IBHOKISI LOKUFUNDISA 9E
‘Izikhathi Zokwenziwa Kwazo Zonke Izinto Zibe Zintsha’
IZENZO 3:21
Lapho umphostoli uPetru ekhuluma ‘ngezikhathi zokwenziwa kwazo zonke izinto zibe zintsha,’ wayeprofetha ngesikhathi esihle esasiyoqala lapho uKristu ebekwa esihlalweni sobukhosi njengeNkosi siqhubeke size siphele lapho kuphela iMinyaka Eyinkulungwane.
1914—UJesu Kristu ubekwa esihlalweni sobukhosi abe iNkosi ezulwini. Ukubuyiselwa kwendlela emsulwa yokukhonza uNkulunkulu kubantu bakhe kuyaqala ngo-1919
Izinsuku Zokugcina
I-ARMAGEDONI—UkuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane kuyaqala, ‘izikhathi zokwenziwa kwazo zonke izinto zibe zintsha’ zihlanganisa nokunikeza abantu abathembekile izibusiso
UkuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane
UKUPHELA KWEMINYAKA EYINKULUNGWANE—UJesu uqeda umsebenzi wokwenza zonke izinto zibe zintsha bese enikeza uYise uMbuso
IPharadesi Laphakade
UKUBUSA KUKAJESU KUYOBUYISELA . . .
inkazimulo egameni likaNkulunkulu
impilo kwabagulayo
ubusha kwabagugile
ukuphila kwabafile
ukungabi nasono kubantu abathembekile
iPharadesi emhlabeni