ISIFUNDO 16
Iyakha Futhi Iyakhuthaza
Jobe 16:5
OKUFANELE UKWENZE: Gxila ezintweni ezikhuthazayo futhi ezenza izilaleli zibe nethemba.
INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:
Yiba nombono omuhle ngezilaleli zakho. Bathembe abafowenu ukuthi bayafuna ukujabulisa uJehova. Ngisho nalapho kufanele ubeluleke, qale uthole okuhle ongabancoma ngakho.
Ungakhulumi kakhulu ngezinto ezingezinhle. Uma kunesizathu sokukhuluma ngezinto ezingezinhle, zigcine zisezingeni elifanele. Inkulumo iyonke kufanele yakhe.
Lisebenzise kahle iZwi likaNkulunkulu. Qokomisa izinto uJehova azenzile, lezo azenzayo manje, nalezo asazozenzela abantu. Nikeza izilaleli zakho ithemba futhi uzikhuthaze.