Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • od isahl. 15 kk. 157-161
  • Ukuzuza Ekuzithobeni Okungokwasezulwini

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuzuza Ekuzithobeni Okungokwasezulwini
  • Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • IZICI ESIBONISA KUZO UKUZITHOBA OKUNGOKWASEZULWINI
  • Lokho Ukuzithoba Kokwesaba UNkulunkulu Okukudingayo Kithi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Ukuzithoba Kokwesaba UNkulunkulu—Kumelwe Kwenziwe Ubani Futhi Ngani?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
  • Kusho Ukuthini Ukuba Inhloko Yomuzi?
    I-Phaphama!—2004
  • Kusho Ukuthini Ukuzithoba Emshadweni?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1991
Bheka Okunye
Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
od isahl. 15 kk. 157-161

ISAHLUKO 15

Ukuzuza Ekuzithobeni Okungokwasezulwini

UKUZITHOBA kuNkulunkulu, uMbusi Wendawo Yonke, kubaluleke kakhulu ukuze sihlelelwe ukwenza intando kaJehova. Siyabuqaphela ubunhloko beNdodana yakhe ebandleni lobuKristu futhi sigcina isimiso sobunhloko nakwezinye izici zokuphila. Ukuzithoba okunjalo okungokwasezulwini kubazuzisa bonke abathintekayo.

2 Isintu saqala ensimini yase-Edene ukuzwa ngesimiso sokuthobela igunya elifanele. Lesi simiso sihlanganisiwe emiyalweni kaNkulunkulu ekuGenesise 1:28 no-2:16, 17. Izilwane kwakumelwe zizithobe kubantu, u-Adamu no-Eva bona bazithobe entandweni kaNkulunkulu nasegunyeni lakhe. Ukuzithoba kuleli gunya likaNkulunkulu kwakuyoletha ukuthula nokuhleleka okuhle. Isimiso sobunhloko siyaqokonyiswa kamuva kweyoku-1 Korinte 11:3. Umphostoli uPawulu wabhala: “Ngifuna ukuba nazi ukuthi inhloko yawo wonke amadoda nguKristu; nenhloko yowesifazane yindoda; nenhloko kaKristu nguNkulunkulu.” Lokhu kubonisa ukuthi kulo lonke leli lungiselelo, wonke umuntu, ngaphandle kukaJehova, ungaphansi kobunhloko bothile.

3 Iningi labantu namuhla alisiqapheli noma alisigcini isimiso sobunhloko. Kungani? Inkinga yaqala e-Edene ngesikhathi abazali besintu bekhetha ngamabomu ukuzikhipha ngaphansi kobunhloko bobukhosi bukaNkulunkulu. (Gen. 3:4, 5) Kepha abatholanga nkululeko enkulu kunaleyo ababenayo. Kunalokho, baba ngaphansi kwesidalwa esibi somoya, uSathane uDeveli. Ukuhlubuka kokuqala kwahlukanisa isintu noNkulunkulu. (Kol. 1:21) Ngenxa yalokho, iningi lesintu namuhla lisalokhu lisemandleni omubi.—1 Joh. 5:19.

4 Ngokufunda iqiniso leZwi likaNkulunkulu nokwenza ngokuvumelana nalo, siphumile ethonyeni likaSathane. NjengoFakazi abazinikezele babhapathizwa, samukela uJehova njengoMbusi wokuphila kwethu. Sivumelana neNkosi uDavide eyabheka uJehova ‘njengoyinhloko phezu kwakho konke.’ (1 IziKr. 29:11) Yebo, ngentobeko siyavuma: “UJehova unguNkulunkulu. Nguye osenzile, akuthina. Thina singabantu bakhe nezimvu zedlelo lakhe.” (IHu. 100:3) Siyaqaphela ukuthi uJehova mkhulu nokuthi uyakufanelekela ukuba simthobele ngokuphelele ngoba wadala zonke izinto. (IsAm. 4:11) Njengezikhonzi zikaNkulunkulu weqiniso, silandela uJesu Kristu, owabeka isibonelo esiphelele sokuzithoba kuNkulunkulu.

5 Yini uJesu ayifunda ezintweni ahlupheka ngazo lapho esemhlabeni? EyamaHebheru 5:8 iyaphendula: “Nakuba ayeyiNdodana, wafunda ukulalela ezintweni ahlupheka ngazo.” Yebo, uJesu wahlala ezithobe ngokwethembeka kuYise wasezulwini ngisho nasebunzimeni. Ngaphezu kwalokho, uJesu akenzanga nento eyodwa ngokwakhe. Akakhulumanga okusuka kuye siqu futhi akazifunelanga inkazimulo. (Joh. 5:19, 30; 6:38; 7:16-18) Phakathi nenkonzo yakhe, wakujabulela kakhulu ukwenza intando kaYise, nakuba leyo nkambo yamenza waphikiswa futhi washushiswa. (Joh. 15:20) Noma kunjalo, wabonisa ukuzithoba kuNkulunkulu. ‘Wazithoba’ kwaze kwaba ‘sekufeni esigxotsheni sokuhlushwa.’ Umphumela wokuzithoba kwakhe okuphelele kuJehova wawuzuzisa ngezindlela eziningi, ezinjengokusindiswa kwesintu, ukuphakanyiswa kwakhe nokukhazinyuliswa kukaYise.—Fil. 2:5-11; Heb. 5:9.

IZICI ESIBONISA KUZO UKUZITHOBA OKUNGOKWASEZULWINI

6 Lapho sizithoba kuNkulunkulu ngokwenza intando yakhe, siphunyuka ezinkathazweni nasezingcindezini eziningi ezitholwa yilabo abenqaba ukuthobela ubukhosi bukaJehova. Isitha sethu, uDeveli, sihlale sifuna ukusishwabadela. Siyokhululwa kulowo omubi uma simelana naye futhi sizithoba kuJehova ngokuzithandela.—Math. 6:10, 13; 1 Pet. 5:6-9.

7 Phakathi ebandleni lobuKristu, siqaphela ubunhloko bukaKristu negunya alinike “inceku ethembekileyo neqondayo.” Lokhu kuthinta isimo sethu sengqondo nendlela esiphathana ngayo. Ukuzithoba kuNkulunkulu ebandleni kuyosishukumisela ukuba silalele iZwi likaNkulunkulu kuzo zonke izici zokukhulekela kwethu. Lokhu kulalela kuhilela inkonzo yethu, ukuba khona emihlanganweni nokuhlanganyela kuyo, ubuhlobo bethu nabadala nokubambisana namalungiselelo enhlangano.—Math. 24:45-47; 28:19, 20; Heb. 10:24, 25; 13:7, 17.

8 Ukuzithoba kwethu kuNkulunkulu kuneqhaza ekuthuleni, ekulondekeni nasekuhlelekeni ebandleni lobuKristu. Izimfanelo zikaJehova zibonakaliswa abantu abamkhonzayo. (1 Kor. 14:33, 40) Izinto ezenzeke ekuphileni kwethu njengoba sikule nhlangano kaJehova ziye zasenza saveza imizwa efana neyeNkosi uDavide. Ngemva kokubona umehluko phakathi kwezinceku zikaJehova nababi, uDavide wababaza ngentokozo: “Bayajabula abantu abaNkulunkulu wabo nguJehova!”—IHu. 144:15.

9 Elungiselelweni lomshado nasekhaya, ‘inhloko yowesifazane yindoda.’ Ngesikhathi esifanayo, amadoda kufanele azithobe kuKristu, kuyilapho inhloko kaKristu kunguNkulunkulu. (1 Kor. 11:3) Amakhosikazi kufanele azithobe kubayeni bawo, nezingane kubazali bazo. (Efe. 5:22-24; 6:1) Kuba nokuthula ekhaya uma ilungu ngalinye lilandela isimiso sobunhloko.

10 Umyeni kufanele asebenzise ubunhloko ngendlela enothando, elingisa uKristu. (Efe. 5:25-29) Uma engabusebenzisi kabi noma engabudubi ubunhloko bakhe, kuba yintokozo kumkakhe nasezinganeni ukuzithoba kuye. Indima yenkosikazi eyokuba umsizi, noma umphelelisi. (Gen. 2:18) Ngokusekela ngesineke umyeni wakhe nangokumhlonipha, uzitholela umusa womyeni wakhe futhi ayise udumo kuNkulunkulu. (1 Pet. 3:1-4) Lapho amadoda nomkawo belandela iseluleko seBhayibheli sobunhloko, babekela izingane zabo isibonelo sokuzithoba kuNkulunkulu.

Ukuzithoba okungokwasezulwini kuthinta zonke izici zokuphila

11 Ukuzithoba kuNkulunkulu kuthinta nendlela esibheka ngayo ‘amagunya aphakeme,’ lawo “ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe ebekwe nguNkulunkulu.” (Roma 13:1-7) Njengezakhamuzi ezithobela umthetho, amaKristu akhokha intela, ‘ebuyisela kuKhesari izinto zikaKhesari, kodwa izinto zikaNkulunkulu kuNkulunkulu.’ (Math. 22:21) Ngaphezu kwalokho, amalungiselelo okuhlanganisa insimu kufanele avumelane nemithetho evikela imininingwane yabantu. Ngokuthobela nangokulalela amagunya amiswe ngokufanele kukho konke okungangqubuzani nemithetho kaJehova yokulunga, sikwazi ukugxilisa imizamo namandla ethu emsebenzini wokushumayela.—Marku 13:10; IzE. 5:29.

12 Ukuzithoba okungokwasezulwini kuthinta zonke izici zokuphila. Ngamehlo okholo, sibona usuku sonke isintu esiyozithoba ngalo kuJehova uNkulunkulu. (1 Kor. 15:27, 28) Yeka indlela abayobusiswa futhi bathole ngayo umusa labo ababuqaphela ngenjabulo ubukhosi bukaJehova futhi bazithobe kuye kuze kube phakade!

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela