Watchtower UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
Watchtower
UMTAPO OKUYI-INTHANETHI
IsiZulu
  • IBHAYIBHELI
  • IZINCWADI
  • IMIHLANGANO
  • w82 2/15 kk. 25-31
  • Ukuphenduka Okubuyisela KuNkulunkulu

Ayikho ividiyo kulokhu okukhethile.

Uxolo, kube nenkinga ekufakeni ividiyo oyifunayo.

  • Ukuphenduka Okubuyisela KuNkulunkulu
  • INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
  • Izihlokwana
  • Indaba Ethi Ayifane
  • UKUTHATHA IZINYATHELO ZOKUBUYELA KUNKULUNKULU
  • UKUSOLA NGEZWI LIKANKULUNKULU
  • “UBASOLE PHAMBI KWABO BONKE”
  • INGABE UPHENDUKILE?
  • “IMISEBENZI EFANELE UKUPHENDUKA”
  • UKUSIZA IBANDLA
  • Ukumbonisa Uthando Nesihe Umuntu Owenze Isono
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
  • Ukulondoloza Ukuthula Nokuhlanzeka Kwebandla
    Ukuhlelelwa Ukwenza Intando KaJehova
  • Samukele Njalo Isiyalo SikaJehova
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-2006
  • Ukusiza Labo Abasusiwe Ebandleni
    INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova (Efundwayo)—2024
Bheka Okunye
INqabayokulinda Ememezela UMbuso KaJehova Ka-1982
w82 2/15 kk. 25-31

Ukuphenduka Okubuyisela KuNkulunkulu

“Ubumnene bukaNkulunkulu bukuyisa ekuphendukeni.”—Roma 2:4.

1, 2. Simelwe sijabuleleni ngokuqondene nesono nombono kaNkulunkulu?

OMUNYE nomunye wethu angakhuthazwa ngamazwi omhubi uDavide:

“UJehova unobubele nesihawu;

wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

Akasiphathi njengokufanele izono zethu,

akasivuzi njengokwamacala ethu.

Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,

kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

Ngokuba uyakwazi ukubunjwa kwethu;

uyakhumbula ukuthi siluthuli.”—AmaH. 103:8, 10, 13, 14.

2 Ngisho nakuba uNkulunkulu eqaphela ukuthi sonke siyizoni, ufuna ukusisiza futhi uzimisele ukusithethelela. (AmaH. 32:1, 2) Ngakho-ke, ukuqonda kwethu ngoNkulunkulu, akunakuba okuqondile uma singamukeli umbono wakhe ophelele ngesono. Nakuba AmaHubo 103 esiqinisekisa ukuthi uJehova “uthethelela zonke izono [zethu],” abonisa futhi isibopho sethu, ethi: “Kepha umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, . . . bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.”—AmaH. 103:3, 17, 18.

3. Kungani ukuphenduka kubalulekile?

3 Kuthiwani-ke uma umuntu enza isono esingathi sína, engaphenduki futhi afune umusa kayise uNkulunkulu, kodwa eqhubeka enza isono? UEksodusi 34:6, 7 usichazela ngoJehova. Ngemva kokugcizelela umusa wakhe, ukwephuza kwakhe ukuthukuthela nokufuna ukuthethelela ukuphambeka, uyanezela: “Ongayikuyekela onecala.” (Qhathanisa noNumeri 25:1-5; Hezekeli 33:12, 13.) Ngakho-ke, akumelwe sizichachazele ngomusa wakhe noma siwuthathe kalula. Khona-ke, yini isikhonzi seqiniso okumelwe siyenze uma singena esonweni?

UKUTHATHA IZINYATHELO ZOKUBUYELA KUNKULUNKULU

4. Singayithola kanjani intethelelo? (2 IziKr. 7:13, 14)

4 UmKristu oye wona emthethweni kaNkulunkulu udinga intethelelo. Ubani ongenza lokho? Eqinisweni, uNkulunkulu kuphela. Umphostoli uJohane wabhala: “Uma sizivuma izono zethu [kuNkulunkulu], uthembekile, ulungile ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.”—1 Joh. 1:9; 2:1.

5, 6. Siyini iseluleko sikaJakobe 5:14-16, futhi kungani kungokunengqondo ngomoni ukuba alandele lesoseluleko?

5 Endabeni yesono esingathi sína, uNkulunkulu ululeka ngokuhlakanipha ukuthi umKristu ‘ovuma izono zakhe’ kufanele athathe isinyathelo esingaphezulu. Emongweni wendaba obonisa ngokusobala ukugula okungokomoya okuhilela “izono,” umfundi uJakobe wabhala: “Kukhona ogulayo phakathi kwenu na? Makabize amalunga ebandla [noma abadala], amkhulekele, . . . Umkhuleko wokukholwa uyakumsindisa ogulayo, iNkosi imvuse; noma enzile izono, uzakuthethelelwa zona.”—Jak. 5:14-16.

6 Lesisinyathelo sihle, ngoba umKristu oye wangena esonweni esingathi sína ubonisa ukugula okungokomoya ngezinga elithile nesidingo sosizo. Angazuza emkhulekweni wokukholwa ‘wamadoda amadala ebandla.’ Futhi asesimweni sokumnikeza iseluleko seBhayibheli nokumsiza ukuze abuye athole amandla angokomoya. Ngokungaphezulu, okunye ukona kungaphumela ekoneni ebandleni lobuKristu, ngoba kuletha isihlamba nokudumazeka kubantu bakaNkulunkulu. Lokhu kwenza kube okufaneleke kakhulu ukuba isoni esinjalo sifune usizo lwabadala.—2 Kor. 2:10.

7. Abadala baziswa kanjani ngokwenziwa kobubi ukuze banikeze usizo? (IzAga 28:23; 29:24)

7 Kubonisa ukuhlakanipha nokuzithoba komKristu onecala lesono esingathi sína ukuba aye kwabadala ngokwakhe. “Ofihla iziphambeko zakhe akayikuphumelela, kepha ozivumayo azishiye uyakuthola umusa.” (IzAga 28:13) Ngezinye izikhathi, ngenxa yokuphoxeka, umuzwa wecala noma ukuntula ukudabuka kwenhliziyo isoni asiyi kwabadala, njengoba uJakobe eluleka. Noma imuphi umKristu owaziyo ngesono kumelwe akhuthaze umoni ukuba abuye ekuphambukeni kwakhe futhi afune usizo olungokomoya aludingayo. Uma umoni engayi kwabadala, omunye umKristu kumelwe abazise ukuze banikeze usizo oludingekayo. Onke amaKristu kumelwe afune ‘ukubuyisa isoni ekudukeni kwendlela yaso’ futhi kanjalo be‘sindisa umphefumulo waso ekufeni.’—Jak. 5:19, 20.

UKUSOLA NGEZWI LIKANKULUNKULU

8. Abadala baqhubeka kanjani ekuhleleni umhlangano wekomiti?

8 Uma ikomiti yokwahlulela ihlangana ngokuqondene nokwenziwa kobubi, ifuna ngomthandazo ukuqondisa kukaJehova. Ngendlela efanelekile yabelusi abanothando, abadala baxoxa ngesineke nomuntu lokho okubonakala kuyinkinga noma kuwukona. (Efe. 5:1, 2; 1 Pet. 5:2, 3) Ngisho nalapho kukhona ofakazi abaqinisa ukuthi ukona kuye kwenzeka, ikomiti yokwahlulela ikhuthaza umuntu ukuba axoxe ngomusa hhayi kuphela isiphambeko kodwa nokwamholela kuso nokuthi uzizwa kanjani ngaso. (Dut. 19:15; Joh. 8:17) Kungani lokhu kudingekile?

9, 10. Ekuzweni kwekomiti ngokuqondene nokwenziwa kobubi, yini abadala abazama ukuyenza? (AmaH. 51:13)

9 Nakuba abadala abalalele indaba belithola icala noma bebonisa othile ngokona kwakhe, isithakazelo esiyinhloko siwukusiza umzalwane wabo ongumKristu oye waduka. Bafuna ukumenza aphenduke ukuze ‘kufike ukuhlunyelelwa okuvela ebusweni [bukaJehova].’ (IzE. 3:20) Uma umuntu engabuvumi ububi, abone isimo sabo esibi noma abone isidingo sokuphenduka, bangase banikeze ‘ubufakazi obanelisayo ngokuqondene nesono sakhe nangokuqondene nokulunga.’ (Qhathanisa noJohane 16:8.) Kodwa ekunikezeni ukusola okunjalo kokwesaba uNkulunkulu akumelwe babe abaphindiselayo noma abakhahlayo. IBhayibheli liyanxusa: “Sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa.” (2 Thim. 4:1, 2) Ngokusola okuqinile, okunomusa nokokubekezela, bangase bakwazi ukufinyelela inhliziyo yesoni, basisize ukuba sizonde okubi futhi sibuyele kuNkulunkulu.—Jer. 3:12, 13.

10 Singase sifunde esibonelweni sikaEzra. Wawabonisa ngokukhanyayo amaJuda isiphambeko sawo. Lokho ngokuyinhloko kwakungekhona ukuwadumaza, kodwa ukuwayekisa, ukuthinta izinhliziyo zawo, ukuwenza azonde okubi futhi aphenduke. Ayedinga ukuvuma izono kuJehova futhi enze ngokuvumelana nalokho ngokwenza lokho okwakungasula ububi bawo. (Ezra 10:7-14) Ngokufanayo, ikomiti esingatha udaba lwesono esingathi sína ifuna ukusiza umoni ukuba abone ubukhulu bobubi nokuba ezwe enhliziyweni yakhe isidingo sokuba aphenduke.—Isaya 1:18.

“UBASOLE PHAMBI KWABO BONKE”

11. Obani abadinga ukusolwa okungokomBhalo?

11 Ngokuphathelene nemihlangano yokwahlulela nomoni, abadala basebenzisa iseluleko samazwi omphostoli uPawulu kuThimothewu: “Abonayo ubasole phambi kwabo bonke [ngokuqondile, “bebona bonke”] ukuze nabanye besabe.” (1 Thim. 5:20) Laba boni bangabantu ‘abaye baphikelela esonweni’ (Revised Standard Version) noma “abaqhubeka esonweni” (New American Standard Bible) kuze kube sesikhathini lapho ukusola kunikezwa khona ngokoqobo.

12. Ikomiti yokwahlulela isisebenzisa kanjani iseluleko esikweyo-1 Thimothewu 5:20?

12 Ekhulwini lokuqala, uThimothewu, njengesithunywa esingokomthetho sikamphostoli uPawulu, wayengase awulandele lowomyalo olotshiwe ‘bebona bonke’ abathintekile, nomoni ekhona. Namuhla ukusola okunjalo ngokuvamile kunikezwa ikomiti emisiwe yabadala esikhundleni somuntu oyedwa. Kungase kungadingeki ukuba kuhilele lonke ibandla. Ngasesiphethweni somhlangano wekomiti yokwahlulela, ngemva kokuba icala selitholakele, abadala banikeza ukusola okungokomBhalo ngokuqondene nokona. Banofakazi abafakaza ngesono, futhi abantu abanjalo abanolwazi bayamenywa ukuba bezwe ukusola okungokomBhalo. Kanjalo kunikezwa “phambi kwabo bonke” noma ‘bebona bonke.’ Laba, ababizwa ngokuthi “abanye” kweyo-1 Thimothewu 5:20, kanjalo bangase basizwe ukuba babe nokwesaba okuphilisayo ngokuqondene nesono, babone isidingo sokusigwema isono nezimo ezingaholela kuso.

INGABE UPHENDUKILE?

13. Iyiphi inselele abadala ababhekene nayo ekusingatheni isono esingathi sína?

13 Enye yezinselele ezinkulu zabadala abasingethe udaba lokona iwukunquma noma isoni sibonisa ukuphenduka kweqiniso. Akumelwe banqume ngokubonakala kobuso nje. Ngakho-ke, njengoba bengakwazi ukufunda izinhliziyo, badinga ukusebenzisa ukuhlakanipha okukhulu, ukulinganisela kanye nolwazi ekulinganiseni ububi, ukuhlobana kwabo nomthetho kaNkulunkulu nalokho isoni esikushoyo nesikwenzayo.

14, 15. Kungani abadala kumelwe banakekele ekunqumeni noma othile uphendukile?

14 Abadala akufanele bathathe ngewala ekuphetheni ngokuthi ukuphenduka kukhona. Ngani? Phela, uma ngephutha benquma ukuthi isoni siphendukile, kungaba nengozi kuwo wonke umhlambi. Kodwa siza uphawule isibonelo seBhayibheli esiqhathanisayo esihilela umoni ebandleni laseKorinte. Ngemva kokuba exoshwe isikhathi esithile wabuyiselwa ngoba ephenduke ngempela. Khona-ke abazalwane babezomphatha kanjani? AbaseKorinte, bethembela esinqumweni sokuthi wayephendukile, bakhuthazwa ngomusa ukuba ‘bamthethelele, bamduduze, bamphathe ngothando.’ (2 Kor. 2:6-8) Kungokufanayo nanamuhla uma ikomiti iphetha ngokuthi umoni uphendukile. Kodwa uma benqume kabi indaba futhi babuyisela umoni ongaphendukile ngempela ebandleni, bayobe balimaza ubuqotho nokuhlanzeka okungokomoya kwabo bonke emhlanjini.—1 Kor. 5:6.

15 Yini ikomiti engayibheka ekunqumeni noma umoni uphenduke ngempela? Umuntu ophendukile akazami ukunciphisa noma ukuzithethelela ngenkambo yakhe embi. Uyaqaphela engqondweni yakhe ukungalungi kobubi abenzile futhi ezwe enhliziyweni yakhe ukuzisola okukhulu ngokona kuNkulunkulu. (Jer. 3:25; IzE. 3:19) Kanjalo abadala abasingethe udaba kumelwe baqiniseke ukuthi ukuzisola okunjalo noma ukudabuka kukhona.

16, 17. (a) Imuphi umehluko phakathi ko“kudabuka okuya ngokwezwe” no“kudabuka okuya ngokukaNkulunkulu”? (Heb. 12:16, 17) (b) Izinyembezi noma ubufakazi bemizwelo kusithinta kanjani isinqumo sabadala?

16 Abadala kungase kufuneke bahlukanise phakathi ko“kudabuka okuya ngokwezwe” kanye no“kudabuka okuya ngokukaNkulunkulu [o]kuveza ukuphenduka . . . Kube-ngukusindiswa.” (2 Kor. 7:10) Umuntu onecala lokona angase azizwe edabukile ngokwehluleka kwakhe, enamahloni okudalulwa noma azizwe enyukubele ngoba ezobhekana neseluleko. Kodwa okunjalo “ukudabuka okuya ngokwezwe” akusho ukuthi udabukile ngokona kuNkulunkulu noma ngokuletha isihlamba kuNkulunkulu nakubantu baKhe, okuyizimpawu ‘zokudabuka ngokukaNkulunkulu.’ Nakuba uEsawu aciphiza izinyembezi ngokulahlekelwa ubuzibulo, uJehova wayazi ukuthi uEsawu wayengaphendukile ngempela enhliziyweni. Ngakho, uma umuntu onecala lesono esingathi sína ebihliza izinyembezi, abadala kumelwe bazame ukuqonda noma lokho ‘kudabuka okungokukaNkulunkulu.’ Kungase kube njalo. Osukwini lukaEzra abantu “bakhala ngokukhala okukhulu” ngemva kokuzwa umkhuleko wakhe oqotho ngokuqondene nesono sabo, futhi uPetru wakhala kamunyu ngokuphika uJesu.—Gen. 25:29-34; 27:34; Ezra 10:1; Luka 22:59-62.

17 Lezibonelo ezingokomBhalo zigcizelela ukuthi kungani abadala bengenakunquma nje ngokubonakala kwemizwelo. Abantu bayehlukana ngokwakheka kwemizwelo nokuzibamba. Ngakho noma kukhona izinyembezi noma qha, into ebalulekile iwukuthi umoni uthintekile enhliziyweni, unomunyu noma unokuzisola okujulile ngokuthukuthelisa uJehova nokulimaza ubuhlobo bakhe noNkulunkulu. (AmaH. 51:1-4) Ngakho-ke, abadala ngokufanelekile bangahlola noma umoni uye wavuma ngomthandazo kuJehova, efuna intethelelo kaNkulunkulu, njengoba uDavide enza.—AmaH. 32:3-5; 41:4; Jer. 31:19.

18. Kubonakala kanjani ukuvuma?

18 Uma umoni evume ngokuzithandela ku“malungu [amadoda amadala] ebandla,” lokho kungaba uphawu olusizayo mayelana nesimo senhliziyo yakhe. (Jak. 5:14, 16) Nokho, kuthiwani uma engavumi ngokuzithandela futhi indaba isitholakala ngobufakazi abhekene nabo noma ngobufakazi babafakazayo? Angase asizwe (khona emhlanganweni), evuma isono sakhe. (Phawula isibonelo sokuphenduka kukaDavide esonweni sakhe noBati-sheba, kweye-2 Samuweli 12:1-13.) Kodwa, ikakhulukazi uma ukusola okukhulu kuye kwadingeka ukuba kunikezwe ngaphambi kokuba umoni aqale ukusho amazwi okuphenduka, ikomiti kumelwe iqaphele. Kumelwe iqiniseke ngesimo sokushintsha kwenhliziyo yomoni nokuthi unentshiseko yokulungisa ububi nokuthi uzimisele ngokuphelele ukubugwema esikhathi esizayo.—2 Kor. 7:10, 11; IsAm. 3:19.

19. Kumelwe azizwe kanjani umoni ophendukile ngokuqondene nebandla?

19 Umoni kumelwe abe nokudabuka ngehlazo alilethe ebandleni likaNkulunkulu. Lapho uDavide ona ngokubala abantu futhi wabona ayekwenzile, wasivuma isenzo sakhe sobuwula. Khona-ke lapho ebona imiphumela esabekayo kuso sonke isizwe, washukunyiselwa ukuba athi: “Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezizimvu zenzeni na?” (2 Sam. 24:10, 17) Ngakho-ke, ingabe umoni ubonisa ukuzisola okuqotho ngesihlamba, izinkinga nosizi okunokwenzeka uye waluletha ebandleni?

“IMISEBENZI EFANELE UKUPHENDUKA”

20-22. (a) Imiphi “imisebenzi,” noma “izithelo,” abadala abayozihlola? (b) Chaza indlela ophendukile angaveza ngayo “izithelo” ezinjalo?

20 Umphostoli uPawulu wayala abantu ukuba “baphenduke, baguqukele kuNkulunkulu, benze imisebenzi efanele ukuphenduka.” (IzE. 26:20) Lapho amaJuda ezinsukwini zikaNehemiya ephenduka ekubeni nabafazi bezizwe, athatha isinyathelo esiqinile esibonisa ukuphenduka. (Neh. 9:1, 2; qhathanisa noJona 3:5-10.) Ngakho-ke, ekusingatheni udaba lwesono esingathi sína, abadala bayothakazelela ukubona noma umoni uye ‘waveza izithelo ezifanele ukuphenduka.’—Math. 3:8.

21 Uma one kothile, ingabe uye wasivuma isono sakhe kulowomuntu futhi wacela intethelelo? Ngokwesibonelo, endabeni yokuphinga, ingabe uye wasivuma isono kumngane wakhe ongenacala futhi wacela intethelelo? Noma uma umoni enecala lokuphamba, ingabe kukhona izinyathelo azithathile zokubuyisela lowo olahlekelwe? Kwezinye izimo angase angakwazi ukulungisa wonke umonakalo awenzile, kodwa ingabe uyabunikeza ubufakazi bokuthi izinyathelo ezifanele zizothathwa zokulungisa noma imuphi umonakalo? (Luka 19:8) Iphuzu liwukuthi, kungezinga elingakanani umuntu onecala aye waveza ngalo ‘izithelo ezifanele ukuphenduka’?

22 Mhlawumbe isono sibangelwa ukungasinaki iseluleko esingokomBhalo. Ngokwesibonelo, kungenzeka uye wahlanganyela ekuzijabuliseni nabangane asebenza nabo bezwe, futhi lobubungane obungaphilisiyo bamholela ekuziphatheni okubi. Ngakho ingabe umuntu ophambukile uye wabunqamula lobungane? (IzAga 13:20; 1 Pet. 4:3, 4) Futhi, ingabe uye wazama ukuhlangana njalo nabantu bakaNkulunkulu, futhi wabonisa isifiso esijulile sokudumisa uNkulunkulu njengesikhonzi esihlanzekile? Asikho nesisodwa salezi ‘zithelo’ esiwukuphela kwesisusa sokunquma ukuthi isoni siphendukile. Abadala bayonakekela ukuthi unabangane abakhayo, uba khona emihlanganweni yamaKristu nokuthi ukhuthele enkonzweni yasensimini, ngoba bamukela umbono kaNkulunkulu wokuthi kumelwe kube khona “imisebenzi efanele ukuphenduka.”

23. Ikomiti idinga ukucabangelani endabeni yesono esiphindwayo?

23 Ikomiti yokwahlulela kumelwe inakekele ukugcina ibandla licocekile futhi kumelwe banakekele ngokukhethekile uma umoni eye waqhubeka isikhathi eside ngasese enza isono esingathi sína. Kungokufanayo futhi uma besebenzelana nomuntu onomkhuba wokona bese ebonakala sengathi uphendukile. Kungenzeka uye wenza ububi izikhathi eziningi, kodwa ngenxa yokuba ebonakala ephenduka uye wasolwa isikhathi ngasinye futhi wavunyelwa ukuba ahlale ebandleni. Manje usebuye wona futhi. Ezimweni ezinjalo, abadala, becabangela inhlalakahle yawo wonke umhlambi, kumelwe babheke noma ukuphila kwakhe kunikeza ubufakazi beqiniso lokuthi uveza “izithelo ezifanele ukuphenduka.” Ingabe akazange ngendlela yokuphila kwakhe abonise ukuthi kuyangabazeka kakhulu ukuthi usebandleni likaNkulunkulu?—AmaH. 119:104; Roma 12:9.

24. Yini ebonisayo noma imihlangano eyengeziwe ingaqhutshwa nomoni? (Hos. 5:4; Math. 21:30)

24 Ngezinye izikhathi isoni siyedlulela noma sithande ukulwa, singabonisi ukuphenduka kweqiniso sifulathela imizamo yobuqotho neyokubekezela yabadala. (UmSh. 8:11) Ababophekile ukuhlangana ngokuphindaphindiwe nomoni onjalo njengokungathi bayamncenga noma bazama ukumcela ukuba aphenduke. Kodwa ngezinye izikhathi bangase bezwe isidingo sokuba babonane nesoni futhi, uma ubufakazi ngokuqondene nemizwa yaso, izisusa nokuphenduka kungakhanyi kahle. Ngemva kokuba sesiye saba nesikhathi sokuthandaza nokucabanga ngengxoxo engaphambili engokomBhalo, ukungabazeka kokuphenduka kwaso kungase kube sobala.

25. Kungani abadala benomthwalo onzima maqondana nokwenziwa kobubi?

25 Umthwalo wemfanelo wabadala ekuboneni ukuphenduka kweqiniso ungosindayo. Kufanele babonise umusa futhi basize abonayo abaphenduke ngempela. Kodwa futhi badinga ukuqaphela bangabi nozwela olungafanele olungaholela ekubeni ‘imvubelo’ eyingozi ihlale ebandleni.—Gal. 5:9.

UKUSIZA IBANDLA

26. Amanye amacala angase asingathwe kanjani uma bembalwa abazi ngokwenziwa kobubi?

26 Kwezinye izimo isono esingathi sína asizange saziwe ngabaningi, futhi kusenokwenzeka singaze saziwa. Mhlawumbe abantu abambalwa kuphela, njengomkhaya oseduze noma ofakazi abambalwa, abaziyo ngesono. (Laba, nakuba ‘beyizibukeli,’ kumelwe baxwayiswe ngokuthi kuyoba ngokungenaluthando ukuhleba ngaso.) Ngakho-ke, uma ikomiti yokwahlulela isiqinisekile ukuthi umoni uphendukile, akukho sidingo sokuba indaba yaziswe abanye, ngoba ‘izibukeli’ zonke ziye zezwa ukusola okungokomBhalo endabeni, futhi isoni siphendukile.

27, 28. Kunini lapho kungaba ukuhlakanipha ukuba ibandla laziswe ukuthi othile usoliwe?

27 Kwezinye izimo isono singase saziwe ngabaningi ebandleni nasemphakathini. Noma isono singase sibe ngendlela yokuthi nakanjani sizokwaziwa abaningi ngemva kwesikhathi. Udaba olunjalo ludinga ukusingathwa ngokwehlukile. Ibandla lonke lidinga ukwaneliswa ngokuqondene nokuthi indaba iye yasingathwa ngokufanelekile. Futhi, bangazuza eselulekweni esingokomBhalo esingabasiza ukuba babe nokwesaba okuphilisayo ngesono.

28 Noma kungase kube khona isimo lapho abadala benomuzwa wokuthi kumelwe kube khona ukuxwaya ngezinga elithile. Ngokwesibonelo, nakuba ephenduke ngobuqotho manje, umoni kungenzeka ngesikhathi esidlule uye wabonisa ubuthakathaka obuthile ekuzimiseleni kwakhe ukugwema indlela eholela esonweni. Ngakho ngenxa yokukhathalela ibandla ukuba lingalinyazwa othile ophakathi kwalo oba ithonya elibulalayo, ikomiti yabadala ingase inqume ukuthi kudingeka kunikezwe inkulumo efundisayo engokomBhalo.

29, 30. (a) Abadala bayolitshela kanjani ibandla? (b) Kungaba nayiphi inzuzo ukusingatha amanye amacala ngalendlela?

29 Kunoma isiphi salezizimo, abadala bebandla bangahlela ukuba bakhulume ngendaba emhlanganweni wenkonzo wamasonto onke, hhayi kweminye imihlangano. Emhlanganweni wenkonzo kungamenyezelwa ukuthi owayengumoni uye wasolwa ikomiti yokwahlulela futhi uye wabonisa ukuphenduka. Futhi, ikomiti yokwahlulela ingase ibone kudingekile ukubeka imingcele ethile. Lena ingahlanganisa ukuba angahlanganyeli ezingxenyeni zomhlangano, angameleli ibandla ngomthandazo, noma mhlawumbe, angayifundi imibhalo noma aphendule emihlanganweni. Uma ikomiti iye yamisa imingcele ethile, ingase yazise abanye abadala noma banomuzwa wokuthi imelwe imenyezelwe yini ebandleni. Imingcele enjalo ingasuswa kancane kancane esikhathini esizayo.

30 Kuso lesosimiso somhlangano wenkonzo, kodwa ngasekupheleni kwaso, umdala owabelwe anganikela inkulumo eqinile engokomBhalo. Akumelwe asho umoni ngegama noma embule imininingwane eqondile yolwazi lwemfihlo olwambulwe emhlanganweni wekomiti yokwahlulela. Kodwa angaxoxa lokho iZwi likaNkulunkulu elikushoyo ngalolohlobo lobubi noma isono esihilelekile kulesosimo, ingozi yaso nendlela yokusigwema. Lonke ibandla lingazuza eselulekweni esinjalo esingokomBhalo.—2 Thim. 4:1, 2.

31. Kumelwe sizizwe kanjani ngokuqondene nombono kaNkulunkulu ngokuphenduka?

31 Sonke kumelwe sikujabulele ngokujulile ukuzimisela kukaJehova ukwamukela ukuphenduka okuqotho. Ngokuqinisekile simelwe si“ngawamukeleli ize umusa kaNkulunkulu.” (2 Kor. 6:1) Uma othile enza lokho, enza isono futhi engaphenduki, uNkulunkulu uyala ibandla ukuba lithathe izinyathelo eziqinile. Lezi kuzokhulunywa ngazo kwelandelayo.

[Ibhokisi ekhasini 31]

YINI OYIFUNDILE NGOKUPHENDUKA?

Uma senza isono esingathi sína, sidinga ukuvuma kuNkulunkulu futhi kumelwe sisebenzise iseluleko esiseZwini lakhe ukuba sifune usizo ‘lwamadoda amadala.’

Emhlanganweni wekomiti yokwahlulela, abadala bafuna ukuthola ukuthi icala liyini futhi balwele ukusiza umoni ukuba aphenduke.

Kulomhlangano, ‘ukusola phambi kwabo bonke,’ kuhilela labo abakhona njengofakazi noma abaziyo ngesono.

Umuntu ophenduke ngempela uye wathinteka enhliziyweni ngokona nangokuhlambalaza uNkulunkulu nabantu baKhe.

Abadala bayobheka ubufakazi be“misebenzi efanele ukuphenduka.”

Nakuba inesithakazelo ekusizeni umoni, ikomiti futhi ikhathalela ukuvikela ibandla ekungcoleni.

    Zulu Publications (1975-2025)
    Phuma
    Ngena
    • IsiZulu
    • Thumela
    • Okukhethayo
    • Copyright © 2025 Watch Tower Bible and Tract Society of Pennsylvania
    • Imibandela Yokusebenzisa Le Webusayithi
    • Imithetho Yokugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • Amasethingi Okugcinwa Kwemininingwane Eyimfihlo
    • JW.ORG
    • Ngena
    Thumela