IMIBUZO YALABO ABAFISA UKUBHAPATHIZWA
Ingxoxo Yokuphetha Nabazobhapathizwa
Kujwayeleke ukuba ubhapathizo lwenziwe emihlanganweni emincane nemikhulu yoFakazi BakaJehova. Ekuphetheni kwenkulumo yobhapathizo, isikhulumi siyocela abazobhapathizwa ukuba basukume baphendule le mibuzo emibili elandelayo ngephimbo elizwakalayo:
1. Ingabe uphendukile ezonweni zakho, wazinikezela kuJehova, wamukela nendlela yakhe yokusindisa abantu ngoJesu Kristu?
2. Ingabe uyaqonda ukuthi ukubhapathizwa kwakho kukwenza waziwe ngokuthi ungomunye woFakazi BakaJehova ozihlanganise nenhlangano kaJehova?
Ukuphendula le mibuzo ngoyebo ‘kuwukuvuma obala’ kwabazobhapathizwa ukuthi banokholo esihlengweni nokuthi bazinikezele ngokungazigodli kuJehova. (Roma 10:9, 10) Abazobhapathizwa kuyomelwe bayicabangisise ngomthandazo kusenesikhathi le mibuzo ukuze bayiphendule ngokuvumelana nezinkolelo zabo siqu.
Ingabe uzinikezele kuJehova ngomthandazo, wamthembisa ukuthi uzokhulekela yena kuphela nokuthi uzokwenza intando yakhe ibe into ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakho?
Ingabe manje uqiniseka ngokuphelele ukuthi kufanele ubhapathizwe ngethuba lokuqala elivelayo?
Yiziphi izinto zokugqoka ezifanelekela ubhapathizo? (1 Thim. 2:9, 10; Joh. 15:19; Fil. 1:10)
Kufanele sigqoke “ngesizotha nangokuhluzeka kwengqondo” ukuze sibonise ukuthi ‘siyamhlonipha uNkulunkulu.’ Ngakho labo ababhapathizwayo ngeke bagqoke izembatho zokubhukuda eziveza umzimba noma izingubo ezineziqubulo noma izikhangiso. Kufanele bagqoke ngendlela ococekile, ehlanzekile, enesizotha nefanelekela umuntu ozobhapathizwa.
Umuntu kufanele aziphathe kanjani ngesikhathi ebhapathizwa? (Luka 3:21, 22)
Ukubhapathizwa kukaJesu kubekela amaKristu isibonelo namuhla. Wayeqonda ukuthi ukubhapathizwa kuyisinyathelo esibaluleke kakhulu, futhi lokhu kwabonakala esimweni sakhe sengqondo nakulokho ayekwenza. Ngakho, indawo yobhapathizo ngeke ibe indawo yamancoko angafanele, yokudlala, yokubhukuda, noma yokunye ukuziphatha okuyothunaza ukubaluleka kwalesi senzakalo, kanti nomKristu osanda kubhapathizwa akufanele enze sengathi unqobe umncintiswano othile omkhulu. Nakuba ubhapathizo luyisenzakalo esijabulisayo, leyo njabulo kufanele ibonakaliswe ngendlela ehloniphekile.
Ukuba khona njalo emihlanganweni nokusondelana nebandla kuyokusiza kanjani ekufezeni ukuzinikezela kwakho kuJehova?
Ngemva kokubhapathizwa, kungani kuyoba okubalulekile ukuba uqhubeke unesimiso esihle sesifundo somuntu siqu futhi uhlanganyele njalo enkonzweni?
IZIYALEZO EZIYA KUBADALA BEBANDLA
Lapho ummemezeli ongabhapathiziwe eveza isifiso sakhe sokubhapathizwa, kufanele akhuthazwe ukuba abukeze ngokucophelela “Imibuzo Yalabo Abafisa Ukubhapathizwa” emakhasini 185-207 ale ncwadi. Kufanele acelwe ukuba abheke “Umyalezo Oya Kummemezeli Ongabhapathiziwe,” oqala ekhasini 182, ochaza ukuthi angazilungiselela kanjani izingxoxo azoba nazo nabadala. Njengoba kushiwo kulowo myalezo, umuntu ocabangela ukubhapathizwa angawasebenzisa amaphuzu azibhalele wona futhi angayivula le ncwadi njengoba nixoxa. Kodwa asikho isidingo sokuba othile abukeze naye imibuzo ngaphambi kokuba ahlangane nabadala.
Noma ubani ofisa ukubhapathizwa kufanele azise umxhumanisi wendikimba yabadala. Ngemva kokuba umuntu ocela ukubhapathizwa esesitholile isikhathi sokufunda “Imibuzo Yalabo Abafisa Ukubhapathizwa,” umxhumanisi wendikimba yabadala uzombuza ukuthi usezinikezele yini kuJehova ngomthandazo ukuba enze intando yaKhe. Uma lowo muntu esezinikezele, khona-ke umxhumanisi wendikimba yabadala uyohlela ukuba abadala ababili baxoxe naye ngengxenye ethi “Imibuzo Yalabo Abafisa Ukubhapathizwa.” Umdala ngamunye kulaba ababili kufanele abelwe ingxenye eyodwa kulezi ezimbili. Akudingeki kulindwe kuze kumenyezelwe umhlangano wesigodi noma owesifunda ngaphambi kokuba kube nalezi zingxoxo.
Lezi zingxenye ezimbili ngokuvamile zingahlanganiswa ngezikhawu ezimbili ezithatha cishe ihora sisinye, yize kungenankinga uma kuthathwa isikhathi esingaphezulu uma kunesidingo. Isikhawu ngasinye kufanele sivulwe futhi sivalwe ngomthandazo. Akufanele umuntu ozobhapathizwa noma abadala bayenze sebejahile le mibuzo. Abadala ababelwe kuyodingeka benze le ngxoxo ize kuqala esimisweni sabo sezinto okumelwe bazenze.
Ngokuvamile kungcono ukubukeza imibuzo nomuntu ngamunye ozobhapathizwa, hhayi neqembu. Uma umuntu ngamunye eziphendulela yena umbuzo ngamunye, abadala bayothola umbono ocacile wokujula kokuqonda kwakhe, bangasali nakungabaza ngokuthi ukulungele yini ukubhapathizwa. Ngaphezu kwalokho, umuntu ocela ukubhapathizwa angakuthola kulula ukukhuluma uma eyedwa. Kungaxoxwa nendoda nomkayo ndawonye.
Uma kungudade ozobhapathizwa, izingxoxo kufanele ziqhutshwe ngendlela yokuthi abanye bababone kodwa bangabezwa. Uma kudingeka kube khona omunye umuntu, kufanele kube umdala noma inceku ekhonzayo, kuye ngengxenye ebukezwayo, njengoba kuchazwe esigabeni esilandelayo.
Emabandleni anabadala abambalwa kakhulu, izinceku ezikhonzayo ezifanelekayo eziye zabonisa ukwahlulela okuhle nokuqonda zingase zibukeze nabantu imibuzo yabazobhapathizwa etholakala kwethi “Ingxenye 1: Izinkolelo ZobuKristu.” Abadala kuphela okufanele baxoxe nabantu ngethi “Ingxenye 2: Ukuphila KobuKristu.” Uma ibandla lingenabo abadala abenele abafanelekayo, kungase kuthintwe umbonisi wesigodi ukuze kutholakale ukuthi lingasiza yini ibandla eliseduze.
Uma ozobhapathizwa eyingane, abazali bakhe abangoFakazi kufanele babe khona lapho kuxoxwa naye. Uma abazali bengeke bakwazi ukuba khona, kufanele kube abadala ababili (noma umdala kanye nenceku ekhonzayo, kuye ngokuthi kubukezwa yiphi ingxenye) ababa khona engxenyeni ngayinye.
Abadala bayoqiniseka ukuthi umuntu ofisa ukubhapathizwa uziqonda ngesilinganiso esikahle izimfundiso zeBhayibheli eziyisisekelo. Ngaphezu kwalokho, bayofuna ukuqiniseka ukuthi ulazisa ngokujulile iqiniso futhi ubonisa inhlonipho efanele ngenhlangano kaJehova. Uma engaziqondi izimfundiso eziyisisekelo zeBhayibheli, abadala bayomhlelela ukuba athole usizo aludingayo ukuze afanelekele ukubhapathizwa esikhathini esilandelayo. Abanye kungase kudingeke banikezwe isikhathi sokubonisa ukuyazisa okwengeziwe inkonzo yasensimini noma ukuzithoba emalungiselelweni enhlangano. Abadala yibona abayonquma ukuthi lihlukaniswa kanjani ihora noma ngaphezulu elichithwa engxenyeni ngayinye ukuze bathole kahle ukuthi umuntu ukulungele yini ukubhapathizwa. Nakuba kungachithwa isikhathi esijana emibuzweni ethile nesincane kweminye, yonke imibuzo kufanele ibukezwe.
Abadala ababelwe ukubukeza le mibuzo nomuntu bayohlangana ngemva kwengxenye yesibili banqume ukuthi kufanele yini abhapathizwe noma cha. Bayocabangela isizinda, ikhono, nezinye izimo zomuntu ngamunye. Abadala bafuna ukuthola ukuthi umuntu usenabo yini ubuhlobo noJehova nokuthi uyawaqonda yini amaqiniso eBhayibheli ayisisekelo. Ngosizo lwenu lothando, labo ababhapathizwayo bayolungiselelwa ukuba bafeze isabelo sabo esibalulekile njengezikhonzi zezindaba ezinhle.
Ngemva kwalokho, oyedwa noma bobabili abadala abebabelwe kufanele bahlangane nalowo muntu bamazise ukuthi uyakufanelekela yini ukubhapathizwa noma cha. Uma ekufanelekela, abadala kufanele babukeze naye “Ingxoxo Yokuphetha Nabazobhapathizwa,” esemakhasini 206-207. Uma umuntu ozobhapathizwa engakaqedi ukufunda incwadi ethi Lingasifundisani nethi Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu, abadala kufanele bamkhuthaze ukuba aqedele ngemva kokubhapathizwa. Maziseni lowo ozobhapathizwa ukuthi usuku azobhapathizwa ngalo luzobhalwa ku-Rekhodi Lommemezeli Lebandla lakhe. Mkhumbuzeni ukuthi abadala bazocela imininingwane yakhe ukuze inhlangano iqhubeke inakekela imisebenzi engokomoya yoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke futhi naye akwazi ukuba nengxenye emisebenzini engokomoya, athole nokusekelwa okungokomoya. Ngaphezu kwalokho, abadala bangakhumbuza abamemezeli abasha ukuthi noma iyiphi imininingwane yomuntu iphathwa ngokuvumelana ne-Global Data Protection Policy yoFakazi BakaJehova, etholakala ku-jw.org. Ngokuvamile, le ngxoxo kufanele ithathe imizuzu eyishumi kuphela noma ngaphansi.
Ngemva konyaka ummemezeli ebhapathiziwe, abadala ababili kufanele bahlangane naye bamnikeze isikhuthazo namacebiso awusizo. Omunye wabadala kufanele kube umbonisi weqembu akulo. Uma lo mmemezeli omusha eyingane, abazali bakhe abangoFakazi kufanele babe khona. Kufanele kube nomoya wemfudumalo nowesikhuthazo kule ngxoxo. Abadala bayoxoxa ngentuthuko yakhe ngokomoya futhi bamnikeze amacebiso awusizo mayelana nokuthi angaqhubeka kanjani enesimiso esihle sesifundo somuntu siqu nokufunda iBhayibheli nsuku zonke, ukukhulekela komkhaya kwamasonto onke, ukuba khona ngokwethembeka emihlanganweni nokuba nengxenye kuyo, kanye nomsebenzi wenkonzo yasensimini maviki onke. (Efe. 5:15, 16) Uma engakaqedi ukufunda incwadi ethi Lingasifundisani nethi Zigcineni Othandweni LukaNkulunkulu, abadala kufanele benze amalungiselelo okuba othile amsize ayiqedele. Abadala kufanele bamncome nje impela ngendlela enothando. Ngokuvamile, iseluleko nokusikisela okukodwa noma okubili kuyenela.