Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • lmd isif. 7
  • Phikelela

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Phikelela
  • Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • Lokho UPawulu Akwenza
  • Sifundani KuPawulu?
  • Lingisa UPawulu
  • Thobeka
    Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Khuluma Ngezinto Abantu Abazithandayo
    Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Bekezela
    Thanda Abantu—Wenze Abafundi
  • Kufanele Sibuyele Nini Kwabanesithakazelo?
    INkonzo Yethu YoMbuso Ka-2009
Bheka Okunye
Thanda Abantu—Wenze Abafundi
lmd isif. 7

UKUBUYELA KOXOXE NAYE

The apostle Paul sharing the good news with a group of people in a school auditorium.

IzEnzo 19:8-10

ISIFUNDO 7

Phikelela

Isimiso: “Baqhubeka ngaphandle kokuyekethisa, befundisa futhi bememezela izindaba ezinhle.” —IzE. 5:42.

Lokho UPawulu Akwenza

Umphostoli uPawulu uxoxela abantu izindaba ezinhle ehholo lesikole.

IVIDIYO: UPawulu Uyaphikelela E-Efesu

1. Bukela IVIDIYO, noma ufunde izEnzo 19:8-10. Ngemva kwalokho, phendula le mibuzo elandelayo:

  1. Kunokuba ashiye phansi lapho abanye bemphikisa, uPawulu waphikelela kanjani ekusizeni abanye ababethanda ukulalela izindaba ezinhle?

  2. UPawulu wayephindela kangaki kubantu ababethanda ukulalela izindaba ezinhle futhi wakwenza isikhathi esingakanani lokho?

Sifundani KuPawulu?

2. Kudingeka sizinike isikhathi futhi senze umzamo ukuze senze izimpindelo eziphumelelayo, siqale nezifundo zeBhayibheli.

Lingisa UPawulu

3. Hlela isikhathi sakho sivumelane nesomuntu oxoxe naye. Zibuze: ‘Yisiphi isikhathi engicabanga ukuthi ngingamthola ngaso? Yena angatholakala ngasiphi isikhathi futhi kuphi?’ Kulungele ukuphindela kuye ngisho noma kungesona isikhathi esikahle kuwe.

4. Hlela ukuthi nizoxoxa nini. Ekupheleni kwengxoxo ngayinye, zama ukuthola ukuthi yisiphi isikhathi esiqondile ongaphinde uxoxe ngaso nalowo muntu. Qiniseka ukuthi uyasigcina leso sikhathi.

5. Ungalilahli ithemba. Ungasheshi uphethe ngokuthi umuntu ohlale engekho ekhaya noma ohlale ematasa akathandi ukulalela izindaba ezinhle. (1 Kor. 13:4, 7) Kodwa, nakuba kufanele uphikelele, kufanele usisebenzise kahle isikhathi sakho.—1 Kor. 9:26.

BHEKA NALE MIBHALO

IzE. 10:42; 1 Kor. 9:22, 23; 2 Kor. 4:1; Gal. 6:9

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela