Umbono WeBhayibheli
Kusho Ukuthini Ukuba Inhloko Yomuzi?
I BHAYIBHELI lithi ‘inhloko yowesifazane yindoda.’ (1 Korinte 11:3; Efesu 5:23) Kodwa abaningi abathi bayalihlonipha iBhayibheli banomuzwa wokuthi lesi simiso sobunhloko bendoda asishiywanga yisikhathi nje kuphela kodwa futhi siyingozi. Umbhangqwana othile wathi: “Imfundiso ethi abesifazane kufanele ‘bazithobe ngokuzithandela’ [kubayeni babo], uma isetshenziswa ngendlela eyeqisayo, ingaholela ekuxhashazweni, ngokomzimba nangokomzwelo.” Ngokudabukisayo, ukusetshenziswa kabi kobunhloko kudlangile. Umlobi othile uthi: “Ukushaya umfazi kubhekwa njengengxenye yokuphila emazweni amaningi—ilungelo lendoda elikhuthazwa ezingomeni, ezageni nasemikhosini yomshado.”
Abanye bathi yisimiso seBhayibheli sobunhloko esiye saholela kulezi zenzo zonya. Ingabe imfundiso yeBhayibheli yobunhloko iyabalulaza abesifazane futhi ikhuthaze ubudlova basekhaya? Kusho ukuthini ngempela ukuba inhloko yomuzi?a
Ubunhloko Abubona Ubushiqela
Ubunhloko beBhayibheli buyilungiselelo lothando futhi abuhambisani neze nobushiqela. Ukungalinaki igunya elimiswe uNkulunkulu yiko okwaholela ekubeni amadoda acindezele abesifazane ngonya. (Genesise 3:16) Kusukela ensimini yase-Edene, amadoda aye awasebenzisa kabi amandla awo, axhaphaza abanye ngonya, kuhlanganise abesifazane nezingane.
Nokho, lokho kwakungeyona ingxenye yenjongo kaNkulunkulu. UJehova uyabazonda abalisebenzisa kabi igunya labo. Wawalahla amadoda angama-Israyeli ‘ayekhohlise’ omkawo. (Malaki 2:13-16) Ngaphezu kwalokho, uNkulunkulu uthi “ngokuqinisekile umphefumulo wakhe uyamzonda umuntu othanda ubudlova.” (IHubo 11:5) Ngakho abantu abashaya omkabo nabaxhaphaza omkabo ngenye indlela abanakulisebenzisa iBhayibheli ukuze bathethelele izenzo zabo zobudlova.
Buhilelani Ubunhloko Obufanele?
Ubunhloko buyilungiselelo eliyisisekelo uNkulunkulu alisebenzisayo ukuze alondoloze ukuhleleka endaweni yonke. Bonke abantu ngaphandle kukaNkulunkulu uqobo banesibopho sokulandisa kothile. Amadoda angaphansi kukaKristu, izingane zingaphansi kwabazali bazo, kanti wonke amaKristu angaphansi kohulumeni. Ngisho noJesu ungaphansi kukaNkulunkulu.—Roma 13:1; 1 Korinte 11:3; 15:28; Efesu 6:1.
Kubalulekile ukuba sizithobe kwabaholayo ukuze umphakathi uhleleke futhi uzinze. Ngokufanayo, ukuzithoba enhlokweni yomkhaya kubalulekile ekwakheni umkhaya oqinile, ojabulayo futhi onokuthula. Ukungabi khona kwendoda noma ubaba ekhaya akulishintshi leli qiniso. Emikhayeni enjalo umama uyena oba inhloko. Uma bobabili abazali bengekho, ingane endala noma esinye isihlobo singase sifeze indima yokuba inhloko yomuzi. Kuzo zonke lezi zimo, amalungu omkhaya ayazuza uma ebonisa inhlonipho efanele kulowo ogunyazwe ukuba ahole.
Khona-ke, isihluthulelo asikona ukwenqaba isimiso sobunhloko, kodwa kunalokho, ukufunda ukusebenzisa nokubheka ubunhloko ngendlela efanele. Umphostoli uPawulu ukhuthaza amadoda angamaKristu ukuba abe yizinhloko zemikhaya yawo “njengoba noKristu eyinhloko yebandla.” (Efesu 5:21-23) Ngokwenza kanjalo uPawulu uqokomisa indlela uKristu asebenzelana ngayo nebandla njengendinganiso ephelele yobunhloko. UKristu wabeka siphi isibonelo?
Nakuba uJesu ayenguMesiya futhi eyiNkosi eyayizobusa esikhathini esizayo, enegunya alinikwe uNkulunkulu ngokwakhe, ehlakaniphe kakhulu futhi enolwazi olukhulu ekuphileni kunabafundi bakhe, wayenothando, emnene, futhi enozwela. Wayengenalo ukhahlo, inkani, noma ukucindezela. Wayengabacindezeli abanye ngegunya, elokhu ekhumbuza wonke umuntu ngokuthi uyiNdodana kaNkulunkulu. UJesu wayethobekile, emnene ngenhliziyo. Ngenxa yalokho, ‘ijoka lakhe lalingelomusa nomthwalo wakhe ulula.’ (Mathewu 11:28-30) Ngakho-ke, wayengeneka futhi elinganisela. Eqinisweni, uPawulu uthi uJesu wathanda ibandla kakhulu kangangokuba “wazinikela ngenxa yalo.”—Efesu 5:25.
Umuntu Angabulingisa Kanjani Ubunhloko BukaJesu?
Izinhloko zemikhaya zingazilingisa kanjani izimfanelo zikaKristu? Inhloko yomuzi enhle ikhathalela inhlalakahle engokomzimba nengokomoya yomkhaya wayo. Iyazidela ngokuzinika isikhathi esifanele sokunakekela izidingo zelungu ngalinye nezomkhaya uwonke. Izithakazelo zomngane wayo womshado nezingane ziza ngaphambi kwezayo.b (1 Korinte 10:24; Filipi 2:4) Ngokusebenzisa izimiso nezimfundiso zeBhayibheli ekuphileni kwayo kwansuku zonke, indoda izuza inhlonipho nokusekela komkayo nezingane. Ngaphansi kobunhloko bayo obunothando, imizamo yabo yokubhekana ngokuphumelelayo nanoma iziphi izinkinga ingaphumelela. Ngokusebenzisa ubunhloko bayo ngale ndlela evumelana nemiBhalo, indoda yakha umkhaya ojabulayo, osebenzela ukuletha udumo kuNkulunkulu.
Inhloko ehlakaniphile ithobekile futhi. Uma kudingekile, ixolisa ngaphandle kokunanaza, ngisho noma ingase ikuthole kunzima ukuvuma ukuthi inephutha. IBhayibheli lithi kukhona insindiso “ngobuningi babeluleki.” (IzAga 24:6) Yebo, ukuthobeka kuyoshukumisela inhloko yomkhaya ukuba ilalele futhi ifune ngokuzithandela umbono womkayo nezingane uma kufanele. Ngokulingisa uJesu, inhloko engumKristu iyoqiniseka ukuthi ubunhloko bayo abulethi kuphela injabulo nokulondeka emkhayeni wayo kodwa futhi budumisa futhi bukhazimulise uMsunguli wemikhaya, uJehova uNkulunkulu.—Efesu 3:14, 15.
[Imibhalo yaphansi]
a Nakuba lesi sihloko ngokuyinhloko sidingida indima yendoda nobaba emkhayeni, omama abangabodwa nezintandane ezinakekela izingane zakubo nabo bangazuza ezimisweni ezinikezwa izinhloko zemikhaya.
b Incwadi ethi Imfihlo Yenjabulo Yomkhaya, enyatheliswa oFakazi BakaJehova, inikeza ukusikisela okusebenzayo ngendlela yokunakekela umkhaya ngothando.
[Isithombe ekhasini 26]
Indoda ecabangelayo iyawukhathalela umbono womkayo nezingane