli, ube eselahla idolobha laseKhorazini, elaseBhetsayida nelaseKapernawume, lapho enza khona izimangaliso. UJesu uthi ukube lezi zimangaliso wayezenze emadolobheni amaFenike, iThire neSidoni, ngabe lawo madolobha aphenduka. Ukhuluma nangeKapernawume, ebiyidolobha lakubo isikhathi esithile. Ngisho nalapho, abantu abazange basabele. UJesu uthi ngeKapernawume: “NgoSuku Lokwahlulela kuyoba nzima kakhulu kuwe kunaseSodoma.”—Mathewu 11:24.

UJesu ube esedumisa uYise, ofihlela labo ‘abahlakaniphile nongqondongqondo’ amaqiniso ayigugu aseZwini lakhe, kodwa awembulele abantu abaphansi abanjengezingane. (Mathewu 11:25) Ubanikeza isimemo esikhethekile labo abanjalo: “Wozani kimi, nina nonke enikhandlekayo nenisindwayo, ngizoninika amandla. Bekani ijoka lami phezu kwenu nifunde kimi, ngoba ngimnene futhi ngithobekile, nizothola ukuqabuleka. Ngoba ijoka lami ngelomusa nomthwalo wami ulula.”—Mathewu 11:28-30.

UJesu ukunikeza kanjani ukuqabuleka? Abaholi benkolo bathwese abantu umthwalo ngamasiko agqilazayo, njengemithetho eyeqisayo yeSabatha. Kodwa uJesu uyabaqabula ngokubafundisa amaqiniso kaNkulunkulu, angangcolisiwe yilawo masiko. Ubonisa nendlela yokuthola impumuzo kulabo abazizwa becindezelwe ababusi bezepolitiki, nakulabo abazizwa besindwa yisono. UJesu ubabonisa indlela izono zabo ezingathethelelwa ngayo, nokuthi bangakwenza kanjani ukuthula noNkulunkulu.

Bonke labo abamukela ijoka likaJesu lomusa bangazinikela kuNkulunkulu, bakhonze uBaba wethu osezulwini onozwela nomusa. Ukwenza kanjalo akugqilazi, ngoba lokho uNkulunkulu akulindele kithi akuwona umthwalo.—1 Johane 5:3.

  • Abantu besizukulwane sangesikhathi sikaJesu bafana kanjani nabantwana?

  • Yini eyenza ukuba uJesu adumise uYise osezulwini?

  • Abantu abaningi bagqilazeke ngaziphi izindlela, kodwa iyiphi impumuzo uJesu ayinikezayo?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela