Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 21 k. 54-k. 55 isig. 2
  • Inhlupho Yeshumi

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Inhlupho Yeshumi
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UMose No-Aroni Baya KuFaro
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • Izinhlupho Zokuqala Ezintathu
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Imibuzo Evela Kubafundi
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1983
  • Ungubani UJehova?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova-1993
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 21 k. 54-k. 55 isig. 2
Owesilisa wakwa-Israyeli ugcoba igazi emnyango

ISIFUNDO 21

Inhlupho Yeshumi

UMose wathembisa uFaro ukuthi ngeke aphinde azame ukuza kuye. Kodwa ngaphambi kokuba ahambe, wathi kuFaro: ‘Phakathi nobusuku, wonke amazibulo aseGibhithe azofa, kusukela endodaneni kaFaro kuya endodaneni yesigqila.’

UJehova watshela ama-Israyeli ukuba abe nesidlo esikhethekile. Wathi: ‘Hlabani imvu noma imbuzi yeduna enonyaka bese nigcoba igazi layo emnyango. Yoseni inyama bese niyidla nesinkwa esingenamvubelo. Kumelwe nigqoke nifake izimbadada zenu nilungele ukuhamba. Ngizonikhulula ngalobu busuku.’ Ayejabule ngempela ama-Israyeli.

Phakathi nobusuku, ingelosi kaJehova yaya kuzo zonke izindlu zabaseGibhithe. Ezindlini ezazingenalo igazi emnyango, yayibulala izibulo lakhona. Kodwa ezindlini ezazinegazi, ingelosi yayingabulali muntu. Yonke imindeni yabaseGibhithe yashonelwa ingane—abacebile nabahluphekayo. Kodwa akekho noyedwa kuma-Israyeli owashonelwa ingane.

Ngisho nendodana kaFaro yashona. Lokhu kwakungaphezu kwamandla kuFaro. Ngokushesha wathi kuMose no-Aroni: ‘Sukani. Hambani la. Hambani niyokhonza uNkulunkulu wenu. Thathani izilwane zenu niphume niphele la!’

Ama-Israyeli aphuma eGibhithe, ebusuku inyanga igcwele ehlelwe ngokwemindeni nangezizwe. Kwakunabesilisa abangu-600 000 kuma-Israyeli nabesifazane abaningi nezingane. Abantu abaningi baseGibhithe bahamba nama-Israyeli ukuze nabo bakhulekele uJehova. Ekugcineni ama-Israyeli ayekhululekile!

Ukuze akhumbule indlela uJehova ayewasindise ngayo, kwakufanele njalo ngonyaka abe naleso sidlo. Sasibizwa ngokuthi iPhasika.

Ama-Israyeli aphuma eGibhithe

“Ngenxa yaso kanye lesi sizathu ngikuyekile ukuba uqhubeke ukhona: ukuze ngibonise amandla ami ngawe nokuba ngenze igama lami limenyezelwe emhlabeni wonke.”—Roma 9:17

Imibuzo: Yayiyini inhlupho yeshumi? Yini ama-Israyeli okwakumelwe ayenze ukuze azivikele kuleyo nhlupho?

Eksodusi 11:1–12:42; 13:3-10

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela