Imibuzo Evela Kubafundi
■ Ingabe kulungile ngamaKristu “ukuphuzela ithosi [toast]” lapho ehlangene?
Kwamanye amazwe, lapho abantu abazanayo bezokwahlukana, balungiselela utshwala obuthile bokwahlukana, kuphakanyiswe izingilazi zishayaniswe futhi kuhambisane namazwi athi ‘mpilonde’ noma okuthile okufanayo. Ezidlweni zasemishadweni ngokuvamile “ithosi” yenzelwa ngokufanayo impilo nenjabulo yabasanda kushada. Ngokufanelekile abanye baye babuza ukuthi kungaba okufanelekile yini ngokomBhalo ngamaKristu ukuhlanganyela kuma“thosi” anjalo.
Ngokuqinisekile akukho lutho olubi ngokuba umKristu afisele umngane injabulo nempilo enhle. Futhi kungebe okungafanelekile ukwenza kanjalo njengeqembu. Amadoda amadala ekhulwini lokuqala aphetha incwadi yawo eya emabandleni obuKristu ngamazwi asho ngokuyinhloko ukuthi, “Sinifisela impilo enhle!”—IzEnzo 15:29, NW.
Kodwa ingabe yilokho kuphela okuhileleke ku“thosi”? Kungani abenza “ithosi” bephakamisa izingilazi zabo, noma bephakamisa izinkomishi zabo bazishayanise? Ingabe kulingiswa isiko elithile? Phawula ukuthi iEncyclopædia Britannica, Inguq. 11, Umqulu 13, ikhasi 121, ithini:
“Isiko lokuphuzela ‘impilo enhle’ yabaphilayo kunokwenzeka kakhulu lithathelwa esikweni lenkolo lasendulo lokuphuzela izithixo nabafileyo. AmaGreki namaRoma ezidlweni ayethelela izithixo zawo utshwala, nasemadilini ephuzela zona nabafileyo.” Khona-ke, ngemva kokubonisa indlela amasiko anjalo obuqaba asala ngayo phakathi kwabantu abangamaScandinavian namaTeutonic, incwadi ekhuluma ngabo iyenezela: “Okuhlobene eduze nalamasiko okuphuza okungathi okomnikelo kumelwe ukuba ukuphuzela impilo enhle yabantu abaphilayo.”
Lapho abantu abaningi behlanganyela ku“thosi” kunokwenzeka akukho ezingqondweni zabo ukuthi balingisa isiko lokuphakamisa umnikelo owuketshezi onikelwa ezithixweni zobuqaba, nokho lokho kungaba njalo. Ngaphandle kokungabaza, umKristu othembekile akanakuhlanganyela konjalo umnikelo ongokoqobo wobuqaba, eqaphela ukuthi “ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni.” (1 Korinte 10:21) UmKristu ovuthiwe futhi uyogwema ngisho nokulingisa amasiko enkolo yamanga. Lenkambo yokuvuthwa ngokomoya iyomthokozisa uJehova. Khumbula, uNkulunkulu ngokukhethekile waxwayisa amaIsrayeli ngokulingisa izenzo zenkolo zezizwe ezingamaqaba ezaziwazungezile.—Levitikusi 19:27; 21:5.
Uma umKristu ezocelela omunye isibusiso saphezulu, khona-ke indlela efanelekile yokwenza lokho iwukuthandaza kuNkulunkulu ngokusuka enhliziyweni, hhayi ngokulandela amasiko asekelwe ekukhulekeleni kobuqaba uJehova awenyanyayo.—Filipi 1:9; 2 Korinte 1:11.
Amasiko nemikhuba kugcwele kuwo wonke umhlaba. Uma umKristu ovuthiwe azi ukuthi elithile lisekelwe ngokuqondile enkolweni yamanga, uyoligwema. Kodwa akuwona wonke amasiko angafanelekile. Amanye angase abe nje izenzo zasendaweni noma imikhutshana engadabuki enkolweni yamanga, njengokubingelela ngokuxhawulana izandla noma ukukhothama. (Genesise 23:7) Umuntu ngamunye angacabangela lokho akwaziyo ngesiko elithile nangesisusa sakhe siqu maqondana nalo. Ukuthi nje kungani elenza? Angase futhi azibuze ukuthi, ‘ingabe ukwenza lokhu kuyabakhuba abanye noma ingabe abantu endaweni bayohlanganisa izenzo zami nenkolo yamanga?’ (1 Korinte 10:32, 33) Akekho omunye ongasebenza njengonembeza womKristu othile; ngakho-ke ngamunye angazicabangela indaba futhi enze isinqumo ukuze abe nonembeza omsulwa.—IzEnzo 23:1, 2; 2 Korinte 1:12.