Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lfb isif. 74 k. 176-k. 177 isig. 4
  • UJesu Uba UMesiya

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • UJesu Uba UMesiya
  • Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ukubhapathizwa KukaJesu
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1985
  • UJohane Ubhapathiza UJesu
    INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli
  • UJesu Uyabhapathizwa
    UJesu—Uyindlela, Iqiniso Nokuphila
  • Wayengumanduleli KaMesiya
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1995
Bheka Okunye
Masifunde Ezindabeni EziseBhayibhelini
lfb isif. 74 k. 176-k. 177 isig. 4
Ngemva kokuba uJesu ebhapathizwe uJohane, umoya kaNkulunkulu wehlela kuye njengejuba

ISIFUNDO 74

UJesu Uba UMesiya

UJohane ubelokhu eshumayela ethi: ‘Kukhona omkhulu kunami ozayo.’ Lapho uJesu eneminyaka engaba ngu-30, wasuka eGalile waya eMfuleni iJordani lapho uJohane ayebhapathizela khona abantu. UJesu wayefuna ukuba uJohane ambhapathize kodwa uJohane wathi: ‘Akumina okufanele ngikubhapathize. Wena kufanele ubhapathize mina.’ UJesu wathi kuJohane: ‘UJehova ufuna ukuba wena ungibhapathize.’ Ngakho basuka baya eMfuleni iJordani futhi uJohane wacwilisa uJesu emanzini.

Lapho ephuma emanzini, uJesu wathandaza. Ngaso leso sikhathi, amazulu avuleka futhi umoya kaNkulunkulu ongcwele wehlela kuye njengejuba. UJehova wabe esekhuluma esezulwini wathi: “Wena uyiNdodana yami, engiyithandayo; ngiyakwamukela.”

Lapho umoya kaJehova wehlela kuJesu, uJesu waba uKristu noma uMesiya. Manje wayezoqala ukwenza umsebenzi uJehova ayemthume ukuba awenze emhlabeni.

Ngokushesha nje ngemva kokubhapathizwa, uJesu waya ehlane futhi wahlala khona izinsuku ezingu-40. Lapho esebuyile, waya kuJohane. Njengoba uJesu eza kuye, uJohane wathi: ‘Lo uyiWundlu likaNkulunkulu elizosusa zonke izono zezwe.’ Ngokusho lokhu, uJohane wayechazela abantu ukuthi uJesu unguMesiya. Uyazi ukuthi yini eyenzeka kuJesu ngesikhathi esehlane? Ake sibone.

“Kwavela izwi emazulwini lithi: ‘Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngiyajabula ngawe.’”—Marku 1:11

Imibuzo: Kungani uJesu abhapathizwa? Kungani uJohane athi uJesu uyiWundlu likaNkulunkulu?

Mathewu 3:13-17; Marku 1:9-11; Luka 3:21-23; Johane 1:29-34; Isaya 42:1; Hebheru 10:7-9

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela