Isethulo Sengxenye 9
Le ngxenye ikhuluma ngabantu abasebasha, abaprofethi namakhosi abonisa ukholo oluqinile kuJehova. ESiriya, intombazanyana engumIsrayeli yayinokholo lokuthi umprofethi kaJehova uzomelapha uNahamani. Umprofethi u-Elisha wayekholelwa ngempela ukuthi uJehova wayezomvikela ebuthweni lesitha. UMpristi Omkhulu uJehoyada wafaka ukuphila kwakhe engozini ukuze avikele uJehowashi owayesemncane kugogo wakhe okhohlakele, u-Athaliya. INkosi uHezekiya yayiqiniseka ngokuthi uJehova uzolisindisa iJerusalema futhi akazange esatshiswe izinsongo zama-Asiriya. INkosi uJosiya yakuqeda konke ukukhulekelwa kwezithombe ezweni, yakha kabusha ithempeli futhi yahola isizwe ekukhulekeleni kweqiniso.