Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 37 k. 90-k. 91 isig. 1
  • UJehova Ukhuluma NoSamuweli

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJehova Ukhuluma NoSamuweli
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • USamuweli Wanamathela Kokulungile
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2008
  • “Waqhubeka Ekhula EnoJehova”
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • “Waqhubeka Ekhula EnoJehova”
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2010
  • USamuweli Waqhubeka Enza Okuhle
    Fundisa Izingane Zakho
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 37 k. 90-k. 91 isig. 1
USamuweli uvula iminyango yetabernakele

ISIFUNDO 37

UJehova Ukhuluma NoSamuweli

Umpristi Ophakeme u-Eli wayenamadodana amabili ayengabapristi etabernakele. Amagama awo kwakunguHofini noFinehasi. Abazange bayilalele imithetho kaJehova futhi babebaphatha kabi abantu. Lapho ama-Israyeli eletha imihlatshelo kuJehova, uHofini noFinehasi babezithathela inyama engcono kunayo yonke. U-Eli wezwa ukuthi amadodana akhe ayenzani kodwa wangenza lutho ngalokho. Ingabe uJehova wayezoyivumela lento iqhubeke yenzeka?

Nakuba uSamuweli ayemncane kakhulu kunoHofini noFinehasi, akazange abalingise. UJehova wamthanda uSamuweli. Ngobunye ubusuku esalele, uSamuweli wezwa izwi limbiza. Wavuka, wagijima waya ku-Eli, wathi: ‘Ngilapha!’ Kodwa u-Eli wathi: ‘Angizange ngikubize. Hamba uyolala.’ USamuweli wabuyela embhedeni. Waphinde walizwa izwi. Lapho uSamuweli ezwa izwi okwesithathu, u-Eli wabona ukuthi uJehova ombizayo. Watshela uSamuweli ukuthi lapho ephinda ezwa izwi, kufanele athi: ‘Khuluma, Jehova, ngoba inceku yakho ilalele.’

USamuweli utshela u-⁠Eli ukuthi uJehova utheni

USamuweli wahamba wayolala. Wabe esezwa izwi lithi: ‘Samuweli! Samuweli!’ Waphendula: ‘Khuluma, ngoba inceku yakho ilalele.’ UJehova wathi: ‘Tshela u-Eli ukuthi ngizomjezisa, yena nomndeni wakhe. Uyazi ukuthi amadodana akhe enza izinto ezimbi etabernakele lami kodwa akenzi lutho.’ Ngakusasa ekuseni uSamuweli wavuka wavula iminyango yetabernakele, njengoba ayehlale enza. Wayesaba ukutshela umpristi ophakeme lokho okwakushiwo uJehova. Kodwa u-Eli wambiza wambuza: ‘Ndodana yami, utheni uJehova kuwe? Ngicela ungitshele konke.’ Ngakho uSamuweli watshela u-Eli yonke into.

Njengoba uSamuweli ekhula, uJehova waqhubeka enaye. Kulo lonke izwe, ama-Israyeli ayazi ukuthi uJehova ukhethe uSamuweli ukuba abe umprofethi nomahluleli.

“Ngenxa yalokho, khumbula uMdali wakho Omkhulu ezinsukwini zobusha bakho.”—UmShumayeli 12:1

Imibuzo: USamuweli wayehluke kanjani kuHofini nakuFinehasi? Yimuphi umyalezo uJehova awunika uSamuweli?

1 Samuweli 2:12-17, 22-26; 3:1-21; 7:6

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela