IMIBUZO YALABO ABAFISA UKUBHAPATHIZWA
Ingxenye 2 Ukuphila kobuKristu
Ekutadisheni kwakho iBhayibheli, uthole ulwazi lwalokho uJehova akucela kuwe nokuthi ungazifinyelela kanjani izindinganiso zakhe zokulunga. Ngenxa yalokho okufundile, kungenzeka wenze izinguquko eziningi endleleni oziphatha ngayo nasendleleni obheka ngayo ukuphila. Manje njengoba usunqume ukuphila ngezindinganiso zikaJehova zokulunga, usungakwazi ukunikela inkonzo eyamukelekayo njengesikhonzi sezindaba ezinhle.
Ukubukeza imibuzo elandelayo kuzokusiza ukuba ugxilise izimfuneko zikaJehova zokulunga engqondweni, kukukhumbuze nezinye zezinto ongazenza ukuze ube omunye wezinceku zakhe ezamukelekayo. Lokhu kwaziswa kuzogcizelela kuwena ukubaluleka kokwenza zonke izinto ngonembeza omuhle kube udumo kuJehova.—2 Kor. 1:12; 1 Thim. 1:19; 1 Pet. 3:16, 21.
Njengoba usufinyelele kuleli qophelo ekufundeni kwakho iBhayibheli, akungabazeki ukuthi uzimisele ukuzithoba ekubuseni kukaJehova nokuba ingxenye yenhlangano yakhe. Le mibuzo nemiBhalo ecashuniwe izokusiza uhlole indlela okuqonda ngayo ukuzithoba ohlelweni lukaJehova kungakhathaliseki ukuthi kusebandleni, emndenini noma kuphathelene nezindaba zezombusazwe zalesi simiso sezinto. Ngokungangabazeki uzokujulisa ukwazisa kwakho ngamalungiselelo kaJehova okufundisa nokuqinisa abantu bakhe ngokomoya. La malungiselelo ahlanganisa nemihlangano yebandla okufanele uye kuyo futhi ube nengxenye kuyo, kuye ngokwezimo zakho.
Ngaphezu kwalokho, le ngxenye izokhuluma ngokubaluleka kokuhlanganyela njalo emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, ukusiza abanye bafunde ngoJehova nangalokho akwenzela isintu. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ekugcineni, izogcizelela engqondweni yakho ukubaluleka kokuzinikezela kwakho kuJehova uNkulunkulu nokubhapathizwa kwakho. Ungaqiniseka ukuthi uJehova uyakwazisa ukusabela kwakho ngobuqotho emseni ongafanelwe akubonise wona.
1. AmaKristu kufanele awubheke kanjani umshado? Yisiphi okuwukuphela kwesizathu esingokomBhalo sokudivosa?
• “Anifundanga yini ukuthi lowo owabadala kusukela ekuqaleni wabenza kwaba owesilisa nowesifazane, wathi, ‘Ngenxa yalesi sizathu indoda iyoshiya uyise nonina inamathele kumkayo, futhi laba ababili bayoba nyamanye’? Ngakho abasebabili, kodwa sebenyamanye. Ngakho-ke, lokho uNkulunkulu akubophele ndawonye makungahlukaniswa muntu. . . . Noma ubani ohlukanisa nomkakhe, ngaphandle kwesizathu sobufebe, ashade nomunye, uyaphinga.”—Math. 19:4-6, 9.
2. Kungani kufanele labo abahlala ndawonye njengendoda nomfazi bashade ngokomthetho? Uma ushadile, ingabe uyaqiniseka ukuthi umshado wakho ungokomthetho futhi uqashelwa uhulumeni?
• “Qhubeka ubakhumbuza ukuba bazithobe futhi balalele ohulumeni neziphathimandla.”—Thithu 3:1.
• “Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa, ngoba uNkulunkulu uyozahlulela izifebe neziphingi.”—Heb. 13:4.
3. Iyini indima yakho emndenini?
• “Ndodana yami, lalela isiyalo sikayihlo, ungawushiyi umthetho kanyoko.”—IzAga 1:8.
• “Indoda iyinhloko yomkayo njengoba noKristu eyinhloko yebandla . . . Madoda, qhubekani nithanda omkenu, njengoba nje noKristu alithanda ibandla.”—Efe. 5:23, 25.
• “Nani bobaba, ningabacasuli abantwana benu, kodwa qhubekani nibakhulisa ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.”—Efe. 6:4.
• “Nina bantwana, lalelani abazali benu kukho konke, ngoba lokhu kuyajabulisa kakhulu eNkosini.”—Kol. 3:20.
• “Nani bafazi, zithobeni kubayeni benu.”—1 Pet. 3:1.
4. Kungani kufanele sibonise inhlonipho ngokuphila?
• “[UNkulunkulu] unika bonke abantu ukuphila nomoya nazo zonke izinto. . . . Ngaye siyaphila siyanyakaza futhi sikhona.”—IzE. 17:25, 28.
5. Kungani kungafanele sibulale, ngisho nengane engakazalwa?
• “Uma amadoda elwa futhi ngempela alimaze owesifazane okhulelwe [bese] . . . kwenzeka ingozi ebulalayo, khona-ke kumelwe ukhokhe umphefumulo ngomphefumulo.”—Eks. 21:22, 23.
• “Amehlo akho abona ngisho nombungu wami, futhi zonke izingxenye zawo zazilotshiwe phansi encwadini yakho, ngokuqondene nezinsuku ezabunjwa ngazo kodwa kwakungakabi bikho neyodwa phakathi kwazo.”—IHu. 139:16.
• “UJehova [uyazizonda] . . . izandla ezichitha igazi elingenacala.”—IzAga 6:16, 17.
6. Uthini umyalo kaNkulunkulu ngokuqondene negazi?
• “[Qhubekani] nideda . . . egazini nasezintweni eziklinyiwe.”—IzE. 15:29.
7. Kungani kumelwe sithande abafowethu nodadewethu abangamaKristu?
• “Ngininika umyalo omusha, wokuba nithandane; njengoba nje nami nginithandile, ukuba nani nithandane. Bonke bayokwazi ngalokho ukuthi ningabafundi bami, uma ninothando phakathi kwenu.”—Joh. 13:34, 35.
8. Ukuze agweme ukudlulisela isifo esithathelwanayo nesibulalayo kwabanye: (a) Kungani umuntu onegciwane kungafanele kube nguye obonisa abanye uthando kuqala, njengokubahaga nokubaqabula? (b) Kungani kungafanele aphatheke kabi uma abanye bekhetha ukungammemi emizini yabo? (c) Kungani umuntu okungenzeka uke wachayeka esifweni esithathelwanayo kufanele azikhethele yena ukuba ahlolwe igazi ngaphambi kokuba aqale ukuthandana nothile? (d) Kungani umuntu onesifo esithathelwanayo kufanele azise umxhumanisi wendikimba yabadala ngaphambi kokuba abhapathizwe?
• “Ningakweleti muntu nento eyodwa, ngaphandle kokuthandana. . . . ‘Kumelwe uthande umakhelwane wakho njengoba uzithanda wena.’ Uthando alwenzi okubi kumakhelwane womuntu.”—Roma 13:8-10.
• “Ningakhathaleli nje kuphela izindaba zenu siqu, kodwa futhi nikhathalele nezabanye.”—Fil. 2:4.
9. Kungani uJehova elindele ukuba sithethelele abanye?
• “Qhubekani nibekezelelana futhi nithethelelana ngokukhululekile uma umuntu enesizathu sokukhononda ngomunye. Njengoba nje uJehova anithethelela ngokukhululekile, yenzani kanjalo nani.”—Kol. 3:13.
10. Kufanele wenzenjani lapho umfowenu ekunyundela noma ekuphamba?
• “Uma umfowenu ona, hamba uyomambulela iphutha lakhe phakathi kwakho naye ninodwa. Uma ekulalela, uyobe umzuzile umfowenu. Kodwa uma engalaleli, thatha kanye nawe oyedwa noma ababili, ukuze kuthi ngomlomo wofakazi ababili noma abathathu ziqiniswe zonke izindaba. Uma engabalaleli, khuluma nebandla. Uma engalilaleli ngisho nebandla, makabe kuwe njengomuntu wezizwe nanjengomthelisi.”—Math. 18:15-17.
11. UJehova uzibheka kanjani lezi zono ezilandelayo?
▪ Ubufebe
▪ Ukukhulekela izithombe
▪ Ubungqingili
▪ Ukweba
▪ Ukugembula
▪ Ukudakwa
• “Ningadukiswa. Izifebe, noma abakhonza izithombe, iziphingi, amadoda agcinelwe izinjongo ezingezona ezemvelo, amadoda alala namadoda, amasela, abantu abahahayo, izidakwa, izithuki, noma abaphangi ngeke balizuze ifa lombuso kaNkulunkulu.”—1 Kor. 6:9, 10.
12. Ngokuqondene nobufebe, okuhlanganisa izenzo ezihlukahlukene zocansi ezenziwa ngaphandle komshado, yini ozimisele ukuyenza?
• “Balekelani ubufebe.”—1 Kor. 6:18.
13. Kungani kufanele sigweme ukusebenzisa kabi izidakamizwa ezingezona ezokwelapha eziluthayo noma ezidunga ingqondo?
• “[Nikelani] imizimba yenu ingumhlatshelo ophilayo, ongcwele, owamukelekayo kuNkulunkulu, inkonzo engcwele ngamandla enu okucabanga. Yekani ukulolongwa nifane nalesi simiso sezinto, kodwa maniguqulwe ngokushintsha ingqondo yenu, ukuze nizitholele ngokwenu okuyintando kaNkulunkulu enhle neyamukelekayo nepheleleyo.”—Roma 12:1, 2.
14. Yimiphi eminye imikhuba yobudemoni uNkulunkulu ayenqabelayo?
• “Akufanele kutholakale kuwe . . . noma ubani obhulayo, owenza umlingo nanoma ubani ofuna amabika noma umthakathi, noma ophonsa abanye ngeziphonso noma obuza konemimoya noma umbikezeli wezenzakalo nanoma ubani obuza kwabafileyo.”—Dut. 18:10, 11.
15. Uma umuntu enze isono esibi kakhulu futhi efuna ukuba uJehova amthethelele, yini okufanele ayenze ngokushesha?
• “Ngasivuma isono sami kuwe, nesiphambeko sami angizange ngisifihle. Ngathi: ‘Ngizosivuma iseqo sami kuJehova.’”—IHu. 32:5.
• “Ingabe ukhona ogulayo phakathi kwenu? Makabize amadoda amadala ebandla, amthandazele, amgcobe ngamafutha egameni likaJehova. Umthandazo wokholo uyokwenza ongaphilile kahle aphile, uJehova amvuse. Futhi, uma enzile izono, uyothethelelwa.”—Jak. 5:14, 15.
16. Uma wazi ukuthi umKristu othile wenze isono esibi kakhulu, yini okufanele uyenze?
• “Uma kwenzeka umphefumulo wona ngokuthi uzwé umuntu eqalekisa obala futhi ungufakazi noma ubonile noma wazile ngako, uma ungakubiki, khona-ke kumelwe uphendule ngesiphambeko sawo.”—Lev. 5:1.
17. Uma kwenziwa isaziso sokuthi othile akaseyena uFakazi KaJehova, kufanele simphathe kanjani?
• “[Yekani] ukuzihlanganisa nanoma ubani obizwa ngokuthi umzalwane abe eyisifebe noma engumuntu ohahayo noma okhonza izithombe noma isithuki noma isidakwa noma umphangi, ningadli ngisho nokudla nomuntu onjalo.”—1 Kor. 5:11.
• “Uma umuntu eza kini futhi engalethi le mfundiso, ningalokothi nimamukele emakhaya enu noma nimbingelele.”—2 Joh. 10.
18. Kungani abangane bakho abaseduze kufanele kube yilabo abathanda uJehova?
• “Ohamba nabahlakaniphile uyohlakanipha, kodwa osebenzelana neziphukuphuku kuyomhambela kabi.”—IzAga 13:20.
• “Ningadukiswa. Ukuzihlanganisa nababi konakalisa imikhuba emihle.”—1 Kor. 15:33.
19. Kungani oFakazi BakaJehova bengathathi hlangothi kwezepolitiki?
• “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami [mina, Jesu] ngingeyona ingxenye yezwe.”—Joh. 17:16.
20. Kungani kufanele ulalele uhulumeni?
• “Yonke imiphefumulo mayizithobe emagunyeni aphakeme, ngoba akukho gunya elikhona kungengoNkulunkulu; amagunya akhona ami ezikhundleni zawo ezilinganiselwe ebekwe nguNkulunkulu.”—Roma 13:1.
21. Uma kunokungqubuzana phakathi komthetho wabantu nomthetho kaNkulunkulu, yini ongayenza?
• “Kumelwe silalele uNkulunkulu njengombusi kunabantu.”—IzE. 5:29.
22. Yimiphi imiBhalo engakusiza uhlale uhlukile ezweni lapho ukhetha umsebenzi?
• “Ngeke ziphakamise inkemba, isizwe simelane nesizwe, futhi ngeke zisayifunda impi.”—Mika 4:3.
• “Phumani kulo [iBhabhiloni Elikhulu], bantu bami, uma ningafuni ukuhlanganyela nalo ezonweni zalo, futhi ningafuni ukwamukela ingxenye yezinhlupho zalo.”—IsAm. 18:4.
23. Hlobo luni lokuzijabulisa nokuzilibazisa ozokukhetha, futhi yiluphi uhlobo oyolugwema?
• “UJehova . . . uyamzonda umuntu othanda ubudlova.”—IHu. 11:5.
• “Yenyanyani okubi, bambelelani kokuhle.”—Roma 12:9.
• “Noma yiziphi izinto eziyiqiniso, noma yiziphi izinto ezibaluleke ngempela, noma yiziphi izinto ezilungileyo, noma yiziphi izinto ezihlanzekile, noma yiziphi izinto ezithandekayo, noma yiziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezi zinto.”—Fil. 4:8.
24. Kungani oFakazi BakaJehova bengakhonzi nezinye izinkolo?
• “Anikwazi ukudla ‘etafuleni likaJehova’ nibe nidla etafuleni lamademoni.”—1 Kor. 10:21.
• “‘[Zihlukaniseni],’ kusho uJehova, ‘futhi niyeke ukuthinta into engcolile’; ‘ngizonamukela.’”—2 Kor. 6:17.
25. Yiziphi izimiso ezizokusiza unqume ukuthi uzoya yini emkhosini othile?
• “Bahlangana nezizwe baqala ukufunda imisebenzi yazo. Bakhonza izithombe zazo, zona zaba ugibe kubo.”—IHu. 106:35, 36.
• “Abafileyo . . . abazi lutho.”—UmSh. 9:5.
• “Abayona ingxenye yezwe, njengoba nje nami ngingeyona ingxenye yezwe.”—Joh. 17:16.
• “Kwanele ukuthi esikhathini esidlulile nenza intando yezizwe lapho niqhubeka ezenzweni zokuziphatha okubi, ukukhanuka, ukweqisa ewayinini, imibuthano exokozelayo, imincintiswano yokuphuza, nokukhonza izithombe okuphambene nomthetho.”—1 Pet. 4:3.
26. Izibonelo eziseBhayibhelini zikusiza kanjani unqume ukuthi uzozigubha yini izinsuku zokuzalwa?
• “Ngosuku lwesithathu kwaba usuku lukaFaro lokuzalwa, wayesenzela zonke izinceku zakhe idili futhi waphakamisa ikhanda lenduna yabaphathindebe nekhanda lenduna yababhaki phakathi kwezinceku zakhe. Ngakho wayibuyisela induna yabaphathindebe esikhundleni sayo sokuba umphathindebe . . . Kodwa induna yababhaki wayilengisa.”—Gen. 40:20-22.
• “Lapho kugujwa umkhosi wosuku lokuzalwa kukaHerode, indodakazi kaHerodiya yadansa kuwo futhi yamjabulisa kakhulu uHerode kangangokuba wathembisa ngesifungo ukuyinika noma yini eyicelayo. Khona-ke yona, ngokwelulekwa ngunina, yathi: ‘Nginike lapha oqwembeni ikhanda likaJohane uMbhapathizi.’ Yathumela futhi yayala ukuba uJohane anqunywe ikhanda etilongweni.”—Math. 14:6-8, 10.
27. Kungani ufuna ukulalela isiqondiso sabadala?
• “Lalelani abaholayo phakathi kwenu futhi nizithobe, ngoba baqapha imiphefumulo yenu njengabayolandisa; ukuze lokhu bakwenze ngenjabulo hhayi ngokububula, ngoba lokhu bekuyonilimaza.”—Heb. 13:17.
28. Kungani kubalulekile ngawe nangomndeni wakho ukuba nibekele eceleni isikhathi sokufunda nokutadisha njalo iBhayibheli?
• “Injabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ufunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku. Ngokuqinisekile uyoba njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.”—IHu. 1:2, 3.
29. Kungani uthanda ukuba khona nokuba nengxenye emihlanganweni?
• “Ngizomemezela igama lakho kubafowethu; ngizokudumisa phakathi kwebandla.”—IHu. 22:22.
• “Masicabangelane ukuze sivuselelane uthando nemisebenzi emihle, singakuyeki ukuhlangana kwethu ndawonye, njengoba kungumkhuba wabanye, kodwa sikhuthazane, futhi ikakhulu njengoba nibona usuku lusondela.”—Heb. 10:24, 25.
30. Yimuphi umsebenzi obaluleke kunayo yonke uJesu athi siwenze?
• “Ngakho-ke hambani niyokwenza abantu bazo zonke izizwe babe abafundi, nibabhapathize . . . , nibafundise ukugcina konke enginiyale ngakho.”—Math. 28:19, 20.
31. Yisiphi isimo sengqondo esijabulisa uJehova lapho sinikelela umsebenzi woMbuso noma sisiza abafowethu nodadewethu?
• “Dumisa uJehova ngezinto zakho zenani elikhulu.”—IzAga 3:9.
• “Yilowo nalowo makenze njengoba nje enqumile enhliziyweni yakhe, kungabi ngokudabuka noma ngaphansi kokucindezelwa, ngoba uNkulunkulu uthanda umuphi onamileyo.”—2 Kor. 9:7.
32. Yibuphi ubunzima amaKristu alindele ukubhekana nabo?
• “Bayajabula abaye bashushiswa ngenxa yokulunga, ngoba umbuso wamazulu ungowabo. Niyajabula lapho abantu benihlambalaza, benishushisa futhi besho yonke inhlobo yento embi ngani, beniqambela amanga ngenxa yami. Jabulani nigxumagxume ngenjabulo, ngoba umvuzo wenu mkhulu emazulwini; ngoba babashushisa ngaleyo ndlela abaprofethi ngaphambi kwenu.”—Math. 5:10-12.
33. Kungani kuyilungelo elikhethekile ukubhapathizwa njengomunye woFakazi BakaJehova?
• “Izwi lakho kimi liba ngukwethaba nokujabula kwenhliziyo yami; ngoba igama lakho libizwé phezu kwami, Jehova Nkulunkulu.”—Jer. 15:16.