Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w90 7/1 kk. 8-9
  • Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
  • ISidlo SeNkosi Sakusihlwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UKristu Uyakhashelwa Futhi Uyaboshwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Ukukhashelwa Nokuboshwa
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1990
w90 7/1 kk. 8-9

Ukuphila NeNkonzo KaJesu

Isidlo Sakusihlwa Sesikhumbuzo

NGEMVA kokuba uJesu egeze izinyawo zabaphostoli bakhe, ucaphuna umbhalo okumaHubo 41:9, ethi: “Odla isinkwa sami ungiphakamisele isithende sakhe.” Khona-ke, ekhathazeka emoyeni, uyachaza: “Omunye wenu uyakungikhaphela.”

Abaphostoli baqala ukudabuka futhi bathi kuye ngamunye: “Kungaba-yimi na?” Ngisho noJuda Iskariyothe uhlanganyela ekubuzeni. UJohane, ohlezi eduze kukaJesu etafuleni, uncika esifubeni sikaJesu futhi uyabuza: “Nkosi, ngubani na?”

“Ngomunye wabayishumi nambili, okha kanye nami esitsheni,” kuphendula uJesu. “INdodana yomuntu iyamuka kambe njengokulotshiwe ngayo, kepha maye kulowomuntu iNdodana yomuntu ekhashelwa ngaye! Nga kukuhle kulowomuntu ukuba kazalwanga.” Ngemva kwalokho, uSathane uphinda ungena kuJuda, esebenzisa kabi isikhala esisenhliziyweni yakhe, eye yaba yimbi. Kamuva ngalobobusuku, uJesu ubiza uJuda ngokufanelekile ngokuthi “indodana yokulahlwa.”

Manje uJesu utshela uJuda: “Okwenzayo kwenze masinyane.” Akekho kwabanye abaphostoli oqondayo ukuthi uJesu usho ukuthini. Abanye bacabanga ukuthi njengoba uJuda ephethe isikhwama, uJesu uthi kuye: “Thenga esikuswele emkhosini,” noma ukuthi kumelwe ahambe futhi abele abampofu okuthile.

Ngemva kokuba uJuda esehambile, uJesu umisa umkhosi omusha ngokuphelele, noma isikhumbuzo, nabaphostoli bakhe abathembekile. Uthatha isinkwa, wenza umthandazo wokubonga, uyasihlephula, futhi ubanika sona, ethi: “Thabathani nidle.” Uyachaza: “Lokhu kungumzimba wami onikelwa nina; yenzani lokhu ukuba ningikhumbule.”

Lapho ngamunye esedlile isinkwa, uJesu uthatha isitsha sewayini, ngokusobala isitsha sesine esasisetshenziswa enkonzweni yePhasika. Futhi wenza umthandazo wokubonga, usidlulisela kubo, ubatshela ukuba baphuze kuso, futhi uthi, “Lesisitsha siyisivumelwano esisha egazini lami elithululelwa nina.”

Ngakho-ke lokhu, eqinisweni, kuyisikhumbuzo sokufa kukaJesu. Unyaka ngamunye ngoNisan 14 kumelwe siphindwe, njengoba uJesu esho, ukuze akhunjulwe. Siyokhumbuza labo abasigubhayo ngalokho uJesu noYise osezulwini abakwenzile ukuze balungiselele isintu ukusinda esijezisweni sokufa. KumaJuda aba abalandeli bakaKristu, lomkhosi uthatha isikhundla sePhasika.

Isivumelwano esisha, esenziwa sisebenze ngegazi likaJesu elachitheka, sithatha isikhundla sesivumelwano soMthetho esidala. SinoJesu Kristu njengomlamuleli phakathi kwabahlanganyeli ababili—kolunye uhlangothi, uJehova uNkulunkulu, futhi kolunye, amaKristu azelwe ngomoya angu-144 000. Ngaphandle kokulungiselela ukuthethelelwa kwezono, lesivumelwano sivumela ukwakhiwa kwesizwe sasezulwini sabapristi abangamakhosi. Mathewu 26:21-29; Marku 14:18-25; Luka 22:19-23; Johane 13:18-30; 17:12; 1 Korinte 5:7.

◆ Yisiphi isiprofetho seBhayibheli uJesu asicaphunayo ngokuphathelene nomunye wabo, futhi usisebenzisa kanjani?

◆ Kungani abaphostoli bedabuka kakhulu, futhi yini ngamunye wabo ayibuzayo?

◆ Yini uJesu atshela uJuda ukuba ayenze, kodwa abanye abaphostoli bazichaza kanjani leziyalezo?

◆ Yimuphi umkhosi uJesu awumisayo ngemva kokuhamba kukaJuda, futhi ufeza yiphi injongo?

◆ Obani abangabahlanganyeli besivumelwano esisha, futhi lesivumelwano sifezani?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela