Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 34 k. 202-k. 205 isig. 4
  • Iyakha Futhi Iwusizo

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyakha Futhi Iwusizo
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Ingxoxo Eyakhayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Indlela Yokuthuthukisa Amakhono Okuxoxa
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Yiba Owakhayo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-1995
  • Iyakha Futhi Iyakhuthaza
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 34 k. 202-k. 205 isig. 4

ISIFUNDO 34

Iyakha Futhi Iwusizo

Yini okudingeka uyenze?

Kunokukhuluma isikhathi eside ngezinto ezingezinhle, khuluma ngezinto ezithuthukisa isimo noma ezinikeza ithemba.

Kungani Kubalulekile?

Abantu bakhathele yizwe elingenaluthando. Abaningi banezinkinga ezingathi sína. Lapho isigijimi seBhayibheli sibekwe kahle, sishiya abanhliziyo-ziqotho benombono obajabulisayo.

ISIGIJIMI esithunywe ukuba sisishumayele siyizindaba ezinhle. UJesu wathi: “Izindaba ezinhle kumelwe zishunyayelwe ezizweni zonke kuqala.” (Marku 13:10) UJesu ngokwakhe wabeka isibonelo ngokuqokomisa “izindaba ezinhle zombuso kaNkulunkulu.” (Luka 4:43) Lokho abaphostoli abakushumayela kuchazwa futhi ngokuthi “izindaba ezinhle zikaNkulunkulu” nokuthi “izindaba ezinhle ezimayelana noKristu.” (1 Thes. 2:2; 2 Kor. 2:12) Isigijimi esinjalo siyakha futhi siwusizo.

Ngokuvumelana ‘nezindaba ezinhle ezimi phakade’ ezimenyezelwa ‘yingelosi endiza emkhathini,’ sinxusa abantu: “Mesabeni uNkulunkulu nimnike inkazimulo.” (IsAm. 14:6, 7) Kuyo yonke indawo sitshela abantu ngoNkulunkulu weqiniso, ngegama lakhe, ngezimfanelo zakhe ezinhle, ngemisebenzi yakhe emangalisayo, ngenjongo yakhe yothando, ngokuthi siyolandisa kuye, nangalokho akufunayo kithi. Izindaba ezinhle zihlanganisa nokuthi uJehova uNkulunkulu uyobhubhisa ababi, abamhlazisayo, nabonakalisa ukuphila kwabanye abantu. Kodwa akukhona okwethu ukwahlulela abantu esibashumayezayo. Isifiso sethu esiqotho esokuthi abaningi ngangokunokwenzeka bamukele isigijimi seBhayibheli sibe izindaba ezinhle ngempela kubo.—IzAga 2:20-22; Joh. 5:22.

Nciphisa Izindaba Ezingezinhle. Yiqiniso, zikhona izici ezimbi ekuphileni. Asizishalazeli. Ukuze uqale ingxoxo, ungase usho inkinga esezingqondweni zabantu ensimini futhi uthi qaphu qaphu ngayo. Kodwa ngokuvamile akusizi ukukhuluma ngayo isikhathi eside. Abantu bahlale bezwa izindaba ezicindezelayo, ngakho, ukukhuluma ngezinto ezibuhlungu kungase kubenze bavale iminyango noma izindlebe zabo. Lapho usanda kuqala ingxoxo, zama ukubhekisela emaqinisweni aqabulayo aseZwini likaNkulunkulu. (IsAm. 22:17) Khona-ke, ngisho noma umuntu engafuni ukuqhubeka nengxoxo, uyomshiya nokuthile okwakhayo ayocabanga ngakho. Lokhu kungamenza athambekele ekulaleleni ngesikhathi esilandelayo.

Ngendlela efanayo, uma ucelwa ukuba unikeze inkulumo, ungazixini izilaleli ngezindaba ezingakhi ngenxa nje yokuthi zikhona ziningi. Uma isikhulumi sigxila kakhulu ekuhlulekeni kwababusi abangabantu, imibiko yobugebengu nodlame, nokusabalala kokuziphatha okubi kobulili, umphumela ungaba ukucindezeleka. Khuluma ngezinto ezimbi kuphela uma kunenjongo ewusizo ezizoyifeza. Ukwaziswa okumbalwa okungajabulisi kungase kugcizelele ukuhambisana nesikhathi kwenkulumo yakho. Kungase futhi kuveze izici eziyinhloko ezibangela leso simo ngaleyo ndlela kusetshenziselwe ukubonisa ukuthi kungani ikhambi eliseBhayibhelini lisebenza. Uma kungenzeka, hlala endabeni ngaphandle kokugxila ezinkingeni.

Ngokuvamile akwenzeki futhi akufuneki ukuba ususe konke ukwaziswa okungajabulisi enkulumweni. Inselele isekubekeni amaphuzu awusizo nangajabulisi ngendlela yokuthi ekugcineni kube nomphumela omuhle. Ukuze ufeze lokhu, kumelwe uthole ukuthi yini ozoyifaka, yini okumelwe uyishiye nokuthi kumelwe ugcizelele kuphi. ENtshumayelweni YaseNtabeni, uJesu wanxusa izilaleli zakhe ukuba zigweme izindlela zababhali nabaFarisi zokuzifunela okwabo, wacaphuna izibonelo ezimbalwa ukuze akhanyise leli phuzu. (Math. 6:1, 2, 5, 16) Kunokuhlala ezibonelweni ezingezinhle zalabo baholi benkolo, uJesu wagcizelela ukwazi izindlela zeqiniso zikaNkulunkulu nokuphila ngazo. (Math. 6:3, 4, 6-15, 17-34) Umphumela waba muhle kakhulu.

Indlela Yakho Yokukhuluma Mayizuzise. Uma ebandleni lakini wabelwe inkulumo ekhuluma ngesici esithile somsebenzi wobuKristu, zama ukwakha kunokugxeka. Qiniseka ukuthi wenza lokho okhuthaza abanye ukuba bakwenze. (Rom. 2:21, 22; Heb. 13:7) Okushoyo kusho ngothando, hhayi ngokucasuka. (2 Kor. 2:4) Uma uqiniseka ukuthi okholwa nabo bafuna ukujabulisa uJehova, okushoyo kuyokuveza lokho kuqiniseka futhi kuyobasiza. Phawula indlela umphostoli uPawulu abonisa ngayo lokho kuqiniseka njengoba kulandiswe kweyoku-1 Thesalonika 4:1-12; 2 Thesalonika 3:4, 5; noFilemoni 4, 8-14, 21.

Ngezinye izikhathi kuba nesidingo sokuba abadala baxwayise ngokuziphatha kobuwula. Kodwa ukuthobeka kuyobasiza ukuba basebenzelane nabafowabo ngomoya wobumnene. (Gal. 6:1) Indlela izinto ezishiwo ngayo kumelwe ibonise ukuthi ibandla liyahlonishwa. (1 Pet. 5:2, 3) IBhayibheli leluleka amadoda asemasha ukuba akuqaphele kakhulu lokhu. (1 Thim. 4:12; 5:1, 2; 1 Pet. 5:5) Lapho kudingeke ukuba kusolwe, kuyalwe, kuqondiswe izinto, kumelwe kusekelwe kulokho iBhayibheli elikushoyo. (2 Thim. 3:16) Akufanele nanini ukusebenza komBhalo kuphoqwe noma kusontwe ukuze usekele iphuzu elithile okungenzeka ukuthi isikhulumi sinomuzwa oqinile ngalo. Ngisho nalapho kudingeka khona iseluleko sokuqondisa, inkulumo ingagcinwa ikhuthaza uma kugcizelelwa kakhulu indlela yokugwema ukuhileleka ekwenzeni okubi, endleleni yokuxazulula izinkinga, endleleni yokunqoba ubunzima, endleleni yokulungisa inkambo engalungile nasekutheni izindinganiso zikaJehova zisivikela kanjani.—IHu. 119:1, 9-16.

Lapho ulungiselela inkulumo yakho, cabangisisa kahle ngokuthi uyoliphetha kanjani iphuzu ngalinye eliyinhloko nenkulumo iyonke. Lokho ogcina ngakho ukukusho yikona okukhunjulwa isikhathi eside. Ingabe kuyoba okwakhayo?

Lapho Sixoxa Nesikholwa Nabo. Izinceku zikaJehova ziyawazisa amathuba okuhlangana emihlanganweni yobuKristu. Lezi yizikhathi zokuqabuleka ngokomoya. IBhayibheli lisinxusa ukuba sikhumbule “ukukhuthazana” lapho sihlangana ezindaweni zethu zokukhulekela. (Heb. 10:25) Lokho akwenziwa ngezinkulumo nje kuphela phakathi nemihlangano kodwa nangezingxoxo ngaphambi nangemuva kwemihlangano.

Nakuba kungokwemvelo ukuba sixoxe ngokuphila kwethu kwansuku zonke, isikhuthazo esikhulu kakhulu sivela ekuxoxeni ngezinto ezingokomoya. Zihlanganisa okuhlangenwe nakho esikuthole enkonzweni engcwele. Ukubonisana isithakazelo esihlanzekile nakho kuyakha.

Ngenxa yethonya lezwe elisizungezile, kudingeka siqaphe. Lapho ebhalela amaKristu ase-Efesu, uPawulu wathi: “Njengoba senilahle amanga, khulumani iqiniso lowo nalowo kini kumakhelwane wakhe.” (Efe. 4:25) Ukukhuluma iqiniso kunokukhuluma amanga kuhlanganisa ukungadumisi izinto noma abantu abathandwa yizwe. Ngokufanayo, uJesu waxwayisa ‘ngamandla engcebo akhohlisayo.’ (Math. 13:22) Ngakho, lapho sikhuluma nabanye, kudingeka siqaphe singakhuthazi lokho kukhohlisa ngokutusa ngokweqile ukuba nezinto ezibonakalayo.—1 Thim. 6:9, 10.

Lapho eluleka ngesidingo sokuba ngabakhayo, umphostoli uPawulu usinxusa ukuba singahluleli noma seye umzalwane ongase angazenzi izinto ezithile ngenxa ‘yobuthakathaka okholweni lwakhe,’ ngamanye amazwi, ngenxa yokuthi akaqondi ukuthi inkululeko yomKristu yenabe kangakanani. Ngempela, ukuze ingxoxo yethu yakhe abanye, kumelwe sicabangele izizinda zabo nezinga lokukhula kwabo ngokomoya. Yeka ukuthi kungadabukisa kanjani ‘ukubeka phambi komzalwane [noma udadewethu] itshe lokukhubekisa noma imbangela yokukhubeka’!—Roma 14:1-4, 13, 19.

Labo ababhekene nezinkinga zomuntu siqu ezingathi sína—ngokwesibonelo, ukugula okungapheli—bayazijabulela izingxoxo ezakhayo. Umuntu onjalo kungenzeka wenze umzamo omkhulu wokuba khona emihlanganweni. Labo abasaziyo isimo sakhe bangase babuze: “Uzizwa kanjani?” Akungabazeki ukuthi uyokwazisa ukukhathalela kwabo. Noma kunjalo, kungenzeka ukuthi akumkhuthazi ukukhuluma ngesimo sempilo yakhe. Amazwi okwazisa nokuncoma angase amjabulise. Uyabubona yini ubufakazi bothando lwakhe olungapheli ngoJehova nokubekezelela kwakhe isimo esinzima? Ingabe uyakhuthazeka lapho ephendula? Kungebe kuhle yini ukugxila kulokho akwenza kahle nakunikelayo ebandleni, kunokugxila ekushiyekeni kwakhe?—1 Thes. 5:11.

Ukuze izingxoxo zethu zakhe, kubaluleke ngokukhethekile ukucabangela umbono kaJehova ngalokho okuxoxwa ngakho. Kwa-Israyeli wasendulo, uJehova wabathukuthelela kakhulu labo ababekhuluma kabi ngabameleli baKhe futhi bekhononda ngemana. (Numeri 12:1-16; 21:5, 6) Sinikeza ubufakazi bokuthi sizuzile kulezo zibonelo lapho sibonisa inhlonipho ngabadala futhi sikwazisa ukudla okungokomoya okunikezwa ngesigaba senceku ethembekileyo neqondayo.—1 Thim. 5:17.

Akuvamile ukuba yinkinga ukuthola izinto ezizuzisayo esingazixoxa lapho sihlangene nabafowethu abangamaKristu. Kodwa uma othile egxeka egxekile, thatha isinyathelo sokushintsha ingxoxo ibe ngeyakhayo.

Kungakhathaliseki ukuthi sifakaza kubantu, sinikeza inkulumo endaweni yesikhulumi, noma sikhuluma nesikholwa nabo, kwangathi singabonisa ukuqonda ukuze sikhiphe emcebweni wezinhliziyo zethu “noma yiliphi izwi elihle ekwakheni kuye ngokwesidingo, ukuze lidlulisele okuhle kwabezwayo.”—Efe. 4:29.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Khumbula ukuthi isabelo sethu siwukushumayela izindaba ezinhle.

  • Yakha kunokuba ugxeke.

  • Hlakulela umbono oqondile ngalabo okhuluma nabo.

  • Engxoxweni, cabangela indlela lokho okushoyo okungamthinta ngayo omunye umuntu.

ISIVIVINYO: Vakashela othile okhubazekile noma ongakwazi ukuphuma ekhaya. Qala ingxoxo eyakhayo. Yiba nozwela, kodwa okushoyo makulokhu kukhuthaza. Hlela kusengaphambili ukuze ukwazi ukukufeza lokhu.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela