Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • be isif. 42 k. 230-k. 233 isig. 4
  • Iyazifundisa Izilaleli Zakho

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Iyazifundisa Izilaleli Zakho
  • Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Indaba Efundisayo, Inikezwe Ngokukhanyayo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • IBhokisi Lemibuzo
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2000
  • Kholisa Izilaleli Zakho, Zindla Nazo
    Incwadi Yokuchasisa Isikole Senkonzo EsingokwaseZulwini
  • Isethulo Esivusa Isithakazelo
    Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
Bheka Okunye
Zuza Emfundweni YeSikole Senkonzo Esingokwasezulwini
be isif. 42 k. 230-k. 233 isig. 4

ISIFUNDO 42

Iyazifundisa Izilaleli Zakho

Yini okudingeka uyenze?

Fundisa ngendlela ebangela ukuba izilaleli zakho zicabange futhi uzishiye zinomuzwa wokuthi zifunde okuthile okuzisizayo.

Kungani Kubalulekile?

Uma umane utshele abantu izinto asebezazi, cishe ngeke kuphele isikhathi eside bekulalele.

UKUZE wenze izilaleli zakho zizuze kulokho okushoyo, kudingeka wenze okungaphezu kokukhuluma ngendaba ewusizo. Zibuze: ‘Kungani lezi zilaleli kudingeka ziyizwe le ndaba? Yini engizoyisho ezokwenza izilaleli zibe nomuzwa wokuthi ziye zazuza ngempela engxoxweni?’

Esikoleni, uma wabelwe ukubonisa ukuthi kufakazwa kanjani kothile, umninikhaya wakho kuyoba yizilaleli zakho. Kwezinye izimo, ungase ukhulume nebandla lonke.

Lokho Izilaleli Zakho Ezikwaziyo. Zibuze: ‘Yini izilaleli eziyaziyo ngale ndaba?’ Lokho kufanele kukusize njengesisekelo senkulumo yakho. Uma ukhuluma nebandla elinamaKristu amaningi avuthiwe, musa ukuphindaphinda amaqiniso ayisisekelo awaziyo. Yakhela kulawo maqiniso ayisisekelo. Yebo, uma kunabaningi abathakazelayo, kumelwe ucabangele izidingo zawo womabili amaqembu.

Shintsha ijubane lenkulumo yakho ngokwalokho izilaleli ezikwaziyo. Uma ufaka imininingwane ethile abayaziyo cishe bonke, yithinte nje udlule. Kodwa ungagijimi kakhulu lapho ukhuluma ngamaphuzu okungenzeka ukuthi bayaweshwama abaningi abayizilaleli zakho, ukuze bakwazi ukuwabamba kahle.

Lokho Okuyofundisa. Ukuba ofundisayo akusho ukuba nokuthile okusha njalo kokukusho. Ezinye izikhulumi zinendlela yokubeka amaqiniso aziwayo ngendlela elula kangangokuba izilaleli eziningi zivele ziwabambe ziqala ukuwezwa.

Enkonzweni yasensimini, akwanele ukusho udaba oluthile oluzwe ezindabeni ukuze ubonise ukuthi siphila ezinsukwini zokugcina. Bonisa ngeBhayibheli ukuthi leso senzakalo sisho ukuthini. Lokho kuyomfundisa ngempela umninikhaya. Ngokufanayo, lapho ukhuluma ngokuthile okumayelana nemithetho yemvelo noma ngezitshalo noma izilwane, umgomo wakho akufanele kube ukuveza iqiniso elihlaba umxhwele lesayensi umninikhaya aleshwamayo. Kunalokho, umgomo wakho kufanele kube ukuhlobanisa ubufakazi bemvelo nalokho okuseBhayibhelini ukuze ubonise ukuthi kunoMdali osithandayo. Lokhu kuyosiza umninikhaya ukuba abone izinto ngombono omusha.

Ukukhuluma ngendaba izilaleli eseziyizwe kaningi kungaba yinselele. Kodwa ukuze ube umfundisi ophumelelayo, kudingeka ufunde indlela yokukwenza ngokuphumelelayo lokhu. Kungenziwa kanjani?

Ukucwaninga kuyosiza. Esikhundleni sokuba umane ufake amaphuzu owakhumbula njengoba uqhubeka nenkulumo yakho, sebenzisa amathuluzi okucwaninga achazwe emakhasini 33 kuya ku-38. Cabangela ukusikisela okunikezwe lapho okuphathelene nemigomo okufanele uzame ukuyifinyelela. Ekucwaningeni kwakho, ungase uthole ukuthi isenzakalo esiwumlando esingaziwa kahle sithintana ngokuqondile nendaba yakho. Noma ungase uthole okuthile ezindabeni zamuva okungafakazela iphuzu ohlela ukuxoxa ngalo.

Njengoba uhlola leyo ndaba, shukumisa ukucabanga kwakho ngokubuza imibuzo enjengokuthi yini? kungani? nini? kuphi? ubani? nothi kanjani? Ngokwesibonelo: Kungani kuyiqiniso lokhu? Ngingakufakazela kanjani? Yiziphi izinkolelo ezidumile ezenza kube nzima ngabanye ukuba babambe leli qiniso leBhayibheli? Kungani kubalulekile? Lokhu kufanele kukuthonye kanjani ukuphila komuntu? Yisiphi isibonelo esibonisa inzuzo yokukusebenzisa? Leli qiniso leBhayibheli lembulani ngobuntu bukaJehova? Kuye ngendaba oxoxa ngayo, ungase ubuze: Kwenzeka nini lokhu? Singakusebenzisa kanjani lokhu ngokoqobo namuhla? Ungase futhi wenze inkulumo yakho iphile ngokubuza eminye yale mibuzo bese uyiphendula njengoba unikeza inkulumo.

Enkulumweni yakho kungase kudingeke usebenzise imibhalo izilaleli eziyijwayele. Yini ongayenza ukuze uyenze izuzise? Ungagcini ngokuyifunda nje kuphela; yichaze.

Ukukhulumela umbhalo ovamile kungase kuzuzise kakhulu uma uwuhlaziya, ukhiphe izingxenye ezihlobana nesihloko senkulumo yakho bese uzichaza. Cabangela lokho ongakwenza ngombhalo onjengoMika 6:8 kuyi-New World Translation. Buyini “ubulungisa”? Ezikabani izindinganiso zobulungisa okukhulunywa ngazo? Ungakufanekisa kanjani okushiwo ‘ukubonisa ubulungisa’? Noma okushiwo ‘ukuthanda umusa’? Siyini isizotha? Ungakusebenzisa kanjani lokhu kwaziswa kumuntu osekhulile? Ukuthi uyosebenzisa kuphi ukwaziswa kuyonquma izinto ezifana nesihloko, umgomo wakho, izilaleli zakho, nesikhathi onaso.

Izincazo ezilula zamagama ziyasiza ngokuvamile. Abanye abantu baye bavuleke amehlo uma bethola incazelo yelithi “umbuso” elikuMathewu 6:10. Ukukhunjuzwa incazelo kungase kusize ngisho nomKristu osenesikhathi eside ehlanganyela ukuba akuqonde ngokunembe nakakhulu okushiwo umbhalo. Kuba sobala lokhu uma sifunda eyesi-2 Petru 1:5-8 bese sichaza ezinye zezici ezithintwe kulawo mavesi: ukholo, ubuhle, ulwazi, ukuzithiba, ukukhuthazela, ukuzinikela kokwesaba uNkulunkulu, ukusondelana kobuzalwane nothando. Uma amagama anencazelo ethi ayifane esetshenziswa endabeni eyodwa, ukuwachaza kwakho kungasiza ekuwahlukaniseni. Lokhu kusebenza emagameni afana nelithi ukuhlakanipha, ulwazi, nelithi ukuqonda, asetshenziswe kuzAga 2:1-6.

Izilaleli zakho zingase zisizakale uma ulichaza ivesi. Abantu abaningi bayamangala lapho beqala ukubona ukuthi kwezinye izinguqulo zeBhayibheli uGenesise 2:7 uthi u-Adamu ungumphefumulo ophilayo, nokuthi ngokukaHezekeli 18:4, umphefumulo uyafa. Ngesinye isikhathi, uJesu wamangaza abaSadusi ngokucaphuna u-Eksodusi 3:6, ababethi bayamkholelwa, wawusebenzisa endabeni yokuvuka kwabafileyo.—Luka 20:37, 38.

Ngezinye izikhathi ingqondo iyavuleka lapho ukhanyisa umongo wombhalo, izimo ezazikhona lapho ubhalwa, nokuthi ubani owayekhuluma noma owayelalele. AbaFarisi babewazi kahle amaHubo 110. Noma kunjalo, uJesu wadonsela ukunaka kwabo kokuthile okubaluleke kakhulu okukulelo vesi. Wabuza: “‘Nicabangani ngoKristu? Uyindodana kabani?’ Bathi kuye: ‘KaDavide.’ Wathi kubo: ‘Khona-ke, kwenzeka kanjani ukuba uDavide ngokuphefumulelwa ambize ngokuthi “iNkosi,” ethi, “UJehova wathi eNkosini yami: ‘Hlala ngakwesokunene sami ngize ngibeke izitha zakho phansi kwezinyawo zakho’”? Ngakho-ke, uma uDavide embiza ngokuthi “iNkosi,” uyindodana yakhe kanjani?’” (Math. 22:41-45) Uma ubonisana nabanye ngemiBhalo ngendlela uJesu enza ngayo, uyobasiza baqaphelisise lapho befunda iZwi likaNkulunkulu.

Lapho isikhulumi siveza ukuthi incwadi ethile yeBhayibheli yabhalwa nini noma isikhathi okwenzeka ngaso isenzakalo esithile, kumelwe futhi sichaze nezimo ezazikhona ngaleso sikhathi. Ngokwenza kanjalo, izilaleli ziyokuqonda kahle hle ukubaluleka kwaleyo ncwadi noma leso senzakalo.

Ukuqhathanisa kungasiza ekwenzeni lokho okushoyo kufundise nakakhulu. Ungase uqhathanise umbono ovamile nalokho iBhayibheli elikushoyo ngalowo mbono. Noma ungase uqhathanise ukulandisa kweBhayibheli okubili okufanayo. Ukhona yini umehluko? Ngani? Yini esiyifunda kukho? Ukwenza kwakho lokhu kungase kwenze izilaleli zakho zibe nombono omusha ngendaba.

Uma wabelwe ukuba ukhulume ngesici esithile senkonzo yobuKristu, ungase uyenze ibe nesisindo inkulumo yakho ngokuqala ngokubukeza. Khuluma ngalokho okudinga ukwenziwa, kungani kudingeka kwenziwe, nokuthi kuhlobana kanjani nemigomo yethu njengoFakazi BakaJehova. Yibe usuchaza ukuthi lokho okudingeka kwenziwe kuzokwenziwaphi, nini futhi kanjani.

Kuthiwani uma inkulumo yakho idinga ukuba ukhulume ‘ngezinto ezijulile zikaNkulunkulu.’ (1 Kor. 2:10) Uma uqala ngokusho amaphuzu endaba ayisihluthulelo bese uwachaza, imininingwane iyosheshe iqondakale. Futhi uma uphetha ngokubukeza indaba kafushane, cishe uyoshiya izilaleli zakho zinomuzwa wokwaneliseka ngokuthi ngempela kukhona ezikufundile.

Iseluleko Ngokuphila KobuKristu. Izilaleli zakho ziyozuza ngokukhethekile uma uzisiza zibone indlela indaba yakho esebenza ngayo ekuphileni kwazo. Njengoba uhlola imibhalo esendabeni oyabelwe, zibuze, ‘Le ndaba yagcinelwani emiBhalweni kuze kube sosukwini lwethu?’ (Roma 15:4; 1 Kor. 10:11) Cabanga ngezimo zokuphila ezinye izilaleli zakho ezibhekene nazo. Cabanga ngalezo zimo ngokwazo unezeluleko nezimiso zemiBhalo engqondweni. Enkulumweni yakho sebenzisa imiBhalo ukuze ubonise indlela engasiza ngayo umuntu abhekane nezimo ezinjalo ngokuhlakanipha. Gwema ukukha phezulu. Khuluma ngezimo zengqondo nezenzo eziqondile.

Zisuka nje, sebenzisa okukodwa noma okubili kwalokhu kusikisela okungenhla enkulumweni oyilungiselelayo. Njengoba uya ujwayela, sebenzisa okwengeziwe. Ngemva kwesikhathi, uyothola ukuthi izilaleli zibheka phambili ezinkulumweni zakho, ziqiniseka ukuthi ziyokuzwa okuthile okuyozizuzisa ngempela.

INDLELA YOKUKWENZA

  • Cabanga ngalokho izilaleli zakho esezikwazi kakade ngendaba.

  • Linganisa kahle ijubane onikeza ngalo inkulumo—usheshe uma kungamaphuzu aziwayo, ungasheshi kakhulu uma kungamaphuzu amasha.

  • Ungagcini nje ngokusho amaqiniso athile; veza ukuthi asho ukuthini nokuthi abaluleke ngani.

  • Shukumisa ukucabanga kwakho siqu ngokubuza: Yini? Kungani? Nini? Kuphi? Ubani? Kanjani?

  • Zinike isikhathi sokucubungula imiBhalo engqondweni; naba ezingxenyeni ezithile zayo.

  • Sebenzisa ukufanisa nokuqhathanisa.

  • Bukeza indaba yakho ngokufingqiwe.

  • Bonisa indlela yokusebenzisa indaba ukuze uxazulule izinkinga futhi wenze izinqumo.

IZIVIVINYO: (1) Yenza ucwaningo ukuze uthole isici esithile esizuzisayo sombhalo ojwayelekile, njengoMathewu 24:14 noma uJohane 17:3. (2) Funda izAga 8:30, 31 noJohane 5:20. Ukuzindla ngobuhlobo phakathi kukaJehova uNkulunkulu noKristu Jesu njengoba kuchazwe kulawo mavesi, kukwenza kanjani ukwazi ukusebenzisa leyo mibhalo ukuze uzuzise umkhaya?

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela