Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • rj ingxenye 3 kk. 8-9
  • Imizwa Ebuhlungu​—Lapho ‘Sinesizathu Sokukhononda’

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Imizwa Ebuhlungu​—Lapho ‘Sinesizathu Sokukhononda’
  • Buyela KuJehova
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingabe Ukhona ‘Ongasihlukanisa Nothando LukaNkulunkulu’?
  • “Kwaba Sengathi UJehova Uqobo Lwakhe Ukhuluma Nami”
  • ‘Qhubekani Nithethelelana Ngokukhululekile’
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1997
  • Saphendukela Emthonjeni Wokulunga Kweqiniso
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1988
  • Indlela Yokuyeka Ukubamba Amagqubu
    I-Phaphama!—2014
  • Thethelela Ngokukhululekile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2015
Bheka Okunye
Buyela KuJehova
rj ingxenye 3 kk. 8-9

INGXENYE 3

Imizwa Ebuhlungu​—Lapho ‘Sinesizathu Sokukhononda’

“Udade esinaye ebandleni wangimangalela ngokungafanele wathi ngebe imali yakhe. Abanye ebandleni bayizwa le ndaba futhi baqala ukuthatha uhlangothi. Ngokuhamba kwesikhathi, lo dade wangitshela ukuthi wayethole ulwazi oluthile olubonisa ukuthi mina anginacala. Nakuba axolisa, ngaba nomuzwa wokuthi angisoze ngamxolela ngalokhu akwenze kimi.”​—ULinda.

INGABE nawe uke waba sesimweni esifana nesikaLinda, owalinyazwa izenzo zomuntu akholwa naye? Ngokudabukisayo, abanye baye baphazanyiswa izenzo zabanye kangangokuba lokho kuye kwaphazamisa isimiso sabo esingokomoya. Ingabe yilokho okwenzeka kuwe?

Ingabe Ukhona ‘Ongasihlukanisa Nothando LukaNkulunkulu’?

Kuyavunywa ukuthi kungase kube nzima kakhulu ukuxolela esikholwa naye oye wasizwisa ubuhlungu. Ngoba kulindeleke ukuba amaKristu athandane. (Johane 13:​34, 35) Uma esikholwa naye eye wasiphatha kabi, indumalo nobuhlungu kungasishiya silimele kakhulu.​—IHubo 55:12.

IBhayibheli liyavuma ukuthi ziyoba khona izikhathi lapho amaKristu eyoba “nesizathu sokukhononda ngomunye.” (Kolose 3:13) Noma kunjalo, uma lokho sekwenzeka kithi, singase sikuthole kunzima ukubhekana nakho. Ikhona yini into engasisiza? Cabanga nganazi izimiso ezintathu zeBhayibheli:

UBaba wethu osezulwini ubona konke. UJehova ubona konke okwenzekayo, kuhlanganise nokungabi nabulungisa esibhekana nakho kanye nobuhlungu okububangelayo. (Hebheru 4:13) Ngaphezu kwalokho, uJehova uyasizwela lapho sihlupheka. (Isaya 63:9) Akalokothi avumele “usizi noma ukucindezeleka” nanoma yini enye​—ngisho nomkhulekeli esikanye naye​—‘ukuba kusihlukanise nothando lukaNkulunkulu.’ (Roma 8:​35, 38, 39) Lokhu kumelwe kusishukumisele ukuba senze ngendlela efanayo, singavumeli muntu noma into ethile ukuba kusihlukanise noJehova.

Ukuthethelela akusho ukuvumelana nento embi. Ukuthethelela labo abaye basona akusho ukuthi sivumelana nabakwenzile, sinciphisa ububi balokho abakwenzile noma ukuthi asibuboni ububi bezenzo zabo. Khumbula, uJehova uyasizonda isono kodwa uyasithethelela uma kunesizathu sokwenza kanjalo. (IHubo 103:​12, 13; Habakuki 1:13) Lapho uJehova esikhuthaza ukuba sithethelele abanye, usuke esicela ukuba simlingise. Akahlali “ecasukile kuze kube nini nanini.”​—IHubo 103:9; Mathewu 6:14.

Lapho siyeka intukuthelo, sisuke sizizuzisa thina. Ngayiphi indlela? Cabanga ngalesi simo esilandelayo. Ake sithi ucosha itshe, mhlawumbe elingasindi kakhulu, bese ulula ingalo njengoba ulibambile. Kungase kube lula ukulibamba isikhashana. Nokho kuthiwani uma ungazama ukulibamba isikhathi eside? Ungalibamba isikhathi eside kangakanani​—imizuzwana? ihora? noma isikhathi esingaphezu kwalokho? Ngokungangabazeki, ingalo yakho ingakhathala kakhulu! Isisindo setshe ngeke sishintshe. Kodwa njengoba uqhubeka ulibambile, uyozwa sengathi lisinda kakhulu kunakuqala. Kungokufanayo nangentukuthelo. Uma siqhubeka sibambe igqubu​—ngisho noma ngabe lincane kangakanani​—siyozilimaza nakakhulu. Yingakho uJehova esikhuthaza ukuba siyeke intukuthelo. Ngempela, ukwenza kanjalo kuyozuzisa thina.​—IzAga 11:17.

Udade eHholo LoMbuso ubukeka elimele futhi ethukuthelele omunye udade ongumKristu

Lapho siyeka intukuthelo, sisuke sizizuzisa thina

“Kwaba Sengathi UJehova Uqobo Lwakhe Ukhuluma Nami”

Yini eyasiza uLinda ukuba angafukameli intukuthelo ngenxa yendlela ayephathwe ngayo omunye umkhulekeli akanye naye? Phakathi kwezinye izinto, wazindla ngemiBhalo ekhuluma ngokuthethelela. (IHubo 130:​3, 4) ULinda wathintwa kakhulu ukwazi ukuthi lapho sithethelela abanye, nathi uJehova uyosithethelela. (Efesu 4:32–5:2) Ngokuphathelene nendlela lawo mazwi amthinta ngayo, uthi: “Kwaba sengathi uJehova uqobo lwakhe ukhuluma nami.”

Ngokuhamba kwesikhathi, uLinda wayeka ukufukamela intukuthelo. Wamthethelela ngokukhululekile udade owayemonile futhi manje lowo dade ungumngane wakhe omkhulu. ULinda uyaqhubeka ekhonza uJehova. Qiniseka ngokuthi uJehova ufuna ukukusiza wenze okufanayo.

Isembozo sencwadi ethi Sondela KuJehova

UMarie uthi: “Lapho ngishiya iqiniso, ngaphelelwa injabulo futhi ngaba nentukuthelo. Nokho, incwadi ethi, Sondela KuJehova yangikhumbuza indlela uJehova amuhle nanothando ngayo. Njengoba ngangiyifunda, uthando lwami ngaye lwaphinde lwakhula.” Izahluko 26 no- 30 zale ncwadi zikhuluma ngokuthi kungani uJehova ethethelela futhi lokho ukwenza kanjani nokuthi singamlingisa kanjani.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela