Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • jy isahl. 117 k. 270-k. 271 isig. 3
  • ISidlo SeNkosi Sakusihlwa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • ISidlo SeNkosi Sakusihlwa
  • UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • Ekamelweni Eliphezulu
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UKristu Uyakhashelwa Futhi Uyaboshwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
Bheka Okunye
UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
jy isahl. 117 k. 270-k. 271 isig. 3
UJesu usungula iSidlo SeNkosi Sakusihlwa ekanye nabaphostoli bakhe abathembekile abangu-11

ISAHLUKO 117

Isidlo SeNkosi Sakusihlwa

MATHEWU 26:21-29 MARKU 14:18-25 LUKA 22:19-23 JOHANE 13:18-30

  • KUYATHOLAKALA UKUTHI UJUDA UNGUMKHAPHELI

  • UJESU UQALA ISIDLO SESIKHUMBUZO

UJesu usanda kufundisa abaphostoli bakhe isifundo sokuthobeka ngokubageza izinyawo. Manje ngemva kwesidlo sePhasika, uJesu ucaphuna amazwi kaDavide ayisiprofetho, athi: ‘Umuntu obenokuthula nami, ebengimethemba, owayedla isinkwa sami, ungiphendukele.’ Ube esethi: “Omunye kini uzongikhaphela.”—IHubo 41:9; Johane 13:18, 21.

Abaphostoli bayabukana bese ngamunye eyabuza: “Nkosi, akumina, akunjalo?” Ngisho noJuda Iskariyothe uyabuza. UPetru ucela uJohane, ohleli eduze kukaJesu etafuleni, ukuba athole ukuthi ngubani. Ngakho uJohane usondela kuJesu bese eyabuza: “Nkosi, ngubani?”—Mathewu 26:22; Johane 13:25.

UJesu uyamphendula: “Yilowo engizomnika lolu cezu lwesinkwa engilugcobhozayo.” UJesu ugcobhoza isinkwa esitsheni esisetafuleni asinike uJuda, athi: “INdodana yomuntu iyahamba, njengoba nje kulotshiwe ngayo, kodwa maye kulowo muntu okhaphela iNdodana yomuntu! Bekuyoba ngcono ngalowo muntu ukube wayengazalwanga.” (Johane 13:26; Mathewu 26:24) UJuda ungenwa nguSathane. Le ndoda, evele ikhohlakele, manje izinikela ekwenzeni intando kaDeveli, ngaleyo ndlela iphenduka ‘indodana yokubhubha.’—Johane 6:64, 70; 12:4; 17:12.

UJesu utshela uJuda: “Lokho okwenzayo, kwenze masinyane.” Abanye abaphostoli bacabanga ukuthi uJuda, ophethe ibhokisi lemali, utshelwa ukuthi: “‘Thenga izinto esizidingela umkhosi,’ noma ukuthi kwakufanele anike abampofu okuthile.” (Johane 13:27-30) UJuda akakwenzi lokho, kunalokho uyahamba ayokhaphela uJesu.

Ngabo lobu busuku bePhasika, uJesu usungula uhlobo olusha lwesidlo. Uthatha isinkwa, athandaze, asihlephule bese esinikeza abaphostoli bakhe ukuba basidle. Uthi: “Lokhu kusho umzimba wami ozonikelwa ngenxa yenu. Qhubekani nikwenza lokhu ningikhumbula.” (Luka 22:19) Abaphostoli badluliselana ucezu lwesinkwa futhi baludle.

Manje uJesu uthatha indebe yewayini, asho umthandazo wokubonga bese ebadlulisela yona. Ngamunye uyaphuza endebeni uJesu athi ngayo: “Le ndebe isho isivumelwano esisha esenziwa ngegazi lami, elizothululwa ngenxa yenu.”—Luka 22:20.

UJesu uhlela isikhumbuzo sokufa kwakhe, abalandeli bakhe okufanele basigubhe njalo ngonyaka ngoNisani 14. Lokhu kuzobakhumbuza lokho uJesu noYise abakwenza ukuze abantu abanokholo bakhululwe esonweni nasekufeni. ISidlo SeNkosi silidlula kude iPhasika elalingelamaJuda kuphela ngoba siqokomisa ukukhululwa kwangempela kwabantu abangamakholwa.

UJesu uthi igazi lakhe ‘lizothululwa ngenxa yabaningi ngenjongo yokuthethelelwa kwezono.’ Phakathi kwabaningi abazothola le ntethelelo, abaphostoli bakhe abathembekile nabanye abafana nabo. Yibo abayoba naye eMbusweni kaYise.—Mathewu 26:28, 29.

  • Yisiphi isiprofetho seBhayibheli uJesu asicaphunayo esimayelana nomunye wabaphostoli bakhe futhi usisebenzisa kanjani?

  • UJesu uthi uJuda akenzeni, kodwa yini abanye abaphostoli abacabanga ukuthi uyayisho?

  • Yisiphi isidlo esisha uJesu asisungulayo futhi sifezani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela