Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 48 k. 116-k. 117 isig. 1
  • Indodana Yomfelokazi Ivuka Ekufeni

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Indodana Yomfelokazi Ivuka Ekufeni
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Umfelokazi WaseZarefati Wavuzwa Ngenxa Yokholo Lwakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2014
  • Ingabe Unokholo OlunjengolukaEliya?
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1992
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    Lingisa Ukholo Lwabo
  • Wathola Induduzo KuNkulunkulu Wakhe
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2011
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 48 k. 116-k. 117 isig. 1
U-Eliya ubiza umfelokazi otheza izinkuni

ISIFUNDO 48

Indodana Yomfelokazi Ivuka Ekufeni

Imbiza kafulawa neyamafutha

Phakathi nesomiso, uJehova wathi ku-Eliya: ‘Hamba uye eZarefati. Kunomfelokazi ozokunika ukudla lapho.’ U-Eliya wabona umfelokazi ohluphekile emasangweni edolobha etheza izinkuni. Wacela ukuba amphuzise amanzi. Njengoba umfelokazi eyomkhelela amanzi, u-Eliya wamemeza wathi kuye: ‘Ngicela ungiphathele nocezu lwesinkwa.’ Kodwa umfelokazi wathi: ‘Anginaso isinkwa engingakupha sona. Nginofulawa namafutha amancane okwenza ukudla okunganela mina nendodana yami.’ U-Eliya wathi kuye: ‘UJehova ungithembise ukuthi uma unginika isinkwa, ufulawa wakho namafutha ngeke kuphele kuze kuphele isomiso.’

Ngakho umfelokazi waphindela ekhaya wafike wenzela umprofethi kaJehova ukudla. Umfelokazi nendodana yakhe abakuswelanga ukudla phakathi nesomiso, njengoba nje uJehova ayethembisile. Imbiza yakhe kafulawa neyamafutha kwakulokhu kugcwele.

Kwabe sekwenzeka into ebuhlungu kakhulu. Indodana yomfelokazi yagula kakhulu yabe isishona. Umfelokazi wancenga u-Eliya ukuba amsize. U-Eliya waqukula umfana waya naye ekamelweni eliphezulu. Wambeka phezu kombhede wabe esethandaza: ‘Jehova, ngicela uvuse umfana.’ Uyazi ukuthi kungani kwakuyoba isimangaliso lesi? Yingoba akekho umuntu owayeke wavuka ekufeni. Umfelokazi nendodana yakhe babengewona ama-Israyeli.

Noma kunjalo umfana wavuka ekufeni! U-Eliya wathi kumfelokazi: ‘Bheka! Indodana yakho iyaphila.’ Wajabula kakhulu wathi ku-Eliya: ‘Ngempela ungumuntu kaNkulunkulu. Ngikusho lokhu ngoba wenza lokho okushiwo nguJehova.’

U-Eliya unika umfelokazi indodana yakhe esivusiwe

“Qaphelisisani ukuthi amagwababa awahlwanyeli mbewu futhi awavuni, awanangobo nanqolobane, kodwa nokho uNkulunkulu uyawondla. Nina nibaluleke kakhulu kangakanani kunezinyoni?”—Luka 12:24

Imibuzo: Umfelokazi waseZarefati wabonisa kanjani ukuthi uyamethemba uJehova? Sazi kanjani ukuthi u-Eliya wayengumprofethi kaNkulunkulu?

1 AmaKhosi 17:8-24; Luka 4:25, 26

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela