Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 75 k. 176-k. 177 isig. 1
  • UJesu Wembula Umthombo Wenjabulo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Wembula Umthombo Wenjabulo
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umthombo Wenjabulo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Umthombo Wenjabulo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Uzenza Ngamandla Kabani Izimangaliso?
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu—Isisulu Sokuphikiswa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1987
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 75 k. 176-k. 177 isig. 1
UJesu usiza owesifazane onikeza umama uMariya udumo olukhethekile

ISAHLUKO 75

UJesu Wembula Umthombo Wenjabulo

LUKA 11:14-36

  • UXOSHA AMADEMONI “NGOMUNWE KANKULUNKULU”

  • UMTHOMBO WENJABULO YANGEMPELA

UJesu usanda kuphinda lokho akufundisile mayelana nomthandazo kodwa akuwona kuphela akhulume ngawo isikhathi esingaphezu kwesisodwa phakathi nenkonzo yakhe. Lapho enza izimangaliso eGalile, uJesu wamangalelwa ngamanga, kwathiwa ukhipha amademoni ngombusi wamademoni. Manje eJudiya umangalelwa ngento efanayo.

Lapho uJesu ekhipha idemoni elalivimbela indoda ukuba ikhulume, isixuku samangala. Kodwa ababemgxeka abazange bamangale. Baphinda futhi bammangalela ngamanga afanayo: “Uxosha amademoni ngoBhelizebhubhe, umbusi wamademoni.” (Luka 11:15) Befuna ubufakazi obengeziwe bokuthi uJesu ungubani, abanye bamcela uphawu oluvela ezulwini.

Eqaphela ukuthi bazama ukumvivinya, uJesu ubaphendula ngendlela aphendula ngayo ngesikhathi bemgxeka eGalile. Uthi yonke imibuso ehlukene phakathi iyawa: “Uma uSathane naye ehlukene yedwa, umbuso wakhe uyoma kanjani?” UJesu ube esebatshela ngokuqondile: “Uma kungukuthi ngixosha amademoni ngomunwe kaNkulunkulu, ngempela uMbuso kaNkulunkulu usunificile.”—Luka 11:18-20.

Ukukhuluma kukaJesu “ngomunwe kaNkulunkulu” kufanele kukhumbuze izilaleli zakhe ngalokho okwenzeka emlandweni wama-Israyeli esikhathini esedlule. Labo ababesenkantolo kaFaro ababona uMose enza izimangaliso bathi: “Ngumunwe kaNkulunkulu!” ‘Kwakusengumunwe kaNkulunkulu’ lowo owaloba iMithetho Eyishumi ematsheni amabili ayizicaba. (Eksodusi 8:19; 31:18) Ngokufanayo, ‘umunwe kaNkulunkulu’—umoya wakhe ongcwele—yiwona owenza uJesu akwazi ukuxosha amademoni noma ukwelapha abagulayo. Ngakho, uMbuso kaNkulunkulu ngempela usubaficile laba baphikisi ngoba iNkosi yoMbuso, uJesu, iphambi kwabo futhi yenza leyo misebenzi.

Ikhono likaJesu lokuxosha amademoni liwubufakazi bokuthi unamandla kunoSathane, njengalapho indoda enamandla ilwa futhi inqoba ibutho elihlomile eligade isigodlo. UJesu uphinda umfanekiso wakhe mayelana nomoya ongcolile ohlala kumuntu. Uma umuntu engasigcwalisi leso sikhala ngezinto ezinhle, lo moya uyabuya kanye neyisikhombisa, wenze isimo salo muntu sibe sibi kakhulu kunasekuqaleni. (Mathewu 12:22, 25-29, 43-45) Ngakho yilokho okwenzekayo esizweni sakwa-Israyeli.

Owesifazane olalele uJesu uyamemeza: “Siyajabula isibeletho esakuthwala namabele owawancela!” Abesifazane abangamaJuda babenethemba lokuzala umprofethi, ikakhulukazi uMesiya. Ngakho lona wesifazane angase acabange ukuthi uMariya ujabula ngokukhethekile ngokuba umama womfundisi onjalo. UJesu usiza lona wesifazane ngokuthi uyini umthombo wenjabulo yangempela: “Akunjalo, kunalokho, abajabulayo yilabo abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!” (Luka 11:27, 28) UJesu akakaze athi uMariya kufanele anikezwe udumo olukhethekile. Kunalokho, injabulo yangempela yanoma yimuphi umuntu wesilisa noma wesifazane itholakala ngokuba inceku ethembekile kaNkulunkulu, hhayi ngokuba isihlobo sothile noma ukufeza okuthile.

Njengoba uJesu enza eGalile, ukhuza abantu ngokufuna isibonakaliso esivela ezulwini. Uthi asikho isibonakaliso abazonikwa sona ngaphandle “kwesibonakaliso sikaJona.” UJona waba isibonakaliso ngokuba sesiswini senhlanzi izinsuku ezintathu nangokushumayela ngesibindi okwenza ukuba abaseNineve baphenduke. UJesu uthi: “Kodwa bhekani! Lapha kukhona ongaphezu kukaJona.” (Luka 11:29-32) UJesu ungaphezu kukaSolomoni, lowo indlovukazi yaseSheba eyeza izolalela futhi izobona ukuhlakanipha kwakhe.

UJesu uyenezela: “Ngemva kokukhanyisa isibani, umuntu akasibeki endaweni ecashile noma ngaphansi kukabhasikidi, kodwa usibeka othini lwesibani.” (Luka 11:33) Mhlawumbe uqonde ukuthi ukufundisa nokwenza izimangaliso phambi kwalaba bantu kufana nokufihla ukukhaya kwesibani. Ngenxa yokuthi babenganakile, bahluleka ukuqonda ukuthi wayeyenzelani imisebenzi yakhe.

UJesu usanda kuxosha idemoni wenza nokuthi indoda engakhulumi ikhulume. Lokhu kufanele kwenze abantu badumise uNkulunkulu batshele nabanye ngalokho uJehova akufezayo. Ngakho uJesu uxwayisa labo abamgxekayo, uthi: “Qikelela ukuthi ukukhanya okukuwe akubona ubumnyama. Ngakho-ke, uma wonke umzimba wakho ukhanya ungenayo ingxenye emnyama, wonke uyokhanya njengalapho isibani sikukhanyisela ngemisebe yaso.”—Luka 11:35, 36.

  • Abanye eJudiya basabela kanjani njengoba uJesu elapha indoda?

  • Uyini ‘umunwe kaNkulunkulu’ futhi uMbuso kaNkulunkulu uzifice kanjani izilaleli zikaJesu?

  • Abantu bangayithola kanjani injabulo yangempela?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela