Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 73 k. 172-k. 173 isig. 2
  • UJohane Ulungiselela Indlela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJohane Ulungiselela Indlela
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Wayengumanduleli KaMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
  • UJohane UMbhapathizi Ulungisa Indlela
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • UJesu Uba UMesiya
    Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • UJohane Ulungisa Indlela
    Umuntu Omkhulu Kunabo Bonke Owake Waphila
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 73 k. 172-k. 173 isig. 2
UJohane uMbhapathizi ufundisa abantu osebeni loMfula iJordani

ISIFUNDO 73

UJohane Ulungiselela Indlela

UJohane, indodana kaZakariya no-Elizabethi, wakhula waba umprofethi. UJehova wasebenzisa uJohane ukuba afundise abantu ukuthi uMesiya uyeza. Kodwa kunokuba afundise emasinagogeni nasemadolobheni, uJohane wayeshumayela ehlane. Abantu babeza bezolalela uJohane efundisa bevela eJerusalema nakuzo zonke izindawo zaseJudiya. Wabafundisa ukuthi uma befuna ukujabulisa uNkulunkulu kumelwe bayeke ukwenza izinto ezimbi. Ngemva kokulalela uJohane, abaningi babeziyeka izono zabo, bese uJohane ebabhapathiza eMfuleni iJordani.

UJohane wayengenazo izinto eziningi. Wayegqoka izingubo ezenziwe ngoboya bekamela futhi edla izintethe noju lwezinyosi zasendle. Abantu babezibuza imibuzo eminingi ngoJohane. Ngisho nabaFarisi abaqhoshayo nabaSadusi beza ukuzombona. UJohane wathi: ‘Kumelwe niyeke indlela enenza ngayo futhi niphenduke. Ningazitsheli ukuthi nibalulekile ngenxa nje yokuthi ningabantwana baka-Abrahama. Lokho akusho ukuthi ningabantwana bakaNkulunkulu.’

Abaningi beza kuJohane bafike bambuza: ‘Yini okumelwe siyenze ukuze sijabulise uNkulunkulu?’ UJohane wathi kumaJuda: ‘Uma unamajazi amabili, thatha elilodwa ulinike umuntu ohluphekayo.’ Uyazi ukuthi kungani asho lokho? Wayefuna ukuba abafundi bakhe bazi ukuthi ukuze bajabulise uNkulunkulu kumelwe bathande abantu.

UJohane wathi kubaqoqi bentela: ‘Yibani neqiniso futhi ningakhohlisi muntu.’ Emasosheni wathi: ‘Ningasamukeli isifumbathiso noma niqambe amanga.’

AmaLevi nabapristi beza kuJohane bafike bambuza ukuthi: ‘Ungubani? Bonke abantu bafuna ukwazi.’ UJohane wathi: ‘Ngiyizwi elimemeza ehlane, eliholela abantu kuJehova, njengoba nje u-Isaya abikezela.’

Abantu babekuthanda lokho uJohane ayebafundisa kona. Abaningi babezibuza ukuthi uJohane akayena yini uMesiya. Kodwa wathi kubo: ‘Kukhona omkhulu kunami ozayo. Akungifanele ngisho nokuqaqa izimbadada zakhe. Mina ngibhapathiza ngamanzi kodwa yena uyobhapathiza ngomoya ongcwele.’

“Lo muntu weza ngenjongo yokufakaza, ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze abantu bazo zonke izinhlobo bakholwe ngaye.”—Johane 1:

Imibuzo: Kungani uJehova athumela uJohane kubantu? Yini eyenziwa abantu lapho bezwa umyalezo wakhe?

Mathewu 3:1-11; Marku 1:1-8; Luka 3:1-18; Johane 1:19-28; Isaya 40:3

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela