Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • th isif. 18 k. 21
  • Iyafundisa

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyafundisa
  • Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Intshiseko
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Iyazifundisa Izilaleli Zakho
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Ukuzama Ukufinyelela Inhliziyo
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
  • Izinzuzo Zokusebenzisa Amaphuzu Zicacisiwe
    Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
Bheka Okunye
Zimisele Ekufundeni Nasekufundiseni
th isif. 18 k. 21

ISIFUNDO 18

Iyafundisa

UmBhalo obekiwe

1 Korinte 9:19-23

OKUFANELE UKWENZE: Yenza izilaleli zakho zicabange ngendaba oxoxa ngayo, uzishiye zanelisekile futhi zizuzile.

INDLELA ONGAKWENZA NGAYO:

  • Cabanga ngokuthi kungakanani izilaleli zakho esezikwazi ngendaba. Kunokuphinda izinto izilaleli zakho esezike zazizwa ngaphambili, zisize zithole umqondo omusha ngendaba.

    Icebiso

    Ungagxili kakhulu emaphuzwini ajwayelekile, kodwa yithi ukwenaba lapho ukhuluma ngamaphuzu amasha.

  • Cwaninga bese uyacabangisisa. Uma kungenzeka, bonisa ukuthi amaphuzu ayinhloko asebenza kanjani ngokusebenzisa izibonelo ezingajwayelekile noma izindaba zakamuva. Cabangisisa ngendaba ozoxoxa ngayo nokuthi ihlobana kanjani nezibonelo ohlele ukuzisebenzisa.

    Icebiso

    Njengoba uhlola indaba yakho, zibuze imibuzo enjengokuthi, ‘ubani, kungani, nini, kuphi, yini nokuthi kanjani,’ ukuze indaba iphile kuwe kuqala. Yenza inkulumo yakho iphile ngokubuza nangokuphendula eminye yale mibuzo ize iphele inkulumo.

  • Bonisa ukubaluleka kwendaba okhuluma ngayo. Chaza ukuthi amaphuzu aseBhayibhelini angazisiza kanjani izilaleli zakho ekuphileni kwansuku zonke. Xoxa ngezimo ezithile izilaleli zakho ezibhekana nazo, indlela okufanele zibhekane ngayo nalezo zimo, nezinyathelo okufanele zizithathe esimweni ngasinye.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela