Ukuthandazela—Kusebenza Kanjani?
‘“WENA ntombazane efake okokusekela intamo, kukhumule. Ususindile. Woza lapha ubonge uJesu.” Intombazane iyasukuma esihlalweni iya ealtare. Ithi iye yahlinzwa izikhathi eziyi-12 futhi ibigogekile kusukela ngo-1973. Imi phambi kompristi, inyakazisa intamo iyiyisa emuva naphambili. Umpristi uyayibusisa, isixuku siyahlokoma futhi umpristi uthi: “Isisindile!”’
Cabanga injabulo yomuntu owelashwe ufehlane! Ingabe izinto ezinjalo ziyenzeka ngempela?
Imibiko enjengalona kuSunday Telegram yaseWorcester isikisela ukuthi kungenzeka. Akumangalisi ukuthi ukuthandazela kwanamuhla kukhanga abaningi. Abantu abagulayo bathutheleka kubathandazi, bethemba ukuthi bazolapheka. Ingabe amathemba abo ayafezeka? Ingabe ukuthandazela kuyasiza ngempela ekuguleni? Kusebenza kanjani?
KUYINI KHONA?
Eqinisweni, ukuthandazela kuyizinhlobonhlobo. ENtshonalanga, kuvamise ukwenziwa ezinkonzweni eziqhutshwa ngabavangeli noma abefundisi bezinkolo ezinkulu—mhlawumbe abesonto likamoya. Labathandazi bathi balingisa uJesu Kristu nabaphostoli bakhe, futhi banomuzwa wokuthi amandla abo bawathatha kuNkulunkulu.
Elinye iqembu linga“belaphi” abangebona abezinkolo zobuKristu—abalumbi, izangoma, nezinyanga, njll. Laba bakholelwa ukuthi ukugula kubangelwa omoya ababi, futhi benza imigidi yokuxosha lemimoya.
Futhi kukhona okuthiwa “odokotela abahlinza ngamandla angesiwo awemvelo” abenza lokhu abakubiza ngokuthi “ukuhlinza ngamandla angewona awemvelo.” EPhilippines, ngokwesibonelo, bathi bakwazi ukufaka izandla zabo emzimbeni womuntu ogulayo futhi bakhiphe izicubu zenyama enesifo namahlule. Kubikwa ukuthi, “iziguli” zabo zisuke zizwa futhi akukho zibazi ezivela kamuva.
Okokugcina, kukhona labo abathi “ukwelapha” kwabo akuhlangene ngalutho nenkolo noma ukholo. Bakhuluma ngakho njengenqubo yemvelo, indlela yokudonsa amandla elaphayo ayimfihlakalo asizungezile, noma asemzimbeni uqobo. Abanye balaba bakhetha ukubizwa ngokuthi “abelaphi abangesibo abemvelo” kunokubizwa ngokuthi “abathandazi.”
INGABE KUYASEBENZA?
Impendulo kulokhu iyoxhomeka kulowo ombuzayo. Abakukholelwayo bayokutshela ngokwelapha abaye bakubona noma kwenziwa kubo. Abangabazayo bayokutshela ngezinhloli eziye zaphenya lokhu kwelapha okuthiwa kuyisimangaliso nokuthi ziye zafinyelela esiphethweni sokuthi akwenzeki. Kungani kunokuphambana?
Khathisimbe kunokwenzeka kube khona ukungaqondisisi. Omunye wesifazane wayekholelwa ngokuqotho ukuthi wayelaphekile ekhenseni yesizalo. Wayethole ukuhlolwa kwasemtholampilo okwabonisa sengathi unekhensa; ngakho waya kumthandazi. Ngesikhathi esilandelayo wahlolwa, wayengenayo. Uyaqiniseka ukuthi umthandazi wamelapha. Kodwa udokotela wakhe wathi imiphumela yokuhlola kokuqala yayinephutha, njengoba ngezinye izikhathi kwenzeka.
Ngezinye izikhathi, abantu abathembela kakhulu emlingweni bazifaka ekucabangeni kokufisa. Intombazane encane eyayiphethwe ikhensa kabi yaya kumthandazi. Kamuva yabuye yahlolwa udokotela wayo. “Lapho udokotela engibona wabamba ongezansi,” isho ngokujabula. “Kwakufanele ngife ngemva kwezinyanga ezimbili. Kodwa akwenzekanga lutho . . . Akumelwe ukuba ngiyaphila kodwa angazi ukuthi kungani uNkulunkulu engisindisile.” Okudabukisayo, kungakapheli nonyaka kamuva yabe isifile.
Ngesinye isikhathi, udokotela wacashunwa ethi ukusinda kwesiguli sakhe kwakuyisimangaliso. Nokho, lapho intatheli yephepha ilandelela indaba, udokotela wathi lelizwi “isimangaliso” laliyi“sifenqo.” Wayeqiniseka ukuthi ukusinda “kwakuyisehlakalo semvelo.” “Angiboni ukuthi singakufakazela ukuthi uNkulunkulu wangenela ngokwakhe,” esho. “Ngiye ngabona into efanayo yenzeka lapho ukuthandazela kungahilelekile.”
Kunamaqiniso enza kube nzima ukunquma ukuthi yini ngempela eyenza u“kusinda” okuthile. Amandla engqondo empilweni yomzimba awakaqondwa ngokuphelele. Ukuqhubeka kwezifo eziningi akuchazeki. Ezinye ziyaziphelela kodwa akwaziwa okuziqedayo. Eziningi zilashwa umzimba ngokwawo, ngezinye izikhathi ngosizo lwemithi. UDr. William A. Nolan wasikisela ukuthi kungase kube ukuthi umzwelo ojulile ngezinye izinkonzo zokwelapha wenza okunye ukugula kwelapheke ngokushesha kunokuba bekuzoba njalo. Kumelwe kuphawulwe futhi ukuthi okuningi okuthiwa ukusinda kumane kuwubungcono obuncane nje empilweni yomuntu ogulayo.
Abanye abathandazi bayaqaphela ukuthi kungenzeka ukuthi okuningi ukusinda akusona isimangaliso. Umpristi kamoya wathi: “Okunye [ukusinda] kungokomzimba, okunye kubangwa ukuthinteka kwemizwelo okukhulu futhi okunye kungachazwa ngokuthi kubangelwa imvelo.” Khona-ke wanezela: “Anginayo inkinga ngalokho ngoba kusengokoqobo.”
Iqiniso, akubona bonke abamukela umqondo wokuthi lokhu kusinda kunencazelo engokwemvelo. Abaningi bakholelwa ngobuqotho ukuthi izimangaliso ziyenzeka nokuthi abagulayo bayaphiliswa ngamandla athile angaphezu kwawomuntu. Ngakho-ke, umuntu obuzayo angacabanga ngalendlela: ‘Yebo, ukuthandazela kungasebenza noma kungasebenzi. Kodwa kunayiphi ingozi ukukuzama?’ Lona umbuzo obalulekile.